Now Reading
Ngabe uNhleko uzovala esikaZuma ePhalamende
Dark Light

Ngabe uNhleko uzovala esikaZuma ePhalamende

Ukunqoba kweKhomishini Ezimele Yokhetho ecaleni ebibhekene kulo ne-ANC ngodaba lokubhaliswa koMkhonto Wesizwe njengeqembu lezepolitiki sekuvule uhologo labaxebuka kuKhongolose. 

Ukunqoba kwe-IEC kuleli cala kufane nokuwela ngelibanzi kweMK esizokwazi ukungenela ukhetho. Bekubanjwe umoya ngesinqumo seNkantolo Yezokhetho ebesizosho ukuthi uma i-IEC ikhala ngaphansi, bekuzoba ukulizwa ngendaba ukhetho kuMkhonto Wesizwe.

Ukuphumelela koMkhonto kuholele ekuveleni kwabaningi abalaxaze i-ANC bajoyina ezikaZuma. Kuqale ngamakhansela ayisithupha kuMasipala uMzumbe ethi asekhathele inkohlakalo ku-ANC. Lamakhansela abayingxenye yamalungu eMK abezozimazisa leliqembu eNkantolo eNkulu eThekwini ngoLwesithathu. OwayenguSomlomo kulo masipala uSibonelo Maphumulo uthe akangabazi ukuthi uzobuyela eMkhandlwini ngethikithi loMkhonto.

Ngenyanga edlule leli phephandaba lakuveza ukuthi igama likaMnu uNathi Nhleko lavela ohlwini labaholi abaphezulu kuMkhonto Wesizwe njengoMgqugquzeli Kazwelonke. UNhleko ubengomunye wabaholi abanohlonze kuKhongolose KwaZulu-Natal, aziwa ngokusondelana kakhulu noMnu uZuma. Phakathi komsebenzi anikwe wona kulezi zinyanga ezimbili ezisele ngaphambi kokuba kuyiwe okhsthweni ukuvukuza abalandeli, ukuqinisa amagatsha nokulanda labo abasahleli ku-ANC.

Njengoba izolo iNhlangano Ezimele Yokhetho inqume ukuthi uMnu uZuma angeke akwazi ukumela iqembu ePhalamende ngenxa yesigwebo, kukhulu ukukhuluma okuthi uNhleko angahola leli qembu ePhalamende ngokubambisana noMnu uJabulani Khumalo. Imibiko engaqinisekiswanga izolo ithe omunye osejoyine uMkhonto uDkt uKgosi Letlape. Ngehora lesihlanu ntambama kuthe kuvalwa ukufakwa kwezikhalo nezimangalo ngamalungu omphakathi ngamagama asohlwini lamaqembu abaya ePhalamende kwavela abevile kwama-20 umphakathi ongenelisekile ngabo.

UDkt Letlapa ubengomunye wezingcithabuchopho zale nhlangano. Phambilini wayenguMengameli Womkhandlu Wodokotela nabasebenzi Bezempilo, iHealth Professional Council of South Africa. 

See Also

Kule mpelasonto uNhleko usemkhankasweni kazwelonke wokuhambela amagatsha oMkhonto Wesizwe ezweni ngokubambisana nobuholi obusha besikhashana obuqokwe kuleli sonto. Ngaphambi kokushiya ku-ANC uNhleko owayenguNgqongqoshe Wamaphoyisa ngaphansi kukaMengali uZuma washiya angalazi ngoNobhala Jikelele uMnu uFikile Mbalula embiza “ngoginquthuvi” .

Waveza ukuthi ngesikhathi ejoyina i-ANC, wayengazi lutho ngenqubomgomo, babengagxilile ezikhundleni. “Esasikwazi ukuthi abantu babedinga ukukhululwa, kwakumele silwe siyimbumba ukuze lokho kuphumelele,” kusho uNhleko. eqhuba uthe eminyakeni edlule uqaphele ukuthi akasayiboni le-ANC azibandakanya nayo, eyabe ilwela ukukhululeka kwabantu. 

Scroll To Top