AbeMK bavivela ukweseka uReddy eNkantolo


Uma kuya ngemiyalezo ebisabalaliswa ezinkundleni zokuxhumana kugqugquzelwa amalungu oMkhonto Wesizwe ukuba aphume ngobuningi eNkantolo yeMantshi eChatsworth, le Nkantolo kubhekeke ukuba ivale ngomuntu emnyango namuhla ekuseni. AbeMK bazobe bezokweseka umholi kazwelonke waleli qembu uMnu uVisvin Reddy oyiSekela Mgqugquzeli kuzwelonke.
UReddy ubekwe icala ngaphansi koMthetho iRiotous Assemblies Act 17 yowezi-1957 ngenkulumo ayenza lapho athi uma iMK ingekho ohlwini lwamaqembu azongenela ukhetho buyochitheka bugayiwe. Le nkulumo yathathwa njengenezinhloso zokuvukuza udlame olungaholelela ekufeni kwabantu.
Akuyena uReddy kuphela owaphimisa izinkulumo ezazikwakala njengezinenhlese yokubhedula udlame odabeni lweMK. Umholi wophiko lwentsha kuleli qembu uBonginkosi Khanyile watshela abalandeli baleli qembu ukuthi bayolwa kuze kube sekugcineni uma iMK ivinjwa ukungenela ukhetho. UKhanyile wathi bami ngomumo ngisho kungathunyelwa amasosha bazimisele ngokubhekana nawo. IMK ithi abezobulungiswa ngaphansi kwe-African National Congress bazama ngazo zonke izindlela ukukhombisa amandla nokucindezela iMK njengoba kubhekwe okhethweni. Esitatimendeni iMK ithi ukuthwesa kwakhe leli cala kunyusa izinhlonzi ngedomkhrasi nokukhuluma ngokukhululeka eNingizimu Afrika.
“Simema bonke abeseka amalungelo abantu, izishabasheki zamalungelo abantu nabavikela ubulungiswa ukuba baphume ngobuningi beyokwseka uMnu uReddy njengoba ebhekene nalezi zinsolo eziyinsambatheka,” kusho uNiel Patchapen uSihlalo weMK eSifundeni iTheku.
UPatchapen uthi abakwazi ukuyishaya indiva imizamo ye-ANC yokugudluza iMK endleleni yayo yempumelelo. Ngisho ingane ekhasela eziko iyazi ukuthi uReddy noZuma baboshelwe amanqina enyathi, futhi angeke bamangala uma kungalandela nabanye abaholi baleli qembu ngaphambi kokhetho..