Emizamweni yokuhlangabezana nomnqamulajuqu wokusungulwa kukaHulumeni emuva kokhetho, uMkhonto Wesizwe usuwelule isandla ku-Inkatha Freedom Party ngenhloso yokubambisana ekuphathweni kwesifundazwe.
UMholi we-Inkatha Freedom Party (IFP) uMnu uVelenkosini Hlabisa uthi bazolinda uMkhonto Wesizwe ukuba uphothule zonke izindlela ozisebenzisayo ukuphonsela inselelo imiphumela yokhetho ngaphambi kokuba babheke ukuqala izingxoxo zokubusa ngokubambisana.
Bathwale kanzima abaqaphi bakaMnu uJabulani Khumalo obengumholi woMkhonto Wesizwe ngesikhathi abalandeli baleli qembu bethi abamudle luhlaza.
Ngisho ohlwini lwabaya eSishayamthetho akekho ngoba ubekude le emsileni.
Ukukhuluma kuthi inkulu inkombankombane kubaholi abasesigungwini esiphezulu abadabuka KwaZulu-natal abakhala ngokuthi bebengaziswa ngezinhlelo ze-ANC.
Emuva kokhukhulelangoqo wemashi ye-Economic Freedom Fighters (EFF) enkabeni yeTheku izolo, namuhla Uphiko Lwentsha loMkhonto Wesizwe luhlele eyalo imashi ebheke eCity Hall.
Namuhla amalunga e-Economic Freedom Fighters (EFF) agcwale iTheku nalapho ebesuka eBotha Park kuMarket Street emasha elibangise eCity Hall. UNobhala Jikelele waleli qembu uMnu uMarshall Dlamini ezothula khona umyalezo ewubhekise kubalandeli.
Uyaqhubeka nokufaka ingcindezi ngokuxoshwa kwakhe eqenjini uMkhonto Wesizwe uMnu uJabulani Khumalo.
Amaqembu ezepolitiki aqhubekile nokuqinisa imikhankaso yawo, kwazise sekubalwa izinsuku ezingaphansi kwezili-10 ngaphambi kokhetho lukazwelonke.
Ukube bafolose ngobuholi besifundazwe ngabe umkhankaso uwodloke zisuka.
UMcKenzie uyithwalisa kanzima iDA eWestern Cape.
UMengameli we-African National Congress (ANC) uCyril Ramaphosa usegadle eqenjini uMkhonto Wesizwe (MK) ethi mancane amathuba okuthi lenze kahle okhethweni lwangesonto elizayo.
Emaqenjini ezepolitiki asethule ngokusemthethweni imiqulu yezethembiso zokhetho kubantu kusuka kuqale imikhankaso, kuncane kakhulu ekushoyo ngobuholi…...
Sekungumlando ukuthi owayenguNobhala Jikelele kuKhongolose uMnu u-Ace Magashule neqembu lakhe i-African Congress for Transportation ngeke babe yingxenye yamaqembu azongenela ukhetho lukazwelonke nolwezifundazwe zingama-29 kuNhlaba.
USihlalo we-IFP esifundazweni iKwaZulu-Natal uMnu uThami Ntuli, ukhwele wadilika kuNgqongqoshe uDkt uNtuthuko Mahlaba emsola ngokwenza isikhangiso esiyimfundisoze nesihubhuza amanga okuthi nguHulumeni weqembu le-ANC owakha inkundla iMoses Mabhida.
Ukuzozethula kabusha KwaZulu-Natal kanye nokuqhuba imikhankaso emphakathini yiqhinga.
UMtungwa uqale ukuqashelwa ngabaningi uma kuvela ukuthi nguye owabhalisa igama uMkhonto Wesizwe ku-IEC.
Leli qembu yilo kuphela kwasematheni okuze kube yimanje elingakawethuli umqulu wezethembiso zokhetho kubantu yize usuke wasatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana.
Isikhuni sibuya nomkhwezeli ngegidigidi lesikhangiso seDemocratic Alliance (DA) esikhombisa kushiswa ifulegi lakuleli njengophawu lokungqongqa kwezwe.
Umbango oshisa phansi wobuholi boMkhonto Wesizwe phakathi kukaMnu uJacob Zuma noMnu uJabulani Khumalo ongumsunguli waleli qembu akuselula ukuba uthikameze izinhlelo zeKhomishini Ezimele Yokhetho.
Sisengundabamlonyeni isikhangiso sokhetho saleli qembu esikhombisa ukungqongqisa ngomlilo ifulegi lakuleli.
Ukungabikhona kobuholi obuqokiwe eqenjini uMkhonto Wesizwe kuyaqhubeka nokudala ukwehlukana kuleli qembu kulandela ukuvumbuka kolunye uhlaka oGwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal oluthi yilo olunamandla okuthatha izinqumo.
UNkk uNonkululeko MaHlongwane Mhlongo omele iRise Mzansi embangweni wokuba uNdunankulu KwaZulu-Natal, uthi akumfaki itwetwe ukuthi ubanga nabesilisa futhi abanamava kwipolitiki.
Ubuholi boMkhonto Wesizwe buthi belikulindele ukuphenduka ngokushesha kweNkantolo Yomthethosisekelo ngesinqumo esavuna leli qembu ngokuthi ubuso bukaMnu uJacob Zuma kube yibo obusephepheni lokuvota.