Ngabe iMK ezohlomula ngokuchithwa kukaMagashule kukhetho?
Sekungumlando ukuthi owayenguNobhala Jikelele kuKhongolose uMnu u-Ace Magashule neqembu lakhe i-African Congress for Transportation ngeke babe yingxenye yamaqembu azongenela ukhetho lukazwelonke nolwezifundazwe zingama-29 kuNhlaba.
Namuhla ekuseni iNkantolo Yomthethosisekelo isichithile isicelo se-African Congress for Transformation (ACT), iLabour Party kanye se-African Alliance of Social Democrats sokuba lamaqembu anikezwe elinye ithuba lokuthumela amagama amalungu ayo ku-independent Electoral Commission. iNkantolo iphinde yachitha nesicelo samaqembu sokuba kuhlehliswe ukhetho. Phambilini iNkantolo Yezokhetho yasichitha isicelo salamaqembu mhla zi-15 kuMbasa abe esethatha isinqumo sokunikela eNkantolo Yomthethosisekelo.
Ukuchithwa kwalamaqembu kusho ukuthi kukhona azohlomula ngalabo abebezowavotela. Iqembu eliholwa uMnu uJacob Zuma kungase kube yilo elizuza kakhulu ngokuchithwa kukaMagashule njengoba besondelene noZuma. Selokhu kuqale imikhankaso yokhetho, uMagashule uvamisile ukubonakala eseka iMK. Emacaleni leli qembu eliwahambela ezinkantolo nalawo abhekene noZuma usuke ekhona ezomeseka.