Izinkulumo ezivamile zokuthi ukhetho oluzobanjwa zingama-29 kuNhlaba kophezulu luzofana nokhetho lokuqala olwaluvulelekile ngowe-1994 ziya ngokufakazeka njengoba umbango wamaqembu uya ngokushuba.
Izolo uMengameli uCyril Ramaphosa uhlangatshezwe ngezikhalo ngamanzi emphakathini owakhele lo masipala kuze kuyoshaya eMzumbe nezinye izingxenye zePort Shepstone kuMasipala uGu.
Emuva kokuqubuka komsindo phakathi kukaNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Komnotho Nokuvakasha KwaZulu-Natal uMnu uSboniso Duma noNdunankulu kaZulu oyiMeya…...
Umbango weminyaka ovumbuka njalo uma sekusondela ukhetho ovame ukugubuzela iPan Africanist Congress of Azania (PAC) kulokhu uzophenduka umlando uma kuya ngezinkulumo zabaholi baleli qembu.
Abalandeli beqembu eliphikisayo esifundazweni iKwaZulu-Natal okuyi-Inkatha Freedom Party (IFP) baqhubekile nokwenzela leli qembu iqiniso.
Emlandweni uzongena njengomholi owagcwalisa iMabhida watshengisa abanye abafana ukuthi udosi lwe-Inkatha lusayingozi.
Yize uHlabisa sekuphele iminyaka emihlanu aphatha njengomholi waleli qembu, kodwa ubuso boMntwana wakwaPhindangene yibo obuzosetshenzisa yileliqembu emikhankasweni yalo.
Isisho sesiZulu esithi, ‘isinamuva liyabukwa’ sivamise ukuzwakala lapho kusuke kunokuncintisana okukhulu ngento ethile. Sona isiZulu…...
Usuku lwesikhumbuzo luqondene nosuku lokwethulwa kwesikhongeli se-IFP eMabhida.
Iqembu lepolitiki neliphikisayo Inkatha Freedom Party (IFP) lilokhu liqhubeke njalo nokungena ezindaweni zasemalokishini esifundazweni iKwaZulu-Natal.
Ezinyangeni ezintathu kusuka manje iNingizimu Afrika izobamba ingqophamlando yokhetho ngenxa yesibalo esikhulu sabantu ababhalisele ukuvota…...
Kungakapheli nehora iNkantolo Enkulu ePitoli ikhiphe isinqumo ichitha iDemocratic Alliance (DA) ngesimangalo esifakile se-ANC sokujutshwa…...
Ukuhluleka ukuthola amavoti ayezokwenza ukuthi i-African National Congress (ANC) kuMasipala eThekwini iziphathele ngokugcwele uMkhandlu ngaphandle kokulekelelwa ngamanye amaqembu kwenza kube nzima ukugcina uzinzo ezinhlakeni zokuyiswa kwentuthuko kubantu.
Kungenzeka ukuthi ukubaluleka kobuningi bethu sikuqonda kuphela uma sifuqwa ukuba sihlangane ngobuningi bethu ukuzofezekisa izinjongo…...
Ezinkulungwaneni zabantu abahambele umbuthano wokwethulwa kwezethembiso zokhetho ze-Economic Freedom Fighters (EFF) eMoses Mabhida eThekwini into ebiphambili ukuthola ukuthi uma benika ithuba lokuphatha uMnu uJulius Malema uzoyilungisa kanjani inkinga kagesi.
Abhekane nolaka lwe-ANC KwaZulu-Natal amakhansela ayisikhombisa ale nhlangano kuMasipala uMzumbe avote kanye ne-IFP ngeledlule okuholele ekukhishweni kweMeya ye-ANC.
I-Inkatha Freedom Party (IFP) iphumelele ukugcina uWadi 8 kuMasipala waseBaqulusini eFilidi emuva kokhetho lokuchibiyela ngoLwesithathu.…...
Abaholi beqembu behlulekile ukuphikisa isinqumo sephalamende enkantolo nesibakhipha ngaphande.
Igidigidi elifika namaqembu amasha kupolitiki livamisile ukushaya lizwele kulawo amadala ikakhulukazi uma lelo qembu lixebuke…...
Ukhetho lukazwelonke nezifundazwe seluseMome. Njengoba kujwayelekile injolozela iba semaqenjini amakhulu bese kuthi lawa amancane anganakeki.…...
Emuva kwempumelelo yerally yoMkhonto Wesizwe (MK) ebibanjelwe enkundleni yezemidlalo KwaXimba eCato Ridge ngeSonto okubonakale kuyo…...
UNtuli ukwazile ukusebenzisa uhulumeni wendawo ukuguqula isithombe nge-IFP
Izinombolo zakwaZulu-Natal siheha amaqembu amaningi