Now Reading
Iqembu uMkhonto Wesizwe linxenxa i-IFP eKZN
Dark Light

Iqembu uMkhonto Wesizwe linxenxa i-IFP eKZN

Emizamweni yokuhlangabezana nomnqamulajuqu wokusungulwa kukaHulumeni emuva kokhetho, uMkhonto Wesizwe usuwelule isandla ku-Inkatha Freedom Party ngenhloso yokubambisana ekuphathweni kwesifundazwe.

Encwadini yeMK eyithumelele ubuholi beNkatha, iveza ukuthi ibone kukuningi okufanayo okuyizifiso zala maqembu okungenza akwazi ukubambisana. Phakathi kokunye iMK ibalula ukuthi odabeni lokunika amandla aMakhosi nokuba umhlaba ubuyele ezandleni zawo babona ngasolinye. IMK ithi odabeni lokulwa nenkohlakalo, ubugebengu nodlame bakhuluma ulimi olulodwa.

IMK ilona qembu elizuze izihlalo eziningi eSishayamthetho Sesifundazwe ezingama-37. I-IFP ithole ezili-15 okwenza ibe iqembu lesibili ngobukhulu. Ngesikhathi sokuloba lapha bekungakazwakali izwi eliqhamuka kubaholi be-IFP abahola izingxoxo zeqembu.

See Also

Phambilini uMengameli we-IFP uMnu uVelenkosini Hlabisa waveza ukuthi bavulelekile ekuxoxisaneni nanoma iliphi iqembu. “Odabeni lweMK asikwazi ukuqala izingxoxo nabo ngoba basafake izikhalo ngemiphumela yokhetho”.

Scroll To Top