Intsha yoMkhonto Wesizwe izomashela ubulungiswa eThekwini
Emuva kokhukhulelangoqo wemashi ye-Economic Freedom Fighters (EFF) enkabeni yeTheku izolo, namuhla Uphiko Lwentsha loMkhonto Wesizwe luhlele eyalo imashi ebheke eCity Hall.
Ngokusho kukaBongani Khoza woMkhonto Wesizwe Youth League inhloso yemashi ukuzwakalisa ukungeneliseki ngenlela okusebenza ngayo izinkantolo nezobulungiswa ngokubanzi ezweni. “Sikhala kakhulu nokungabi khona kobulungiswa ngokungaqashwa kwabantu ngaphansi kukaMasipala iTheku,” kusho uKhoza. Le mashi izosukela eKing Dinuzulu Park kuBotha ngele-10 ekueni ilibangise eCity Hall lapho kuzodluliselwa khona izikhalo kwabaphethe uMkhandlu. Okunye uphiko lwentsha oluthe luzobe luphambili ohlwini lwezikhalo zalo ukuqhubeka kokushaywa ngesithende kwabasebenzi bakaMasipala abaqashwe ngaphansi kohlelo lwetoho i-Extended Public Works Programme (EPWP).
IMK Youth League ithe izoqhubeka nokufaka ingcindezi iziphathimandla zomkhandlu ukuba laba basebenzi baqashwe ngokugcwele. Kubona kukhona osekuphele iminyaka engaphezulu kwemihlanu beyitoho. Naphezu kwesiteleka esadonsa amasonto amathathu ngoNhlolanja sabasebenzi bakaMasipala ababefuna ukunyuselwa kuCatergory 10, kwagcina ngokuba kulungele abasebenzi abaqashwe ngokugcwele abe-EPWP bashiywa ngaphandle. Yize abasebenzi abangaphansi kwe-EPWP bezwakalise ukuthi bayayeseka lemashi ngoba iMK sekuyilona kuphela ithemba labo eThekwini, kodwa angeke babe yingxenye yayo ngenxa yokuvikela imisebenzi yabo.
“UMkhonto Wesizwe sekuyilona kuphela ithemba lethu ekutheni siqashwe ngokugcwele yingakho kusijabulisile ukuzwa ukuthi izikhalo zethu zokungaqashwa ngokugcwele bazozidlulisa kwabaphethe umasipala,” kusho umsebenzi wesifazane wakwa-EPWP. AbeMK bathe lemashi ivuleleke nakuwowonke umuntu waseThekwini okuhlanganisa nabakhokha amarates abanganelisekile ngezidingo nokuhanjiswa kwentuthuko emphakathini nabadayisi basemgwaqeni. Khona namuhla uphiko lwentsha lwe-ANC luhlele imashi edolobheni eTshwane lapho lukhala khona ngokudlanga kobugebengu.
Okhulumela i-ANC Youth League uZama Khanyase uthe okwenzeka kuleli dolobha sekufike lapho behluleka khona ukubekezela ngendlela ubugebengu obudlange ngayo kuleli dolobha. Uveze ukuthi emuva kwemashi bazofuna umbiko ogcwele kubona bonke abanikwe umsebenzi wokugcina ukuthola nokuphepha kwabantu ukuthi yini esiyenzekile.
“Sizoxoxisana nabaphathi beziteshi nabaphethe amaphoyisa kamasipala nazozonke izinhlaka ezibhekele ukugcina ezokuphepha, uma behluleka ukwenza umsebenzi wabo ngendlela kuzomele bashiye banikeze abanye abantu ithuba,” kusho uKhanyase. Uthe bazosebenzisana kakhulu nomphakathi kulokhu njengeso lawo.