Now Reading
Umlando wakwaMabaso ulumbaniseka nabakwaKhumalo
Dark Light

Umlando wakwaMabaso ulumbaniseka nabakwaKhumalo

Umuntu esizwa ngaye uma sikhuluma ngesizwe sakwaMabaso nguye uMabaso. Wayeyindlalifa yasendlunkulu kanti uKhumalo yena wayeyindlalifa yaseKhohlo. Nampa abavela esendeni likaKhumalo endlunkulu: Mandlalela kaMazungeni kaMthezuka kaNkonyeni kaMagugu kaGasa kaZikode kaMkhatshwa kaKhumalo. Kwenye indlu uGasa wazala uDonda owazala uMaqandela yena wazala uMmbiyana. Kwenye wazala uSiwele owazala uMlotsha. Kanti ekhohlo uZikode wazala uMashobana owazala uMzilikazi yena owazala uMangwana, Nkulumana noNommbengula. Waphinda uZikode wazala uMagawuzi ozala uBheje yena owazala uMqedi.

Ngaleso sikhathi abakwaMabaso babakhe ngasentabeni yaseNquthu kwehle njalo kubheke ngakwaNondweni lapho kwakwakhe khona isizwe sabaThembu bakaNgoza kaMkhubukeli khona. Ngakho-ke uMabaso wayeyinkosi encane uma eqhathaniswa nesizwe sabaThembu bakaNgoza kaMkhubukeli ababembandakanya abakwaSithole nabaseMambatheni. UMabaso wazala indlalifa yakhe uNyathi owayezalwa yinkosikazi okaLudwaba wakwaMajozi. Indlalifa kaNyathi nguMangethe owazala uMncakwana. UMncakwana wazala uMgodini owayesaphila ngonyaka okwagwetshwa ngawo iNgonyama uDinuzulu eGreytown ngecala lokuvukela umbuso ngowe-1909.

Amanye amadodana kaMangethe ngoMthiyane owazala uLanga. ULanga yena wazala uNdabankulu owahamba noNgoza kaMkhubukeli ngenkathi ebalekela iNgonyama uShaka ethutha ngaseNkandla elibhekise eMampondweni. Yena wazala uThulwana owazala uGqikazi noZibhebhu ekhohlo. Wagcina uNdabankulu ebuyile eMampondweni kodwa wafi ka emanxiweni aseQhudeni lapho kwakukade kubusa khona uNgoza iNgonyama uShaka isibeke uJobe kaMphitha kaMnyanda esikhundleni sobukhosi obabuphethwe nguNgoza. UJobe wayengeyona indlalifa yakwaSithole. INkosi uJobe yavumela uNdabankulu Mabaso ukwakha ngasentabeni yaseMhlumayo ngemuva kokuthi iNgonyama uDingane income ukuthi uJobe kuhle ayokwakha eMsinga ngoba wayefuye izinkomo eziningi, edinga indawo enkulu. Ngakho-ke uNdabankulu Mabaso wakha umuzi wakhe phakathi kweMpofana [hhayi iMooi River] noMtshezi lapho iningi labantu bakwaMabaso bekhona kuze kube namuhla.

Indawo yesizwe sakwaMabaso enkulu yaqolwa ngamaNgisi ngemuva kweKhomishini kaMbusi uWest iLand Boundary Commission, ngowe-1846. Leyo Khomishana yanquma ukuthi wonke amaZulu agudluzwe ezindaweni ezivundileyo nezazinamadlelo amahle ayokwakhiswa ezintabeni, emeveni, ematsheni nasemigubaneni. Lokhu kwakuhlelwa nguTheophilus Shepstone owayenguNobhala weZindaba zaBantu weKoloni yamaNgisi aseNatali. Indlalifa kaNdabankulu Mabaso nguThulwana owazala uGqikazi. Yena wayesaphila ngonyaka we-1922. UNdabankulu waphinde wazala uZibhebhu. Ukuduma kukaMabaso ezweni isizwe sisakhe ngaseQhudeni, kwabangelwa ulwazi lwakhe lwemithi ayeyisebenzisa. Abantu abaningi babemthatha njengenyanga kodwa abanye bemesaba njengomthakathi. Lokhu kwakubangelwa ukuthi uMabaso wayenomuthi okwakuthi uma ewugcobise eminweni yezandla zakhe bese ekhomba umuntu ayexabene naye, lowo muntu wayema khona lapho ehluleke ukuhamba afele khona lapho.

Yingaleso sizathu-ke uMabaso wagcina esatshwa kakhulu endaweni ayakhe kuyo akhelene nabaseMambatheni, bakwaMbeje nabakwaDumisa bonke abangabasemMambatheni. Savela kanjalo isaga esithi umuntu ukhonjwe ngenjumbane. Inhlakanipho kaMabaso wayikhombisa ngenkathi udadewabo owayegane kwaMthembu ezala izingane zamantombazane kwaze kwaba kabili kanti kwakudingeke azale indlalifa yasebaThenjini. Wazala ingane yokuqala kwaba yintombazane. Waphinda wazala eyesibili nayo kwaba yintombazane. Kwathi uma ekhulelwa okwesithathu uMabaso wenza icebo. Wayalela amakhosikazi akwaMabaso mhla udadewabo ebeletha okwesithathu ukuthi eze nezinyanda zotshani eziningi okwakuzobaselwa ngazo umdlezane umlilo.

Lokhu kwakwenziwa uma umuntu wesifazane ebelethe ngalezo zinsuku. Kwenye yezinyanda zotshani uMabaso wafaka ingane yomfana eyase izilwe inyanda yalethwa ithwelwe ngamakhosikazi ebusuku. UMabaso wamemezela emphakathini ukuthi udadewabo wayezele amawele. Kwakuthi umuntu wesifazane obelethile ahlale endlini ehlukaniswe kabili ngesihonqo kuthi abangenayo endlini bangaze bambona ngoba engemuva kwesihonqo esemgoqweni. Nguye ke owayebatshengisa ingane engemuva kwesihonqo. UMabaso naye wafi ke wahlala ngemuva kwesihonqo lapho udadewabo wayebelethele khona. Kwaphiswa-ke utshwala njengenjwayelo abantu batheleka bezobona amawele azelwe. Babefi ke baphuze utshwala kuqala abesilisa kwazise babuphiswa. Kwafi ka uDumisa noMbeje baphuza utshwala bagcina bengene endlini ukuyobona amawele ayezelwe.

See Also

UMbeje noShandu babezalwa nguNdaba wakwaMbatha. Udadewabo kaMabaso wabavezela elokuqala iwele, kwathi lapho eveza elesibili okwakungelomfana kuyingane eyayilethwe ngenyanda yezinkuni yabankulu kakhulu kunewele. ODumisa noMbeje “bavungama” bebona lokhu. Waqhamuka ngaleso sikhathi uMabaso ngemuva kwesihongo wabesabisa ethi: “niyangabaza Mbeje nawe Dumisa?” Bethuka kakhulu oMbeje noDumisa ukubona uMabaso kangangokuthi ababange besaphuza ngisho utshwala babaleka ngoba besaba ukuthi uMabaso wayezobakhomba ngomunwe bafele khona lapho. Ngemuva kwalokho kuvungama kwabo abaseMambatheni bebabaza ubukhulu bomfana okwakuthiwa uliwele nengane eyayibelethwe ngudadewabo kaMabaso, banikezwa igama lokuthi banga “mavungama” kususelwa ekungabazeni kwabo ukuthi izingane zikadadewabo kaMabaso zazingamawele.

Kodwa-ke isu likaMabaso lokuthi udadewabo azale indlalifa yasebaThenjini lasebenza ngoba uMvelase owayevele enyandeni yotshani nguyena owaba yindlalifa yaseBathenjini ngesikhathi sokubusa kweNgonyama uPhunga kaMageba kwaZulu. Esehola isizwe sasebaThenjini uMvelase wazala indlalifa yakhe uNdosi Mthembu, uNdosi wazala uGazi. Indlalifa kaGazi eyabusa ngesikhathi seSilo uJama nguMkhubakeli ozala uNgoza inkosana yakhe kanyc namanye amadodana oDlaba, Khopho noMathele. Waqhubeka uGazi wazala oMshongwane, Sobona, Zikhayana, Mafongosi, Mbohlisa, Nkomo, Sokhawuka, Macala noNgqambuza kanye nabanye abaningi kakhulu. UMkhubukeli uzala uNgoza. Babebabili oNgoza. Kwakukhona uNgoza kaLudwaba Majozi owaba yinduna kaTheophilus Shepstone kwase kuba khona uNgoza kaMkhubukeli owayeyinkosi eNkandla ngasentabeni eQhudeni. Wazala uNhlakumuzi owasala empini yasoBhalule [Olifants River] ngonyaka we 1828. Waphinde wazala uNodada owalwa nabahlaseli bamaBhunu ka- Andries Pretorius eNcome mhla ziyi- 16 kuZibandlela we-1838. Amanye amadodana kaNgoza kaMkhubukeli ngoMphahlwa, uMalaza owasala eMampondweni ngemuva kokubulawa kukaNgoza ngaMampondo. Enye indodana kaNgoza eyasala eMampondweni nguDlungwana. Labo abasala eMampondweni yibona abangabaThembu baseNtshonalanga nabaThembu bakwaDalindyebo eMpumalanga Koloni namhlanje.

Scroll To Top