UNtuli noRamaphosa bahlenge umkhankaso weqembu eKZN



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kusuka ngokhetho lokuqala lwedemokhrasi isifunda iKwaZulu-Natal sabe sinokukhuluma. Okunye ukukhuluma kwakuba nezidumbu phansi njengoba ngenxa yokuklwebhana kwe-African National Congress (ANC) ne-Inkatha Freedom Party (IFP) zabalela ezi-20 000 izinsizwa nezintombi ezasala enhlabathini.
Kule minyaka engamashumi amathathu miningi imizamo eyenziwa ukubuyisana kula maqembu kusuka ebuholini kuya emalungwini emphakathini. Ngenxa yale mizamo sekungashiwo kugcwale umlomo ukuthi KwaZulu-Natal ayisekho indawo okungathiwa ngu-‘alibhadwa’. Ukusebenzisana kwabaholi kwala maqembu kuHulumeni wamaqembu nakho kwaveza isithombe sokuthi sekwedlule. Obunye ubufakazi wukusabalala kwamaqembu epolitiki nazoncintisana njengoba kuyiwa okhethweni nje.
Nokho njengoba kushiwo ukuthi kupolitiki unyaka yisikhathi eside, singekhulume ngeminyaka engama-30 nosekungashiwo ukuthi i-ANC kayisefani. Ubuholi bayo, ukukhuluma nokwenza kwakho akusefani. Ukubuka kwabo izinto akusefani. Lobu buholi obukhona abubusha nje gokuvotelwa kepha kusha namngeminyaka nokuyinto ebonakala nsuku zaphuma.
Isenzo sabo mhla kuyokhethwa uMengameli we-ANC bephethe igama likaDkt uMkhize kwabambula izinqe. Ukwenza kwabo kwenza lesi sifundazwe esinomlando sangaba bikho ebuholini obuphezulu. Kwala ngisho ithuba likhona lokuthi omunye waKwaZulu-Natal, uMnu uMdumiseni Ntuli angangena kwadlonga igagasi elisha. Ngaleso sikhathi babebukeka besusa kwasani endala ngoba bezibona njengegagasi elisha. Onemihuzuko nje yalokho nguMnu uSihle Zikalala noma kuyakhulunywa wasindela uRamaphosa lo ayethukwa ngaye. Bakhona nabanye abagugulwa yigagasi elisha.
Nokho isipiliyoni nobude bendlela bube sekubeka ubuholi bukaMnu uDuma engcupheni yokuhlehlelwa yizikhuni. Okokuqala kube yimvunge ngaphakathi kuvuka izinkulumo zangaphakathi nezinsolo. Imvunge yokuthi uDuma kamgqiziqakala uNdunankulu Wesifundazwe, uMaDube Ncube kufike nokwayo ingcindezi. Kuthe kusenjalo kwavela isithombe sokuthi ngaphansi kwalobu buholi izimbangi zeqembu Inkatha iyabuya koHulumeni Bendawo. Okunye okuhlehlise izikhuni wulimi lwabaholi abasha kwabanye abebeluhumsha njengalolo olunohlwayana. Okokugcina nje kube yisiwombe lapho uDuma eqagulisana noNdunankulu kaZulu phambi kweSILO noMengameli.
Zonke lezi ziwombe kubukeka kube ngezinye zezizathu ezenze ubuholi obuphezulu beqembu baqhamuka neqhingasu elizoba nemiphumela eyahlukene. Lobu buholi bubandakanya loyo obeliqaqa kubuholi bukaDuma uMnu uNtuli namuhla oseyiNhloko Yokhetho kuKhongolose.
Amava nesineke sikaNtuli kubukeka kukwazile ukuhlanganisa ithimba labakhongi abazotakula umkhankaso KwaZulu-Natal. Eqhulwini nguMnu uRamaphosa naye owake waba liqaqa ebuholini bukaDuma noMtolo nokho okuthe uma izinto seziguquka ulimi, nolube seluthamba ngoRamaphosa. Ufishi omkhulu wesibili kube nguMbeki osondelene kakhulu noNtuli. Abanye abaholi babe sebelandela ukuzohlenga isifundazwe. Leli thimba elitshalwe nxa zonke lamukelwe emiphakathi, osomabhizinisi, abezenkolo nezinye izinhlaka zemiphakathi.
Imiphumela yokungenelela
Okokuqala kuzogwema inhlekelele yokuthi umkhankaso KwaZulu-Natal uwodloke ikakhulukazi njengoba kuphakame uMkhonto Wesizwe nokubuyisa izinduku kweNkatha. UDuma nobuholi bakhe bebelula ekuhlaselweni yizimbangi ngenxa yamabatha abo asobala. Futhi ukungahlangani kwezinhlaka zeqembu ngobuholi babo nakho bekungaba yinkinga.
Umsebenzi kaNtuli noRamaphosa weqela nangale ngomhla zingama-29 kuNhlaba njengoba kuvela ukuthi lukhona nohlelo lokungenelela uma kunesidingo sokwakha uhulumeni ohlanganise amaqembu. Ebuholini bukazwelonke kukhona ukuvumelana ukuthi uma leso simo sivela uDuma noMtolo bazolandela ngemuva.
Umphumela wesibili ngokungenelela kukazwelonke yilo okuzothi uma iqhingasu lisebenzile iqembu lenza kagcono “ izimpiko” zobuholi geke ziphinde ziphakame njengakuqala- bazophatheka njengabanye.