Wathinta Abafazi, Wathinta Imbokodo. Lesi ngesinye seziqubulo ezinyakazisa abesifazane uma sibizwa lapho besuke behlangene khona.…...
Iningi lingakuphika noma likuvume, kuneqiniso elibabisa okwenyongo yenyathi elihlale lisobala okwenadinga yembuzi ukuthi imfundiso enkulu kunayo yonke zonke izingane ziyifunda ekhaya lapho zizalwa khona.
Izizwe zaboHlanga kanye nezimilo zabo zaziphila ngokudla imvelo nokuvikelwa kwayo, kepha ukuphatha komhlaba bewuphathwa ngobuzwe.…...
Njengoba usongwa owezi-2021 ngalesi sikhathi sonyaka igama elisuke lisematheni kakhulu kubantu kuvamise ukuba ngelokudla. Lapho…...
Kulula ukuthi ngingubani, ungubani, singobani, bangobani, singabakwabani, sizalwa ngobani, bangobani ababesizala, babezalwa ngobani. Abantu badinga…...
Bengilalele omunye umsakazeli womphakathi ezinsukwini lapho ngizwe kudlala khona isikhangiso sikaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu uSihle Zikalala…...
Nakuba ziqina izinkomba zokuthi ihlandla lesine lobhubhane ukhuvethe olubizwa nge-Omicron luzoba nomthelela omkhulu ezimpilweni zabantu…...
Kunento esifuqayo njengoba le ngosi isaqhubeka nokudingida iphinde igcizelela isiko nomkhuba wokubonga. Izama ukubamba iqhaza…...
Ukhuvethe luyaqhubeka luba yinkinga ekuyeleni empilweni ejwayelekile. INingizimu Afrika isesimweni sokwethuka emveni kwesimemezelo sokuthi sekukhona…...
Kunebizo elisebenza kakhulu esizulwini ukuhlonza ukwakheka komuntu okuthi uma sekusetshenziswe lona kwakheke ukuqonda kangcono kulabo…...
Uma uzijwayeza ukubingelela nawe uzobingelelwa. Uma uvamise ukubonga nokunconywa nakuwe kuzokwenziwa njalo.
Isifo sikashukela singabuye silawulwe ngendlela ophila ngayo, udinga ukuba uhlale uzivocavoca isikhathi esiningi okuzosiza ukwehlisa isisindo sakho.
Leli qembu laya ezingxoxweni zokwakha imikhandlu ngokubambisana ngezinhloso ezimbili, eyokuqala okungukuguqisa i-African National Congress (ANC) emikhandlwini eyizizinda zomnotho kuleli okungabalwa kuwo iTshwane, eThekwini, iJohannesburg, eKurhuleni naseNelson Mandela Bay.
Kumasipala waseWestern Cape iBeaufort West i-ANC ithole amavoti angama-28.31%, i-DA yathola angama-27.11%, iPA yathola angama-21.93% kuqokwe uMnu uGaba wePA njengeMeya. Isivumelwano se-ANC nePA sihlomulise iPA ngeziMeya eziyisithupha nabaphathi bamahhovisi okuthuthukiswa kwengqala sizitha abali-10.
Inkatha Freedom Party ngomlomo kaMengameli wayo ubaba uHlabisa, iphumele obala ngeledlule ithi ngeke ihlangane ne-African…...
Enhla nasezansi ezweni lonke ngithi kangiphawule nami nganazi izihloko ezithe zaba sematheni kulezinsuku nokusivezele okuthile…...
Oshicilelweni lwelaboHlanga lwamhla zingamashumi amabili nesishiyagalolunye kuMfumfu kungihlabe umxhwele ukuvuma koMnyango Wezokuhlaliswa Kwabantu kweleNdlovukazi uMthaniya…...
Kusukela kwaphuma imiphumela ezinsukwini ezedlule, ezinkundleni zokuxhumana, abantu baveze ukujabulela abantu abasha abafundile abasezikhundleni
Owayeyilungu lePhalamende leqembu i-Inkatha Freedom Party uGavin Woods wake wabhala umbiko ngaleli qembu owawuqukethe izingqinamba…...
Ziningi izinto abantu abakhuthazana ngazo ukuqinisekisa ukuthi kuyenzeka kuphinde kufezeke abakuhlosile.
Nina njengabavoti eNingizimu Afrika seniyidlalile indima yenu ngokuba nivote nigunyaze iqembu i-Inkatha Yenkululeko ukuba liniphathele imikhandlu yomasipala, manje sekuyithuba leqembu i-Inkatha Yenkululeko ukuba lenze njengoba ithembisile.
Umonakalo oshiywe abebekade bebusa lo Mkhandlu mkhulu, lesi isikhathi sokulungisa. Sizosebenza imini nobusuku ukuqinisekisa ukuthi sibuyisela izinto esimweni ukuze umkhandlu ukwazi ukwethulela abantu izidingo.
Yize ulwazi olusha lulokhu luqhamuka ngocwaningo kuzolokhu kunezikhala okudinga ukuba kubhekwane nazo yingakho kunesidingo esiqhubekayo ukuthuthukisa okwenzeka manje nokuthola okungcono, okulula, okuphephile nokungumthelela ekwelapheni izifo ezikhona nezingaqubuka.
“Ngiyakholewa ekutheni umusa uyimpendulo eqondile yokubonga. Ngenkathi uqhubeka nokubonga umusa uyaqhamuka. Izibusiso zihamba emzileni wokubonga.…...