Elakuleli lidinga osopolitiki abafundisekile



UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebenzi
Abantu abaningi bazwakalise ukujabula okukhulu ngemuva kokuhluleka kwenhlangano ebusayo ukuthola amavoti okhethweni loHulumeni Bendawo. Iningi labo linethemba lokuthi kuzoba khona umehluko njengoba ubuholi bushintshile ezindaweni eziningi. Kulabo abajabulela ukushintsha kobuholi kukhona labo abajabulela ukubona abantu abasha ezikhundleni ezifaka phakathi esokuba usodolobha.
Kusukela kwaphuma imiphumela ezinsukwini ezedlule, ezinkundleni zokuxhumana, abantu baveze ukujabulela abantu abasha abafundile abasezikhundleni. Bakuvezile ukuthi sekuyisikhathi sokuthi izwe libuswe ngabantu abasha abafundile.
Ngifisa ungizwe kahle, ngiyahambisana futhi ngingajabula ukubona abantu abasha behola leli lizwe. Ngingakujabulela kakhulu ukubona uboholi bufundile futhi bufunda. Ngiyavumelana nawe uma uthi izinkinga esibhekene nazo kulelizwe, ikakhulukazi kwezepolitiki, zibangwa ubuholi obungazi ukuthi benzani ngenxa yokuswela imfundo.
Umbuzo wami uthi, iyiphi le mfundo okumele babenayo abaholi? Sikhuluma ngale mfundo esihleli nayo singabantu abasha kuleli? Ukujabulela ukubona abantu abasha bethatha izintambo kubaholi abadala akusho ukuthi sizothola imiphumela encono. Akusho ukuthi abantu emakhaya sebazothola izimfuno. Ukujabulela ushintsho kuhle kodwa sidinga ukucubungula lolu shintsho esilujabulelayo ngaphambi kokuthi sijabule.
Izwe lakithi alidingi osopolitiki abafundile kodwa lidinga osopolitiki abafundisekile. Sidinga ubuholi obaziyo ukuthi yini edingwa isizwe sakithi. Inhlupheko kanye nezinkinga ezibhekene nomuntu omnyama kuleli angeke zaxazululwa usopolitiki oneziqu kodwa zizoxazululwa usopolitiki ofundisekile futhi okwaziyo ukuhlupheka.
Ngicabanga ukuthi uma sesazi ukuthi yini umsebenzi wosopolitiki yilapho sizobona khona ukuthi imfundo kosopolitiki ayisho lutho. Akuzwakali kahle uma utshela abantu bakithi ukuthi izwe lakithi ayikho into engashintsha lingakabuyeli kithi.
Noma ungafaka osopolitiki abaneziqu zobudokotela bonke ephalamende, angeke kwashintsha lutho uma izwe lisaphethwe futhi lisalawulwa yidlanzana labantu. Uvele uzwakale njengomuntu ophelelwe yithemba uma ukhuluma indaba yokuthi izwe alibuyele kubanikazi balo.
Abantu abaningi, kanye nabaholi, bakubona kuyinto engelula futhi engeke isenzeka. Kungakho ngithi imfundo angeke yaguqula lutho singakashintshi izinqondo zethu, sabuyela ekubeni isizwe esimnyama.
Leli lizwe angeke laguqulwa ukuthi iqembu elibusayo lithole amavoti amancane. Alisoze lathuthukiswa ukuthi libuswa ngokubambisana futhi alisoze laphumeleliswa ukuthi linosopolitiki abafundile. Izwe lakithi lidinga osopolitiki abaqotho futhi abanesimilo. Iqiniso kanye nobuntu abufundelwa ezikhungweni zemfundo ephakeme.
Ukuzazi ukuthi ungumuntu omnyama futhi uthunywe isizwe esimnyama ukuthi usihole akusiyo into edinga imfundo ephakeme. Ukwazi iqiniso namanga, ubulungiswa nokungalungile, akuyelwa esikoleni. Uma izwe lakithi lisaphethwe abantu abazicabangela bona bodwa imfundo ayisoze yasikhulula kule nhlupheko yonkuntula abaholi kuleli.
Kuzwakala kabi uma ngithi laba abafundile abasebenzisa imfundo nabafuna kukhethwe abantu abafundile ezikhundleni abanalo iqiniso. Iningi labo bahlulwe yipolitiki, kungakho sebesebenzisa imfundo njengeshoba lokuziphungela.
Basebenzisa imfundo ukuze bathole okuya ethunjini hhayi ukuthi bacabanga ukuthi imfundo yabo izoba ukhiye wokuxazulula izinkinga abohlanga ababhekene nazo. Mina ngiyababongele ngokuthola ithuba lomsebenzi kanye nethuba lokuyokweba ngoba iningi labo abekho msulwa uma ulandela igalelo labo kwezepolitiki.
Ngaphandle kwephunga elivele libalandela abaningi, mina ngibone abantu abasha ebengibethemba futhi ngibazi ukuthi bawukhathalele umphakathi beshintsha phambi kwami. Ukungena kwabo ezikhundleni kwenze bakhohlwa nokuthi sasingabangani.
Bakhohlwa nokuthi basuka emakhaya lapho kunezinkulungwane zabantu abasha ezidinga usizo.
Ekugcineni kungikhanyele bha ukuthi ukuba usopolitiki kufana nokuba unodoli okhulumayo. Unodoli noma ungakhuluma, awushintshi ekubeni unodoli. Kunosopolitiki nabaholi abahlakaniphile futhi abafundile kodwa ayikho into abayenzayo ngoba ingekho into abangayenza.
Kukho konke abakwenzayo nabakucabangayo ngalelizwe kuphelela emoyeni ngoba kunabantu abathize ababusa lelizwe, abashaya umthetho kanye nezinqumo ezingaphezulu kwemfundo ongaba nayo. Njengoba bengishilo ukuthi imfundo yinhle futhi ngiyayithanda njengomeluleki wabantu abasha ngemfundo kanye nempilo kodwa ngicabanga ukuthi sijabulela into engeke yasisiza.
Injabulo yinhle futhi nami ngijabulile ukubona uguquko kodwa akulona lolu esiludingayo.