Isigaba sesine: Kungenzeka abantu baphinde bahlukanisele unyaka ezindlini?


Nakuba ziqina izinkomba zokuthi ihlandla lesine lobhubhane ukhuvethe olubizwa nge-Omicron luzoba nomthelela omkhulu ezimpilweni zabantu ngalesi sikhathi samaholidi, kodwa abezempilo bathi banethemba lokuthi angeke zikhule izibalo zabangeniswa ezibhedlela. NgoLwesithathu kubikwe isibalo sabantu abangama-36 abashonile.
Abezempilo bathi okunye okwenza behlelwe amaphaphu ukuthi i-Omicron ayiyidingi kakhulu umoyampilo njengeDelta okwenza nokuthi umuntu akwazi ukululamela nasekhaya. UHulumeni wakuleli uhlonze le mpelasonto njengeyokuqinisa umkhankaso wokugoma kubona bonke abangagomile nalabo okudinga balandelise umgomo. Khonamanjalo njengoba iNingizimu Afrika isingene ngokusemthethweni ehlandleni lesine, inhlangano yabadayisi botshwala iNational Liquor Traders (NLC), isinxuse ukuba uhulumeni alandele isayinsi kunoma yisiphi isinqumo azosithatha futhi kube ukuthi unazo izinhlelo zokubhekana ne-Omicron ngaphandle kokuvala izwe okungenasidingo.
“Njengoba umkhandlu obhekela ukhuvethe ezweni iNational Coronavirus Command Council izohlangana ukudingida umthelela ongadalwa ihlandla lesine ezweni, sinxusa uhulumeni ukuba akhombise ubuholi anike abantu isiqiniseko ukuthi unazo izinhlelo zokubhekana naleli gciwane,” kusho uLucky Ntimane okhulumela inhlangano yabadayisi botshwala
UNtimane uthi iNingizimu Afrika njengoba isidlule ezigabeni ezintathu zalolu bhubhane kumele engabe kuningi esesikufundile okuzokwenza kube lula ukubhekana nehlandla lesine. Eqhuba uthe bakhathazekile ngokuthi kungaphinde kuvalwe izwe kubekwe nemibandela enzima engaphazamisa ukudayisa kotshwala kuvalwe nezindawo zokuzithokozisa. uthi bakholwa ukuthi ukugoma yiyona kuphela indlela okungavinjwa ngayo ukubhebhetheka kwaleli gciwane kunokuba kuvalwe izwe okufana nokuvalela abantu ekhoneni njengoba kuyimanje badonsa kanzima ngenxa yokuphela kwemisebenzi nokuvalwa kwamabhizinisi abo abebekwazi ukuxosha ngawo ikati eziko.
“Uma uMengameli evala izwe avale notshwala kuzobe usibulele futhi kuyosolwa yena ngokuwisa phansi umnotho ovele uguqe ngamadolo kumanje,” kuphetha uNtimane.
Lishone elayizolo ziqina izinkulumo zokuthi uma kuqhubeka ukuhamba ngonyawo lonwabu kwezinhlelo zokugoma ezweni nokukhula kwezibalo zokutheleleka kwegciwane ukhuvethe njengoba kuhlasele ihlandla lesine i-Omicron kungenzeka izwe linyuselwe esigabeni esithe thuthu okungaba esesithathu. Lezi zinkulumo ziqiniswa kakhulu nayizibalo zakamuva zokutheleleka ngegciwane esifundazweni iGauteng okuyiso esiyisizinda sekhuvethe. Ngesikhathi esifanayo ngesonto eledlule, izibalo zakamuva zokutheleleka kwekhuvethe bezimi ezi-8,561, kanti kushone abanye abantu abangama-28. NgoLwesibili lezi zibalo bezimi ezi-4,373. Kuleli sonto lezi zibalo bese ziphindaphindekile
Njengoba kuqala amaholidi kaZibandlela kunovalo lokuthi igciwane lingabhebhethekisa okomlilo wequbula lapho abantu sebebuyela emakhaya. Inkulumo kaMengameli uCyril Ramaphosa ayethule ngeSonto kusihlwa eyibhekise esizweni ngobume begciwane, yamukelwe ngezindlela ezihlukene. Kukhona abebelindele ukuthi iNingizimu Afrika izokwenza okwenziwe ngamazwe amaningi ukuvala imingcele ukuvikela izakhamuzi. Akungatshazwa ukuthi ukubheduka kabusha kwalolu bhubhane i-Omicron sekuzithikamezile izinhlelo zabantu bakwamanye amazwe abebezimisele ngokuzochitha amaholidi eNingizimu Afrika.
Ngokufanayo namanye amazwe angeke avumele abantu abaqhamuka kuleli bahambele kuwo. Kwabaningi bekuyinto elindelekile ukuthi elakuleli lizithole likulesi simo futhi, njengoba kuqale emazweni ase-Europe njengeGermany, i-United Kingdom, i-Italy neSwirtzerland anabantu abaningi abaphuma bengena eNingizimu Afrika. Okunye okubonakale kuzoba nomthelela imikhankaso ebithe chithi saka yokhetho lapho bekubonakala abalandeli bamaqembu ngisho nabaholi imbala bengayilandeli imigomo ebekwe uHulumeni.
Uma kwenzeka izwe linyuselwa esigabeni esithile, kuvalwe ubumnandi nezokungcebeleka kuzoba sekungokwesibili ngesikhathi samaholidi ngoba nangonyaka odlule, abantu bahlukanisela unyaka ezindlini benxuswa ukuthi abakhanyise amakhandlela. I-Omicron ifake enkulu ingebhe enhlanganweni yomhlaba yezempilo, iWorld Health Organisation. Leli gciwane kuthiwa linamandla kakhulu kunalelo lesithathu iDelta futhi lihamba ngamandla nokusuleleka kulula.
NgoLwesithathu ithimba lodokotela abangongoti lenze izethulo ngaphambi kweKomiti Lezempilo ePhalamende liholwa nguDkt uRichard Lessell. UDkt uRichard uthi nakuba abantu bebika ukungaphatheki lapha nalaphaya okungenzeka ukuthi yizimpawu zalolu bhubhane i-Omicron, kodwa kuseseva ukuthi sebengasho ukuthi ngabe sekuyilo yini.
“Ngenxa yokuthi sikwazile ukubona leli gciwane kusenesikhathi, asikwazi ukusho ukuthi singakwazi ukubona uma ubhubhane seluqalile ukungenisa, siqale ukubona ukuthi kunehlandla lesine ngesonto eledlule, nalapho kuqale ukuvela kwabantu ababambekile,” kusho uDkt uLessell.
Uthi nakuba igciwane lishintsha, kodwa banethemba njengoba bebaningi abantu abajovayo abanye asebevele bejovile. Uthi okwenza izinto zibe nzima kulokhu ukuthi i-Omicron ihluke kakhulu kuneDelta namanye angaphambilini. Uqhuba uthi abazi ukuthi okwamanje kuthatha isikhathi esingakanani ukuthi leli gciwane liziveze emzimbeni, kodwa ngokujwayelekile kuvame ukuthi kube izinsuku ezinhlanu. Eqhuba uthe okwamanje basathembele kucwaningo lososayensi nge-Omicron njengoba usemkhulu umsebenzi osadinga ukwenziwa ukuze baliqonde.
“Okwamanje ukugoma kuseyiyona kuphela indlela yokunqanda izifo ezibucayi. Izinkomba eziphuma kumalaboratory ziveza ukuthi i-Omicron maningi amathuba okuthi isabalale kuzona zonke izifundazwe.
UDkt uMichelle Groome wesikhungo sezifo ezithathelanayo, iNational Institute for Communicable Diseases uthi ngokocwaningo olwenziwe i-Omicron kulula ukuthi ingene ngaphakathi kumuntu idale umonakalo, kepha amathuba alokho aba mancane uma umuntu egomile.