Now Reading
Zazi ubuwena wazi nobu-Afrika obukuwena nobunguwena
Dark Light

Zazi ubuwena wazi nobu-Afrika obukuwena nobunguwena

Kulula ukuthi ngingubani, ungubani, singobani, bangobani, singabakwabani, sizalwa ngobani, bangobani ababesizala, babezalwa ngobani.

Abantu badinga ukwembulelwa ukuze babone ukuthi bayini, uyini. Kuba lukhuni satshe uma ebuzwe ngumuntu wasekhaya ukuthi uyini, axakeke ukuthi uthini lo muntu.
Ukwazi izinhloso ezinhle zenhlakanipho kaMdali, kaMvelinqangi, yabadala, yabakini, yethongo ngawe owabelwe zona. Yimfihlakalo yokwembulelwa ngezibonakaliso ubhekile nangamaphupho ulele. Hhayi izinhloso ezimbi, ezibolileyo nezinukayo ozenzayo emhlabeni nasezweni olakheleyo.

Okuhle umzali wakho angakuqondi ngawe ukuthi uyini, okuyinhlakanipho kaMdali. Ukungabukeli okubi ebazalini bakho uma bengafundisi okuhle. Ukwenza okuhle nokuzazi kusukela ebuncaneni usafunda esikoleni, kuze kube isekukhuleni usumdala.Wazi abanye ungazazi kwenzenjani. Zazi wena kuqala.

Ukwenza okuhle kowakwenza kabi, ugweme ukufana naye. Ukungenzi okubi, ongeke ukuthande kwenziwe kuwena. Ngoba uyokhala, uyotshela abaningi ngokukodwa okubi, okwenziwe kuwena. Ungabatshelile okubi owakwenza kwabanye umshoshaphansi. Bese uyabihlika ube, ngiyabihlika ngibe umabihli.

Ukuba namagalelo nokugqamisa abanye.Ukubamba amaqhaza, ahlukahlukene natusekayo ekusimameni kwabanye, usavunyelwa futhi lisekhona ithuba. Baze bedlule wena ngokwezinga empilweni. Kuyokuzuzisa ngelinye ilanga.

Ukungafisi kuthiwe konke kungawe, kungaye. Ukugwema kuthiwe wazi konke. Ngoba ilanga likhanyela bonke abantu, izilwane nemvelo. Alikhanyeli wena wedwa. Ukwakha amaxhama okuxhumana nezingane zakhe nabanye, uxoxe ngokwakhayo, ungesabeki kodwa uhlonipheke.
Ukuthengela izingane izidingo zesikole ngoZibandlela. Ukuzivakashisa emitapweni yolwazi neyokutholulwazi nokunye okuhle zisencane.

Ukungabi nomgolo, ugweme ukugxeka njalo. Ukwazisa abanye ukuthi bayini. Ukungabi yingxenye yabamilomo yabo, nezinhliziyo zabo zinobutha emhlabeni. Ungaholobheli, ungahaleli izipho nezibusiso zabanye, izimo nezinto okungezona ezakho. Ubheke esakho hhayi ezabanye. Ugweme inzondo, ukubulala, ukuthakathana, ukufaka umqondo omubi abanye.
Ukungalobizeli izikhundla ube wazi ukuthi azikufanele, akukakabi isikhathi. Ngoba ungafuni ukudlulwa yizinto. Ekubeni uzazi ngaphakathi ukuthi awuyikona lokho, abathi noma abacabanga ukuthi uyikona.

Kwakusukela kowe-1985, nowe-1996, kuze kube manje, kusabadida amakhanda ukuthi bayini, uyini. Yayingaphumi impendulo okuyiyo ngoba babecabanga ukuthi ngangisho ngokwamaqembu epolitiki ngaleyo minyaka, nanamanje.

Bathi: NgiyiVenda, ngiyiPedi, ngingumTswana, ngingumSotho, ngingumTsonga, ngiyiShangane, ngiyiXhosa, ngiyiNdebele, ngiyiSwati, ngiwumZulu, ngiyiNdiya, ngiyiBhunu, ngiyiKhoisan, ngingumlungu njalonjalo. Kwakungabuzwa ubuhlanga nobuzwe.

Kwahlwa emini kuMnu uSiya Manzi benoMnu uMdi Majola basemgwaqeni uBhubesi noMaMkhize waseNkandla bengenampendulo. Sayokha insini emva kokuba bezwe engakubalula. Sihlale sayibalula inhlakanipho, ukuthi iyisengezelelo uma ufunde imfundo ephakeme. Le nto engasabonwa nangokhalo emphakathini, ebaholini, kosopolitiki boHlanga nezinye izinhlanga.

Kwahlaluka ohlelweni lwethelevishini ezimele iNhlaka Production, olwalulawula uMnu uNhlaka Ndlovu, zingama-25 kuNdasa wezi-2021, ngomdidiyeli wamabutho uMnu uMlandeli Mgiliji Nhleko kwaNongoma.

Ukuthi uMgiliji wayenenhlakanipho kaMdali. Wayenza imisebenzi sengathi wayeneziqu zemfundo ephakeme. Wayetshele izwe, ukuthi wayefunde wagcina kusekhondiye, esekwazi ukubhala igama nencwadi.

See Also

Ofundile nongafundile ngokwaseNtshonalanga, ozaziyo ukuthi uyini, ubanomgogodla, akazenzi angeyikona, abe iwuwa. Wenza izinto ezinobu-Afrika phakathi. Akaziboni ukubamba kwembungulu.

Abakatshengisi ukuthi bayisibuko abaholi, osopolitiki boHlanga baseNingizimu Afrika, njengoba besehlulwa ukuthula izinkulumo ngokwezilimi zebele. Basungule amathuba abazotolika ePhalamende, komasipala nakweminye imikhakha. Hhayi ukukhuluma ngokudalwa kwamathuba emisebenzi, angezukudalwa yibona.

Koze kwehle liphi iqhude emthini? Kuze kube nini besaba ukukhombisa ubu-Afrika, njengabaholi baphambilini?

Njengokuthi abelungu bamazwe aseNtshonalanga babezazi ukuthi bayini kowezi-202. Benqabela abaseBotswana, abaseLesotho, abaseMalawi, abaseMozambique, abaseSwatini, abaseNamibia, abaseZimbabwe, nabaseNingizimu Afrika ukungena kuwona. Besabela igciwane okuthiwa i-Omicron Covid Variant elaqala eNingizimu Afrika.

Ukungazi kwabaholi base-Afrika ukuthi bayini, kwenza bangama neMadagascar igxekwa ngamazwe aseNtshonalanga neNhlangano YezeMpilo yamazwe omhlaba abumbene.
Yayihlanganisa ikhambi lomhlonyane ukulwa negciwane lokhuvethe, enyangeni uNhlaba wezi-2020. Ngabe i-Afrika isinokwayo kwezempilo emhlabeni. KwakunguMnu uCyril Ramaphosa, uSihlalo weNhlangano Yamazwe Abumbene Ase-Afrika ngowezi-2020.

Kwakusekupheleni kowezi-2019 eChina, kuqala ukwaziwa kwegciwane lokhuvethe. Ngasekupheleni kowezi-2021, kwaqala i-Omicron Covid Variant eNingizimu Afrika. Amanye amazwe aseyasola.

Scroll To Top