Izingane nentsha bonke bayakudinga ukubongwa!
UThemba Nkosi yintatheli ezimele ezinze eThekwini noMsunguli weThemba Nkosi Dreamers…
Esiqeshini esedlule sabhala ngobumqoka bokufundisa nokukhuthaza izingane nentsha igama elithi “Ngiyabonga.” Namuhla sikhumbuza abazali, othisha nabaholi ukuba bazifundise ukubonga izingane nentsha kulokho ezikwenzayo nokubahlaba umxhwele. Yonke imikhakha yempilo ingumbaxambili.
Ngamanye amazwi ayikho into ehlale inohlangothi olulodwa. Uqala ngokwenza into noma ngokululela omunye isandla bese ulindela ukwamukela emva kwalokho.
Uma uzijwayeza ukubingelela nawe uzobingelelwa. Uma uvamise ukubonga nokunconywa nakuwe kuzokwenziwa njalo. Uma ufuna ukuhlonishwa kufanele uyiphile futhi uyikhiphe ngeziqu zoboya leyonhlonipho. Azikho izinto empilweni ezivele zizenzakalele. Kunento eyisimanga ngempilo kuyo yonke iminxa yayo, ayinakho ukuzenzisa nendlela enqamulelayo. Uma uthuke waphumelela ngokunyanyalata akubi njalo isikhathi eside. Ekugcineni uyabhajwa kunoxhaka wamaphutha usale usuyintandane ebisha ingunaphakade odakeni lobunuku obungenasidingo!
Izingane ngokwemvelo yazo nebanga intsha ekulo bonke babuthaka, bayizimbali engakakhuli ngokwaneleyo ukuba ingazimela, izihlakulele ngokwayo ukhula lwamaphutha. Enye yezindlela yokuqeda ngokupheleleyo ucadolo nameva ezibhajwa kukho zingaqondile, zingazi futhi zingaboni yikuba konke okuhle okubonwa kuzo kunconywe, kwakwazise, kubongwe sengathi akukaze kubonwe kwenye indawo.
Ingane ijatshuliswa yinto encane kwesinye isikhathi engasho lutho njengomuntu wesifazane. Kungaba wumama, ugogo, udadewethu, umlobokazi noma yintombi nje. Bonke uma uke wathi, “Waze wamuhle sengathi yilanga liphuma!” “Waze wamoyizela kamnandi sengathi imbali ilele amazolo!” “Laze lamtoti iphimbo lakho sengathi yijuba licula lodwa phezulu emthini.” Konke ozokusho kulowo muntu uzokulalela ngenhliziyo egiya ngesigqi senjabulo. Akukho ongakucela akuncishe khona. Uma umuntu omdala osevuthiwe emqondweni ejatshuliswa yikubonga, kuyacaca ukuthi kunomthelela omuhle nobukhulu bawo bungalinganiseki enganeni nakumuntu omusha.
Umzali, uthisha nomholi kufanele abe yiziko lapho ingane nentsha bonke bazizwa bedonswa wuzibuthe wemfudumalo yothando nenomfi yenkuthazo. Esikhathini esiningi bazihlaba bazihliphize kwezikwenzayo. Babhoka ngolaka sengathi bathelwe ngezibonkolo zigcine izingane sezibona amabhubesi namazimuzimu. Ziyaqhela, zibabalekele zigweme konke okubahlanganisa nabo. Lokhu kufana nenja oyikhaca uyikhahle, uyincishe nokudla uma umniniyo engakho. Mhla ekhona usuku uzame ukuba nomusa kuyo, yona ihlale ikuxwaya ngoba umqondo wayo usuthwebule kaningi wazijwayeza ukungadlaleli kuwe. Nezingane uma sezigxekwe, zantinyelwa ngoswazi zigcine sezihambela kudo nawe okwelanga lasebusika.
Uma ingane ibithunyiwe yabuya nempendulo noma notho olulindelwe, kuyiphutha ukuba kuthiwe kuyo, “Beka lapho wena!” Kunabazali abehlukekayo ukuphungozisa abazokusho ngalegama, “Ngiyabonga ntombi yami.” Kuyinhlamba kubo ukuthi “Ngiyabonga Sigwaza! Julaza!” uma ezalwa kwaMabhida. Ingane izwa ebongwayo iyakhula emqondweni ifudumale nasenhliziyweni. Emithanjeni yayo izwa igagasi lentokozo engachazekiyo ligeleza ngokuphindelela. Iyamazisa lowomuntu oyibuka ngeso lokuncoma nokubonga. Amazwi akho athi, “Ngiyabonga” kuyo ayimvubelo yokuningi okuzayo. Ngakho yenze isivande osichelela ngakho konke okuhle okushoyo noyenzela khona. Yenze umhlabathi okukhiqizela konke okuhle ngokuhlale uyivukuza ngomquba wokwazisa konke okuhle ekwenzayo nekushoyo.
Abazali abanezingane ezavundla kwezabo izisu nezaphuma okhalweni lwabo abangalingeki bacabange ukuthi banazo ngokuhlakanipha kwabo. Kunobaba nomama abasebenzise yonke inhlobo yamakhambi esintu ukuba babusiswe ngezingane sekwale ukwenza iminyaka eminingi. Kunabanemali ubuningi bayo bucima ilanga sebaye bephindelela kodokotela kepha izibeletho zabo ziyehluleka ukumumatha. Bangenza noma yini ukuba babenazo kepha abanazo bazigqilaza izinhlizyo bazixhophe emiphefumulweni. Igama elithi “Ngiyabonga ngane yami” livela kubo liyinhlamba! Ngokuliphimisa bazibona bengabonwa bebuthaka bezokwehla iisithunzi sibaqambe indlela emakhanda.
Ukuncoma okuhle okwenziwa yizingane nokubabaza inkuthalo yentsha, kuzilethela umfula wenjabulo yezinyembezi, konke okuphenduka udonga nokhonkolo okungenakudibizwa ngamazwi agxekayo. Lodonga nokhonkolo wenza konke okungakhi okubhekiswe kuzo kuphahlazeke lekude kungakafinyeleli ezinhliziyweni zazo nasemiphefumulweni yazo.
Ukubonga izingane nentsha akudingi nkence nabugagu, kudinga ubuqotho nokuvuleleka!
Amazwi abazali, othisha nabaholi ekuncomeni nasekubongeni izingane akukho labo ethengwa khona. Kumele agobhoze ezinhliziyweni ezinonembeza nasebuchosheni obuvuthiwe nobungadungekile. Bekufanele nabadala bazibuze ngaphambi kokushona kwelanga lombuzo, “Ngiwaphimise amahlandla amangakhi amazwi athi,‘Ngiyabonga enganeni?’” Uma bengakwenza lokhu bayofikelwa umuzwa wokuthobeka nokuzindla ngomonakalo abawudale ezinganeni nasentsheni bengaboni!