Now Reading
I-Omicron kubonakala inamandla futhi izwela kakhulu kuneDelta
Dark Light

I-Omicron kubonakala inamandla futhi izwela kakhulu kuneDelta

Ukhuvethe luyaqhubeka luba yinkinga ekuyeleni empilweni ejwayelekile. INingizimu Afrika isesimweni sokwethuka emveni kwesimemezelo sokuthi sekukhona olunye uhlobo. Besixwayisiwe ukuthi kungahle kube khona ihlandla lesine. Kubonakala kuzoba uZibandlela onzima wokuhlala emakhaya.

Uhlobo olusha oluhlonzwe eNingizimu Afrika, eBotswana naseHong Kong olwaziwa ngokuthi yi-Omicron lusabhekisiswa ukuze luqondakale kahle. INingizimu Afrika inesibalo esiphezulu sabahlonzwe benalolu hlobo. Kubonakala kwangathi lunezinguquko esicongweni sephrotheni ingxenye yegciwane equbuka bese inamathela kumseli omuntu.

Izinguquko yizinto ezenkakalayo egciwaneni ngesikhathi lilokhu liziphindaphinda futhi lakhe amanye amagciwane amas emzimbeni okuyinto elindelekile. Umthelela wezinguquko ezintsha uhlupha ososayensi.

Ezinye izinguquko azinabungozi kuthi ezinye ziholele ekutheni igciwane lidluliseke kalula bese kuba nokutheleleka okukhulu njengoba sabona nakulolu hlobo iDelta.

Izinguquko ezenzekile zandisa ubungcuphe bokutheleleka kanzima ngisho nokufa imbala. Kumanje izinguquko zisohlobeni i-Omicron esicongweni sephrotheni futhi lwanda ngesivinini esiphezulu eGauteng, okubonakala kuzoba nezinga eliphezulu lokutheleleka. Lokhu bekungakaqinisekiswa.

Okunye okukhathazayo wukuthi lolu hlobo olusha lwegciwane lungaba nezinguquko eziningi ezingalusiza ukuthi lube namandla kunokuzivikela komzimba. Lokhu lukhathaza kakhulu ngemigomo ekhona manje yize bekungakaqinisekiswa. Njengoba lolu hlobo lucwaningwa zizoba khona izimpendulo zalokhu.

See Also

Kushaye umhla zingama-26 kuLwezi wezi-2021 sebeyizigidi ezingama-260 abathelelekile emhlabeni wonke babe yizigidi ezi-5.18 abafile emhlabeni. Nasebefile abayizi-87 779. Ngokwanda kokutheleleka eGauteng singalindela ukwanda kokuthelelka ezweni lonke. Bambalwa abagomayo futhi ngenxa yokukhathala wukhuvethe baningi abangasakunaki ukuzivikela.

Zakhamuzi, kusezandleni zethu ukuthi leli gciwane landa ngesivinini esingakanani. Ngininxusa nonke ukuba nenze njengoba nixwayiswa ukunciphisa ukudluliseka kwegciwane iSARS-CoV-2. Izindlela zokuzivikela esizaziyo zisasebenza namanje. Ngigqugquzela wonke umuntu ukuba:

  • Agqoke izifonyo.
  • Ashiye ibanga phakathi kwabantu.
  • Ageze izandla futhi asebenzise isibulalimgciwane.
  • Angayi ezindaweni eziminyene futhi babuthane endaweni eshaya umoya ngokwanele evulekile engaphandle.
  • Akugonywe!!!

Scroll To Top