Now Reading
Isixazululo saboHlanga nomhlaba wabo
Dark Light

Isixazululo saboHlanga nomhlaba wabo

Izizwe zaboHlanga kanye nezimilo zabo zaziphila ngokudla imvelo nokuvikelwa kwayo, kepha ukuphatha komhlaba bewuphathwa ngobuzwe. Lapho kusho ukuthi ukuphila kwabohlanga kanye nabokufika kulelizwe bekuhlukene ukubusa izwe kanye nomhlaba njengabokufika bona elomhlaba beluphathwa ngamunye uma silanda elamaNgisi abaqala ukuliphatha ngamunye ngeye-1200 lapho amaNgisi esebumbe isizwe sawo.

Akengibuye kuleli likaMthaniya, elikaPhunga noMageba, izinduna zenkosi zigamela zibe onogada benkosi futhi nesizwe, ekunakakeleni umhlaba nokondla isizwe. Kepha kuthe uma isizwe siguqa sibe ngaphansi kwabeseDutch (1834) kanye namaNgisi (1880) umthetho womhlaba wabe usuguquka, usuphathwa abamhlophe futhi sekuphathwa ngobunye, kwamaziphathe. Kuye kwaguquka nempilomthetho kaZulu kanye nesakhelene nabo.

Noma ukulahlekelwa komhlaba kwaba izigaba ngezigaba, baze babumba isizwe ngowe-1910 kuthe lapho base beshaya inqubomgomo ngowe-1913 bethi oboHlanga abesezokuhlala kulo mhlaba ongaphezu kwamaphesenti ayishumi nantathu, bona bazophila komhlaba ongaphezulu kwamaphesenti angamashumi ayisishagalombili.

Le nto yeza nezinkinga kwaboHlanga, kanti abamhlophe bafaka namahemuhemu ukuze besixakaze imiqondo, ukuba lona okabani kahle kahle lomhlaba. Ingakho yonke into ethi iyisifanekiso sokuxazulula isheshe iphele kuhle komlilo wephepha ngoba sikha phezulu sikhohlwe izimpande, ngingasasho uVezi kaSenzangakhona.

Engikushoyo ukuthi kumele siluqale ezimpandeni udaba lomhlaba, umhlaba kaZulu wonke, kusukela ngale koThukela kuya emngceleni wolwandle, ukhuphuke njalo. Mawubuyiselwe kuZulu namanxusa akhe.

Kumele lapho, njengoba sibhekene nesimo esisha ezokulima, ezomnotho sezidinga ubuchwepheshe obusha onokuhambisana nososayense. Lokhu kosisiza mhla sesizimele ngoba akuyosiza uma sijahe ukuthatha umhlaba kepha asazi ukuthi ugcinwa kanjani ngoba izikhathi sezaguquka kanti nesimo sezulu asisavumi. Ngakho-ke sidinga ukulekelela umhlaba ukuze sivune sidle ngawo.

Abaningi bayazibuza ukuthi bayovuma kanjani labo ngxiwa abathatha umhlaba ngegazi ukuthi basinike nje besineka? Nina bakaNodumehlezi kaMenzi, abathi uShaka akayokubusa kanti ilapho ayonethezeka khona, ngithi mina asikho isizwe esake sathatha okungesaso kamnandi, kuyomele sikwamukele ukuthi sodlula ebunzimeni phambi kokuba sinethezeke.

Ngikusho lokhu ngesiqiniseko ngoba umhlaba wathathwa ngegazi kanti futhi laba abawuphethe bashiyelwa ngoyise bafunga ukuthi ngeke bawuyeke ngaphandle kokulwela.
Inkinga iyaye ibe ekutheni phakathi kwezizwe ezingaphansi kweNingizimu Afrika, kokwenziwa njani ngoba abezemfundoze bathi sisesemuva ngoba silwa sodwa kanti silelwa ubuzwana, besho amampunge ngoba bengafuni siphumelele.

Umbuzo umile nina bengabade: “Sothi sikhululekile kanjani uma sisadla olukaJoji ulimi?” Ngeke bo silibone elidlalayo uma sisasaba ukuthi, “Cha nina bakithi, thina sithi sifuna umhlaba uhambisane nomthetho wobaba; unobulungiswa. Hhayi le nto yaseDutch namaRoma”.

See Also

Komele sishicilele umthetho wasemandulo wobulungiswa nohambisana nesimanje, sikhulise ulimi lwethu, kusukela endlini, ezikoleni, emnothweni kanye nasemsebenzini. Ukuze sizo kwazi ukuthi uma umhlaba usungakithi, ukuhlela izinto zibe lula kanye nokuhambisa ulwazi kubalimi nabaqapha izwe lethu.

Kungenzeka njalo kube khona ukungqubuzana kwezizwe ezingaphansi kweNingizimu Afrika, into ekungelula ukuthi ivikeke kalula. Lapho kokhomba khona ukuthi uguquko lobulungiswa neqiniso lusendleleni.

Komele siyibambe ishisa insimbi nina boHlanga, nokhukhulelangoqo okunguwona uyoguqula ukwakhiwa kwesizwe, sikhulume ulimi lwaboHlanga nomhlaba ke kuyobe usungowethu. Owani umbango?

Masilunge kuzo lezo ngxenye, ukuze sidlise isizwe. Kanti lokhu kufumaneka mhla sathatha umkhonto sithi siyazimela singaboHlanga phambi kokuba sihlanganiswe abokufika, lapho ke sobe sesizihlanganisa thina ngobuhlanga nephupho lobaba bethu abasishiya nalo.

Scroll To Top