Now Reading
Ubuholi be-IFP abungacashi ngoMntwana
Dark Light

Ubuholi be-IFP abungacashi ngoMntwana

Inkatha Freedom Party ngomlomo kaMengameli wayo ubaba uHlabisa, iphumele obala ngeledlule ithi ngeke ihlangane ne-African National Congress ekubambisaneni kokuphatha omasipala kulandela imiphumela yokhetho loHulumeni Bendawo ephoqa ukuba amaqembu axoxisane angene ezivumelwaneni ngokuhlangana.

Bazisho futhi nezizathu zalokho ezibandakanya umlando onobutha phakathi kwala maqembu, kanye nobuqili obuke bavela ngaku-African National Congress eminyakeni edlule kubo omasipala basekhaya futhi-ke wakuveza uMhlonishwa uHlabisa ukuthi bekufanele kube nezingxoxo ebezingakaphumeleli zokubuyisana kula maqembu nokunye.

Manje kuyasidida lokhu esikubona sekumenyezelwa. Ngoba ubuholi abucacisi ukuthi kubuye kwaba nasiphi isizathu sokuguqula isinqumo saphambilini. Kwabanye abangabalandeli bokuqina beNkatha lokhu kunomuzwa wobuhlungu obujulile ngenxa yomlando wobutha belu, phakathi kwala maqembu.

Okungase kusho ukuthi bakhuluma bengakahlangani noma bengacabangile; kumbe bebeseqiwe yintukuthelo ngenxa yomlando wabo, ngoba noma bangathini manje ngeke kusezwakala kahle kithina balaleli nezakhamizi zakuleli ikakhulu ngoba bekushiwo owengamele iqembu.

Sizobethemba kanjani manje ubuholi, uma buzokhuluma into bubuye buziphikise bona esikhathini esifushane nje?

Ngicabanga ukuthi kuzolilimaza iqembu uma ubuholi balo buzoba nobuthakathaka ngoba akufanele ukuba oholayo akhulume uma kungakahlanganiswa izinhlaka zonke ebuholini azokusho esidlangalaleni.

Leso simo senza umuntu nje ongesiye nosopolitiki abone sengathi umgogodla awukho ebuholini beNkatha.

Enye into okumele icaciswe ukuthi ubani onguMengameli ngoba kufanele bamphumuze manje uMntwana emisebenzini yeqembu uselisebenzele kakhulu iqembu futhi usekhulile abakwazi ukuthi bazohlala besebenzisa yena noma esezicelele ukubuyela eceleni. Lokho kuzokwenzeka ukuba bona bengabaholi beqembu bangakhuli.

Akubonakalanga kuba yinto ema kahle ukuba uMntwana avele enoMengameli weqembu le-ANC ebe ekhona onguMengameli weNkatha. Akulona iphutha uma bezocela izeluleko kuye phezu kwezimo ezithile njengomuntu omnkantshubomvu kupolitiki futhi osekhulile kodwa akusamile kahle ukuba kuthiwe usabambe iqhaza ezingxoxweni njalonjalo.

UMntwana useyilimile eyakhe indima. Wasungula iqembu ngonyaka we-1975, wakhuphuka nalo lafinyelela emazingeni okuphatha uHulumeni wakwaZulu. Konke lokhu kwenzeka uMntwana ebambisene namadoda kanye namakhosikazi iningi labo babefundile lapha ngingabala uSolwazi uSbusiso Bengu, uSolwazi uDlamini, uDkt uFrank Mdlalose, uDkt u-O.D Dlomo, uDkt uLionel Mtshali, uDkt uBen Ngubane, uSolwazi uGabriel Ndabandaba, okaNkosi Shandu, uNkk uFaith Gasa baningi abanye ayasebenza nabo.

UMntwana waKwaPhindangene, akagcinanga lapho. Waphinda waliwelisa iqembu leNkatha langena okhethweni lokuqala kuHulumeni wentando yeningi ngonyaka we-1994. Lahola UHulumeni wesifundazwe saKwaZulu-Natal ihlandla lokuqala laphinda laba iqembu eliphikisayo kuHulumeni kaZwelonke.

Usabalele kakhulu umlando woMntwana eqenjini; angikwazi ukubhala konke. Iningi lethu liyazi ukuthi abaningi kulabo ayesebenza nabo sebalandulela leli.

See Also

Engizama ukukusho lapha ukuthi kufanele ubuholi obukhona manje bubhukule busebenze ngokuzikhandla. Lokho kuyoba indlela esezingeni eliphezulu yokumhlonipha esaphila akungabazeki ukuthi lokho kungamjabulisa naye kunokuba bamyekelele nakuba eseze wazicelela yena ukuba ehle ebuholini.

Uma iqembu liphikelela ukumsebenzisa nasebudaleni bakhe liyawugqiba wonke lo msebenzi asewenzile kanti basenhlanhleni ngoba usadla anhlamvana futhi uNkulunkulu umuphe nobuhlakani. Ababaningi uma bekhona abasunguli bamaqembu abasaphilayo futhi abasebukhali ezintweni eziningi.

Inkatha Freedom Party njengeqembu laboHlanga bekuthandeka ukuba ibonakale ivuka ima ngezinyawo, ikakhulu njengoba kuphawuleka manje ukuthi isinohlelo lokuheha abasha, kanye nezinye nje izinhlelo ezikhombisa ukuthi iyancintisana namanye amaqembu epolitiki. Lokho kukodwa bekuzoyenza ikhule ukuze ibhekane kahle nontanga yabo njengoKhongolose namanye amaqembu epolitiki.

Lokho bekuzoyenza ikwazi nokufinyelela kwezinye izifundazwe ingabi yiqembu eliKwaZulu-Natal naseGauteng kuphela kodwa yenabe njengontanga yabo.

Njengamanje kubonakala sengathi ubuholi sebucashe ngoMntwana kanti sekufanele buzimele manje izindaba zeqembu, zinganciki kakhulu kuyena.

Scroll To Top