Now Reading
Imboni yezolimo ikhahlamezekile ngalolu bhubhane
Dark Light

Imboni yezolimo ikhahlamezekile ngalolu bhubhane

Njengoba usongwa owezi-2021 ngalesi sikhathi sonyaka igama elisuke lisematheni kakhulu kubantu kuvamise ukuba ngelokudla. Lapho kuhlangana khona imindeni, izihlobo nabangani kusuke kuzovalwa ngokuba kudliwe. Muva nje nezitokofela sekuba ngezokudla. Umbuzo esingazibuzi wona ukuthi ngabe lokhu kudla kuqhamukaphi kuze kufinyelele kithina nje. Abalimi yibona abangumgogodla endleleni ebheke ekondliweni kwesizwe. Kepha eminyekeni emibili edlule abalimi ikakhulukazi aboHlanga bakhahlamezeke kakhulu ngokuhlasela kokubhabhane ukhuvethe.

Usumkhulu umonakalo osudalekile okubonakala kuyothatha iminyaka ukuthi ulungiseke embonini yezolimo ngenxa yalolu bhubhane. Uhlelo lukaHulumeni wakuleli lokugoma luhamba ngonyawo lonwabu. Kulokho ziningi izizathu ezibekwayo. Esinye sazo ngesokuthi kusekhona umphakathi osemanqika ngokugoma ngenxa yezinkolelo ezahlukene, okunye ukukhuluma ngokuthi umgomo awukafinyeleli ngendlela elindelekile ezindaweni lapho okuhlanganyela khona umphakathi. NoHulumeni uyagxekwa ngokuthi awunalo uhlelo oluqondile lokugoma njengoba kusekhona izinkulungwane zabaneminyaka engaphezu kwama-60 ezingakagomi. Kungalesi sizathu uHulumeni eseqhamuke nohlelo lokunxenxa abantu abaneleminyaka nangaphezulu ukuba bagome. Laba bantu bazonikwa ivawusha ye-R100 ngale mpelasonto uma beza ezikhungweni zokuvota.

Isibalo uHulumeni ayezibophezele ukufinyelela kuso ngalesi sikhathi, kubonakala sisekude ukuhlangana. Isikhalo esikhulu ngesokuthi kunezigidi zomgomo ezingakasetshenziswa. Kunovalo lokuthi uma kwenzeka ligasela ihlandla lesine isimo singaba sibi kakhulu njengoba kucaca ukuthi baningi abangagomile ezweni.

Njengoba sikhuluma ngomonakalo osudalwe yikhuvethe, eNingizimu Afrika sebebaningi abantu abalahlekelwe yimisebenzi. Kwenzeka konke lokhu nje nentengo yokudla iyanyuka, kushiye abantu nendlala. Umkhakha wezolimo ukwazile ukuvuka ukuzibambe ngalesi sikhathi njengoba kuthe emuva kwesivuni wakwazi ukukhulisa inani lemikhiqizo yezolimo ethunyelwa emazweni angaphandle isuka kuleli. Lokhu kwakha isithombe sokuthi imboni yezolimo ayikhahlamezekanga kakhulu ngesikhathi sokhuvethe, futhi nabalimi kukhona abakuhlomulile.

Umkhakha wezolimo nomhlaba
ENingizimu Afrika lo mkhakha usagcwele kakhulu abalimi abamhlophe, abangabanikazi bamapulazi nemifelandawonye yabamhlophe. Lesi simo asithusi ngoba okwaholela kuso ukumukwa kwahoHlanga umhlaba nguHulumeni wobandlululo, okumanje udaba lwawo luseyiva oludinga ukubangulwa.

Kuhlawumbiselwa ukuthi bangaphezulu kwezi-7000 abalimi, bonke okungabamhlophe abalinganiselwa kuma-80% abasemkhakheni wozolimo, bese kuthi aboHlanga balinganiselwe ezigidini ezi-2 okuhlanganisa nemindeni abakulo mkhakha oningi labo abatshala eziqeshini zomhlaba ezincanyana ngenxa yokuntula izinsiza. Kulesi sikhathi kunesikhala esikhulu sokuba aboHlanga bangene emkhakheni wezolimo ngokugcwele njengendlela yokuvala igebe eladaleka ngesikhathi bemukwa umhlaba.

Ucwaningo olunzulu olwenziwe kubalimi abangama-40 phakathi kukaMfumfu wezi-2020 noNhlangulana wezi-2021 lubheka okwenzekile kubalimi boHlanga abasemkhakheni wezolimo nalabo abamaphakathi nendawo abakhiqiza imifino ngokuthi ukhuvethe ibakhahlameze kanjani. Lolu cwaningo luyingxenye yalolo oluhlanganisa amazwe amathathu obelubheka ukuthi ukhuvethe ibe namthelela muni ekukhiqizweni kokudla. Okunye obekubhekwa kulo ukuthi inhlalo yabantu ibe njani ngasekudleni emuva kokhuvethe, ukungalingani nobubha.

Okuvele kucwaningo
Lolu cwaningo luveza indlela abalimi abebephila ngayo ngendlela abebesebenza ngayo ngaphambi kokuhlasela kokhubhane ukhuvethe. Iningi belidayisa imikhiqizo yabo emigwaqeni abanye besebenzisa izimti ezingamaveni ukuhambisa imikhiqizo. Bathi le ndlela yokudayisa yiyona ebibaluleke kakhulu kubona ngenxa yentengo enhle abayinqumayo, nokuthi imali ibiza kubo ingukheshi zingekho kakhulu izindleko zezokuthutha.

Okunye okuvelile kucwaningo ukuthi enye ingxenye emqoka yemakhethe yileyo kaMasipala yezithelo. Naphezu kwezinselelo ezihambisana nezindleko zezokuthutha nezinye izingqinamba, kodwa ngisho nabalimi abasebancane abaphuma ezindaweni zasemakhaya bayayisebenzisa le makethe. Abalimi abali-12 baveze ukuthi imikhiqizo yabo sebeyidayisela nezitolo ezinkulu.
Okunye okuvelile kucwaningo ubumqoka bokuba khona komhlaba emphakathini lapho ungakwazi ukutshala khona. Lokhu kufakazelwe ngabalimi abangama-23 abathi bancike kakhulu kulo mhlaba ngemikhiqizo yabo. Kulaba balimi bayisihlanu kuphela abaveze ukuthi bona umhlaba abalima kuwo ngowabo. Abalimi abali-11 baveze ukuthi basebenzisa umhlaba abangenaso isivumelwano eside kuwo, okungenzeka isivumelwano abanaso nabanikazi bawo sinqamuke noma kunini, okwenza bahlale njalo ngokungakhululeki.

See Also

Ukhuvethe nangendlela uHulumeni angenelele ngayo emizamweni yokulwa nayo kubakhahlameze kakhulu abalimi. Bazithole besesimweni lapho izinga lokufunwa kwemikhiqizo yabo lehlile, kwadingeka ukuthi behlise intengo ukuze bakwazi ukudayisa. Bazithole sekuphazamiseka izinhlelo zabo njengokunyuka kwentengo yomkhiqizo, ukutholakala kwayo kwaphazamiseka nezinhlelo zokuthunyelwa kwayo. Lokhu kuholele ekutheni abanye abalimi balahlekelwe yinzuzo, kwaphoqa ukuthi behlise imikhiqizo yabo, okyisimo esaholela ekulahlekeni kwemisebenzi, abanye bama ukusebenza kodwa okwaba yinto yesikhashana.
Ukhuvethe lufane nokufaka usawoti esilondeni kubalimi njengoba bekade bevele bebjhekene nezinselelo eziningi njdngokuntula imali yokugcinz amabhizinisi abo esimeme, ukuthola umhlaba nezinye izinsiza ezingabalekelela ukuphuma esimweni ababhekene naso.

Abanye abalimi abebebheke ukusebenzisana namabhizinisi amakhulu, njengezindawo zokudlela namahhotela balahlekelwa kakhulu. Abanye abebedayisa emphakathini bakhahlamezeka kakhulu kwaphoqa ukuthi behlise isikalo semikhiqizo yabo ngoba nasemphakathini ukhuvethe ishaye kwezwela, kanti nesimo somnotho besivele sintengantenga. Abanye bazithole beshintsha izindlela zokwenza, njengokudayisa emgwaqeni, nokudayisela abantu emiphakathini abakuyo.

Lesi senzo sigcizelela ukubaluleka kwale mboni yemakethe ngoba ukudayiselwa komphakathi kwenzeka nakuba sekukhona asebalahlekelwa yimisebenzi. Ngale ndlela abalimi bayakwazi ukuthi imikhiqizo yabo itholakale kalula, futhi nentengo iba ngaphansi kwaleyo eyejwayelekile uma uyiqhathanisa neyabalimi abasezingeni eliphezulu nezitolo ezinkulu.

Okunye okumqoka ukuthi bayakwazi nokudayisa ngokwezikalo ezilingana nephakethe lomuntu. Uma uhulumeni engaba nohlelo oluqondile lokulwa nokubhebhetheka kwekhuvethe, baningi abantu abangabonakala begoma, kunciphe indlala kubuye namathuba emisebenzi alahlekile.

Scroll To Top