Inkohlakalo ibumbele uKhongolose abaholi bawo isigubo esibi
UZanele yintatheli esimkatshubovu nezinze eChina.
Kunebizo elisebenza kakhulu esizulwini ukuhlonza ukwakheka komuntu okuthi uma sekusetshenziswe lona kwakheke ukuqonda kangcono kulabo ingxoxo ephakathi kwabo. Leli bizo kuyancomeka ngalo futhi kuyagxekeka ngalo. Kanti okuqaphelekayo ngaleli bizo liyalumbaniswa nengaphakathi lalowo muntu umoya wakhe; isigubo.
Kuye kuthi uma umuntu ebukeka enganeno kweminyaka yakhe yokuzalwa kuthiwe “unesigubo esihle” ngokunjalo uma ebukeke engaleya kweminyaka yakhe yokuzalwa kuthiwe “unesigubo esibi”. Kanti futhi kuchazwa kanjena nje kusuke kubukwa nanomoya wakhe lowo muntu. Umuntu uze ethiwe ngesigubo nje nomoya wakhe usuke uhlanganiswa lapho.
Ngokunjalo ke nasemaqenjini ezepolitiki uma kukhethwa abaholi abaphezulu ikakhulukazi lowo ozoba wubuso beqembu kuyabhekwa nezigubo zabo ngoba kusuke kuzolisebenzela iqembu lokho uma sekukhankaswa. Njengoba kukhona abavoti kanye nabo abezindaba abamakha noma bamdayise umholi ngokwesigubo sakhe basho nokusho ukuthi ngeke avotelwe ngoba (babalule isigubo) sakhe uma sisibi. Noma avotelwe ngenxa yesigubo sakhe uma enesigubo esihle. Kuthi noma enako okuningi okufunekayo kuye njengomuntu izona ubuso beqembu kodwa isigubo esihle kuphoqeke ukuthi akasigqoke uma engenaso.
KuKhongolose uMnu uMandela waba nesigubo esihle uma kuza ebusweni beqembu nanjengoba nakuba wayesekhinyabezwe yijele kodwa ukumamatheka kwakhe nomdanso wakhe wawusibuyisa isigubo sakhe esihle esasikhahlazwe yijele. Kwathi noma sekuvela amagama anjengo “ntombi ishelwa ngamanga” kodwa ngenxa yesigubo sakhe waqhutshekwa nokuthandwa kwalamula nokuhlala kwakhe ihlandla ililodwa.
UMnu uThabo Mbeki yena kwakukhona okwakukhomba ukuthi kumele asigqoke isigubo esihle nanjengoba wayengumuntu ongalivezavezi izinyo. Naye wazama bandla njengobuso beqembu nakuba wayengaba namva ebuholini bakhe kodwa wayethi uma eseqinisa isandla kucace ukuthi amanye amalungu omphakathi ayevele akhale ngenhliziyo yakhe embi nokwakuthi uma kuhlangenwe ezinsisheni kuzwakale amagama athi “futhi uyahlina enjalo nje”. Lokho kwawenza wabalula umsebenzi wokushutheka uMsholozi ezicathuleni zikaMnu uMbeki kubavoti abathathwa isigubo kumholi.
Kwathi uma uMnu uJacob Zuma ezoba ubuso beqembu. Uhleko lwakhe, ukumoyizela, ukuhlabelela kanye nokuyiggxoba kwakhe uma evuma ingoma. Kuhlanye izihambeli nokwathi uma esewubuso beqembu kwalihambela kahle iqembu lakhe okhethweni, nanjengoba zisahlanya namanje izihlwele uma esenza adume ngako uma eyovela enkantolo.
Kube njalo nakuMnu uCyril Ramaphosa ozakhele isigubo esihle nge”Thuma mina” nangokuhlanganyela nezakhamizi ngokuzivocavoca kodwa kwasho ukuthi siyazanywa nje ukwakhiwa lesi sigubo esihle kodwa asibonwa, sasibuye sembathwa ifu elimyama lokubulawa kwabavukuzi baseMarikana. Nayo imvalelwakhaya yavele yasihlikiza yasiqeda isigubo esihle ayethi uyasakha.
Kodwa kukho konke inkohlakalo yiyo ebumbele bonke abangangenela umjaho wesobuso bukaKhongolose isigubo esibi. Ukuzinothisa kwabaholi beqembu kusuka kuzwelonke ezifundazweni kanye nasezifundeni, kulimaza igama elihle labahlali abakhethwa ngamalungu omphakathi bebazi ukuthi bayawukhathalela umphakathi bese umphakathi ubakhuphulela ukuthi bayobamela emkhandlwini unethemba lokuthi isabelo esizokhishwa wumkhandlu, esizobhekana nezidingonqangi zezigceme, leyo mali izobe ifikela ezandleni ezethenjwa umphakathi.
Ngeshwa lomphakathi lo muntu abasuke bemjuba usuke esezokwebuza lesi sikhumba abamazi ngaso kungesikho ukuthi udidwe yimali noma udakwe umbuso kodwa esedlubha lesigubo sabaholi beqembu lepolitiki umphakathi osuke umvotele ngaphansi kwalo. Usuke esethatha imiyalelo yabaholi beqembu lakhe nalapho othola kwizigceme sekuchotshwa amalungu omphakathi kudingeke labo abanezinkampani ezizokwenza umsebenzi wokuthuthukisa umphakathi kudingeke bakhiphe amantshontsho ukuze bathole leyo misebenzi ngoba uma bengakwenzi lokho bayoyizwa ngendaba leyomisebenzi.
Kuba esifanayo nakulabo abasuke bezoqashwa yizo lezinkampani ngaphakathi emiphakathi lapho labobantu obathola sebezichuse zabahloli beqembu. Imiyalezo yokweseka iqembu idluliselwa kubo ngomlomo wekhansela. Kushiwo nanokuthi uma lingesekwa iqembu ukuze abaholi balo esifundeni ababhekene namacala bakwazi ukubhekana nezindleko zamacala.
Kuba esifanayo futhi lapho labo baholi sebeyovela enkantolo kuthathwa wona lemalungu alomphakathi anikwe imisebenzi yasezigcemeni agcwaliswe amabhasi ukuyokweseka lowomholi oyovela enkantolo. Lokho bazokwenza bethanda bengathandi ngoba kumele bavikele iphalishi lezingane zabo.
Laba baholi beqembu baphenduka amanqe nokuzophendula lowo obenyulwe yiwo umphakathi ukuthi abamela emkhandlwini abe yinqe naye athi kade ethandwa umphakathi ezihambela nasebusuku ezizulazulela emphakathi akhulele kuwo.
Omunye uthole ukuthi ubengumuntu obekhonze ukuzigijimela emgwaqweni wangakubo ezivocavoca kodwa kunqamuke konke lokho ngoba kusuke sekumele abe nabaqaphi ngoba lomphakathi osuke umkhuphulile usuke usuyingozi kuye ngoba inkece obekumele ilawulwe nguye nekomiti lentuthuko lesigcemeni isuke isilawulwa ubuholi beqembu kwisifunda. Ilokho kuzozwakala kuqina ukukhala kokuthi kwakungcono eGibithe ngoba njengamanje kuyacaca ukuthi inkece ekhishelwa ukuthuthukisa impilo yomphakathi igxeye yayo ithuthukisa abaholi beqembu elibusayo.
Ingwadla ebhekene noKhongolose njengamanje ukukhipha ilungu eliphezulu lalenhlangano elinesigubo esihle njengoba bonke abaziwayo njengamanje benindwe ngesigubo senkohlakalo. Nalowo oyongena ngeke sisasebenza isigubo esihle njengoba uRamaphosa uphenduke iqaqa ethi uzama ukufeza isethembiso asithembisa izakhamizi zakuleli sokukhuculula inkohlakalo kuHulumeni ngaphansi kwehlo lakhe.