Asifunde ukubabonga besaphila besezwa besasibona



UThemba Nkosi yintatheli ezimele ezinze eThekwini noMsunguli weThemba Nkosi Dreamers…
Kunento esifuqayo njengoba le ngosi isaqhubeka nokudingida iphinde igcizelela isiko nomkhuba wokubonga. Izama ukubamba iqhaza ekwakheni izisekelo eziqinileyo zesizukulwane sezingane zethu nezabo. Senza okufanele sikwenze ukuze ngolunye usuku babengabantu abaqotho, abaholi abanomgogodla oqinile nezakhamuzi ezinezwi nesizotha emphakathini. Uma bebambelele kokukodwa esibafundisa khona bayoba yizintombi nezinsizwa ezinkulu e-Afrika. Bayomamatheka kuwohloke izinyembezi zokubonga nokusazisa lapho besicabanga sesilele ngoba thina siyobe sesizumukile emathunjini omhlaba, mhlawumbe kobandayo, sesimathambo amhlophe kobandayo!
Siyethemba ukuthi esizama ukukufundisa abakubuki njengento ewumqhubasuku njengoba sigcizelela, silima le ndima ebanzi yokubonga. Sigxila kuyo siphindelela ngabomu ngoba igama elithi “Ngiyabonga!” ngaphandle kobubanzi balo alilisha futhi aliphelelwa yisikhathi. Uma ulazisa futhi uzijwayeza lona maningi amasango avele azivulekele, abantu banqakisana ngawe befuna ukuba bakusize ngokudingayo. Ukubonga kuhambisana nenhlonipho nentobeko, nokubingelela nokuxolisa. Akekho umuntu ongaziba onalezimpawu ezinhle kangaka!
Kunabantu ababenomthelela omuhle nomkhulu ngendlela engachazekiyo nengalinganiseki ezimpilweni zethu. Izinkinga zabo zisivule amehlo nobunzima abedlule kubo busigqugquzele basifaka intshisekelo, sagcina sesivuka qinqo othulini lwamaphutha kanye namabatha abo. Ukwahluleka kwabo kube yimvubelo yentshisekelo esiyidingayo. Impilo yabo iyisiqongo sentaba yogqozi okumele siyiqwale sifinyelele kuvothondaba lwayo. Sinikwe ithemba yizingoma abaziqambile. Indlela abagiyisa ngayo usiba lwabo njengezintatheli nababhali, isenza silangazelele ukuba nathi silambele ukucikoza ngamagama njengabo! Ikhono labo lokuvumbulula okungaphansi kwamatshe namadwala lisenza sibe nesibindi sokuqala izinto ezinzima nokungelula ukukholelwa kuzo. Ukuba nomgogodla kwabo kusifundise ukuba ngonkunzi kayihlehli kulokho esikholelwa kukho. Basifundise ngezenzo ukuphikisa ngenhlonipho kunokuphakamisa iphimbo nokukhomba abantu ngeminwe sibaklolodele!
Abanye sifundile sezwa ngabo. Kukhona esingakaze sibabone ezimpilweni zethu, mhlawumbe siyoze sigwinywe yinkebenkebe yomlomo wethuna singakaze sihlanganise amehlo nabo. Kepha kuyisikweletu sethu ukuba labo abasadla anhlamvana siqunge isibindi sibabonge. Sifanele ukubazisa ukuthi yini lena abayenze beyiphindelela eguqule umzila wezimpilo zethu sagcina sesibona impilo ngelinye iso. Bekufanele ukuba senze okuthile ukudlulisa izwi lethu lokubonga kubo. Kungaba ukuthatha ucingo sibashayele sibazise ngomehluko abawenza ezimpileni zethu. Kungaba ukubabhalela izincwadi sichaze kabanzi ngembewu abayitshala kithi benganakile. Kungaba ukucela ukubonana nabo sibabuke ezinhlamvini zamehlo, sibazise ukuthi silapho esikhona ngenxa yabo!
Akuyona impoqo ukubathengela izipho, kuyisidingongqangi ukukhulekela ithuba nabo sibachazele ngegalelo elaba wumzuzu wokucacisa kithi. Kumandi ukubongwa kuletha nomuzwa wentobeko ukuzwa umuntu ethi kuwe, “Ngiyabonga!” Bekufanele sibabonge kuyo yonke imikhakha yempilo. Bayizihlobo zegazi nomakhelwane. Bawothisha abasiqondisa ngesineke silingeka ukwenza okubi. Bawumthombo wempumelelo yethu. Umhlaba wazithina njengezingqwele kanti akunjalo. Yiqiniso nentobeko ejulile okungasikhumbuza amazwi kaSir Isaac Newton owathi, “Uma ngikwazi ukubona kude kungenxa yemindondoshiya engime emahlombe ayo.”
Leli viyo wubhaqa olusibuke ezinhlamvini zamehlo latshala amazwi ayimpophoma egeleza njalo yentshisekelo egcine iba zihlonono zehubo logqozi. Nanamuhla isabubula okwamagagasi olwandle ithi, “Wena angeke wehluleke! Unekhono lokwenza! Unento ozalelwe yona. Ungagudluki kulokho okuwubizo lwakho!” Ngamazwi sidlubulundele, sadabula ehlane ebelimnyama bhuqe. Ekugcineni sifinyelele kuvothondaba wamaphupho ethu, sathinta izinkanyezi uqobo lwazo.
Kasifane nabafundi abahlangana benza lokho abafundiswa uthisha wabo wamabanga aphansi. Wayethanda ukubabona bejabulile, bephumelela, ngaphezu kwakho konke begeleza umfula oyimpophoma yokuzethemba! Ngolunye usuku wabapha amaphepha wathi babhale okuhle nabakuthandayo umfundi ngayedwa. Sebeqedile waqoqa lamaphepha. Wafika ekhaya wazinika ithuba lokubhala konke okushiwo ngomfundi ngayedwa ekuqoqela ndawonye.
Kwakungamakhasi angaphezu kweshumi atholwa ngumfundi ngokwabhalwa ngaye. Esebanika iningi lakhihla isililo ngoba emakhaya lalihlale lithethiswa, ligxekwa, likhacwa nangezinhlamba.
Omunye umfundi wasukuma wathi, “Ngiyabonga ungumama kimi. Ulethe ukuzethemba. Ngalesenzo ngiyaluzwa uthando lwakho nokukholelwa kwakho kithi. Ngiyambonga uSomandla ongilethele umama yize ngingavundlanga esiswini sakho. Mina angibazi abazali….” Engakaqedi kwaqubuka umuntu bakhala bonke nothisha.
Esedla ekadekle wawungaphika ukuthi yezingane uzibelethe ngezimbambo! Zazimazisa, zimshayela izincingo. Zazimvakashela, zifike zimphekele, zishanele endlini, ezamantombazane zimgeza umzimba, ezabafana zicente zimhlakulele engadini. Ngosuku lomama nelokuzalwa kwakhe nangoKhimimusi kwakuhlale kunamadili. Zamnqabela ukuyohlala ekhaya labadala. Esikhundleni salokho zamtholela umuntu ozomnakekela zimkhokhela. Zazinohlelo lokumvakashela ngokwehlukana nangamathimba njalo ngezimpelasonto.
Mhla egubha iminyaka eyisishiyagalolunye yokuzalwa, wawungafunga uthi uZulu eya eMakheni. Zambungaza ngedili lezinsuku ezintathu, zona zafika lisasombuluka isonto. Zazilala kwakhe ngokwehlukana nsukuzonke abafundi abayishumi nanhlanu bemfundela abakubhala ngaye. Ngosuku lokugcina zamupha isithombe esinwetshiwe asithatha nazo egunjini lokufundela iminyaka engamshumi amahlane eyedlule. Kwafundwa izinkondlo ezizibhale ngaye, zizodwa ezaphendula izifundo zakhe umdlalo weshashalazi zawulingisa ngosuku lokugcina.
Sebekhulume bonke wasukuma wathi, “Ngiyabonga nganifundisa ukubonga manje sekuyisikhathi sami ukuba ngithi ‘Ngiyabonga!’ Ngizwa leli gama lilula kepha namuhla sengathi akwanele njengoba ngiliphimisa. “Ngakusasa emva kwesidlo sasekuseni waphinde wabaqabula bonke, wadlula emhlabeni ehleli sakugona komunye wabafundi bakhe. Ngaphambi kokuphuma komphefumulo wathi kubo, “Okwami engangithunywe khona kufezekile. Umuzi wami owenu, ngiyoxhumana nommeli wami.” Yalala kanjalo intombi emabelede made ngokuncelisa nezingavundlanga esiswini sakhe.Kwakuyizibongo zayo. Lawa ngamandla okubonga.