IDA izoba nohulumeni ovulelekile kuMasipala uMngeni
Abantu baseMngeni basilalele ngezinhlelo nombono weDA basinika iminyaka emihlanu ukuyethula. Imisebenzi yethu manje ukufeza lezozethembiso sibuyisele umkhandlu esimweni. Sizoba kuHulumeni onakekelayo, olalelayo nophendulayo.
Sekuyisikhathi sokuthi imali yomphakathi isetshenziselwe ukwenza ngcono impilo yabantu baseMngeni. Okuseqhulwini ukwenza ngcono umnotho wendawo ukuze kudalwe amathuba emisebenzi. Baningi abantu abantu abadla imbuya ngothi okungelula kubo ukuba nokuya ngasethunjini noma ukukhokhela izikweletu. Uma bethola imisebenzi, lokho kuyobuyisela kubo isithunzi.
Ngifisa ukuqinisekisa abantu ukuthi iDA angeke ize ibaqedela abantu imali eholwayo evela kuhulumeni, ngeke futhi yenze ukuthi abantu abadla imbuya ngothi bakhokhele izidingo abangenayo inkece yokuzikhokhela kanti futhi asisoze sabuyisela umbuso wobandlululo.
Lawa ngamanga aluhlaza akhulunywa izimbangi zethu ukwenza ukuthi abantu basabe. IDA iqembu elinakekelayo, esifisa ukukubona nje ukuthuthuka nenqubekela phambili. Sonke sinamaphupho, umsebenzi we DA ukwelekelela ekutheni abantu bakwazi ukufeza amaphupho abo.
Umonakalo oshiywe abebekade bebusa lo Mkhandlu mkhulu, lesi isikhathi sokulungisa. Sizosebenza imini nobusuku ukuqinisekisa ukuthi sibuyisela izinto esimweni ukuze umkhandlu ukwazi ukwethulela abantu izidingo.
Asizange sikhankase ngezethembiso eziyinqwaba nesingeke sikwazi ukuzifeza. Esikhundleni sitshele abantu ukuthi sizosebenzela ukuthi abantu bathole zonke izinsiza ezimqoka zokuphila okumele uMasipala wasekhaya azihlinzeke. Ziphele nya izinsuku zokuchithwa kwemali ezintweni ezingenasidingo.
Sizolisebenzisa leli thuba ukwenza umehluko ongcono kakhulu nozokwenza ngcono impilo yabantu baseMngeni. Njengoba besithembisile nakhu okuzohamba phambili:
- Ukuthuthwa kwemfucuza nokunakekela imvelo.
- Imiphakathi ephephile.
- Ukunakekelwa kwezingqalasizinda kanye nokutshalwa kwezimali.
- UHulumeni ovulelekile osebantwini ngezikhathi zonke nongenamfihlo.
- Imisebenzi nokukhuliswa komnotho.
Izakhamuzi zaseMngeni zifanelwe umasipala oweseka amabhizinisi ukuze akwazi ukuthuthuka uphinde wakhe amathuba emisebenzi. Izakhamuzi zifanelwe umasipala ozokwazi ukulandela umthetho ugcine nemiphakathi yethu iphephile, uphinde ukwazi ukunakekelwa abangakwazi ukuzinakekela.
Lesi isiqala esisha sabantu baseMngeni namaphakathi nesifundazwe sakwaZulu Natal. Kunethemba okokuqala ngqa emva kwefu elimnyama ebelikhungethe lo Mkhandlu.
Lesi sekuyisikhathi sokuthi sikubeke le kude ukuthi singaphansi kwaliphi iqembu lezombusazwe besesisebenzela ukuseiza abantu abampofu basemiphakathini yethu ukuqinisekisa ukuthi izidingongqangi ziyathunyelwa ebantwini.
Sinethimba eliwulungele umsebenzi kanti futhi sinomhlahlandlela wethu waseMngeni okuyiwo esizowusebenzisa. Sisebenze kakhulu ukwakha ukwethembeka nokudayisa umbono wethu ebantwini baseMngeni.
Sinamavolontiya kanti futhi nohlelo oluzokwazi ukumelana nomsebenzi. Sihlalile nabantu salalela izikhalo zabo manje sekuyisikhathi sokuthi sakhe uHulumeni othembekile.
Sithanda ukubonga ngokungaphezi ngokwethemba iDA ngevoti lenu, siyathembisa ukuthi sizonisebenzela ngobuqotho. Sinalo uhlelo lokwenza ngcono uMngeni, uqalile umsebenzi!