Ukhuvethe alufani nokubulawa nokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane
UMnu uSanele Gamede: UMqeqeshi WezeMpilo Yabantu Abasha Nezemisebenzi
Bengilalele omunye umsakazeli womphakathi ezinsukwini lapho ngizwe kudlala khona isikhangiso sikaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu uSihle Zikalala ekhuza umkhokha wokubulawa kwezingane kanye nabantu besifazane. Ngidumele uma efanisa ubhubhane ukhuvethe nokubulawa kwabantu besifazane kanye nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane. Ngicela ungizwe kahle, angimelele nokubungazwa kwezinsuku eziyishumi nesithupha zokukhumbuzana ukubaluleka kokuhlalisana ngokuthula njengesizwe sikaMdlokombane. Uma ngithola isikhathi nami ngiyawukhuza lo mkhuhlane, noma mina ngingawukhuzi ngozibandlela kuphela lo mkhokha.
Uma ngithi ukhuvethe alufani nomkhokha esibhekene nawo siyisizwe, ngisho ngoba isifo ukhuvethe yinto engaqalwangwa ngumuntu futhi akuyona into eyenziwa ngabomu. Angeke wafanisa ukuhluleka ukuzibamba kanye nokuhlala ngokuthula, nesifo esibulele abantu umhlaba wonke. Ukubulawa kwabantu, ukuhlukunyezwa kwezingane kanye nokuhlukunyezwa kwabantu abadala nabaphila nokukhubazeka akuyona into eyenzeka ngephutha. Umkhokha esibhekene nawo awudingi imijovo yodokotela ukuze siyinqobe.
Okubuhlungu ukuthi akusoze kwaqedwa ukuthi silokhu sabanga umsindo senze imicimbi sikhulume ngakho, kodwa singakunqoba ngokuthi sibuyele sibe ngabantu. Uma ngithi asibuyele sibe ngabantu ngisho ukuthi asiyeke ukuba yizilwane. Nazo izilwane azibulalani zodwa. Angizange ngibone ibhubesi libulala elinye ibhubesi. Umbuzo omkhulu uthi; sisithathaphi futhi sizifundephi lesihlungu esinaso.
Isixazululo silula futhi sonke singasinqoba lesifo esihlasele isizwe sikaNgangezwelakhe. Abantu abahlukumeza nababulala abantu esibathandayo siyabazi futhi sihlala nabo. Ezinye zalezi zigilamkhuba sithandana nazo futhi siphuza nazo njalo uma kuyimpelasondo. Uma sifuna ukulwisana nalomkhokha kuzodingeka ukuthi sibe neqiniso futhi sikhuzane thina sodwa kuqala. Angeke kwasiza lutho ukukhuluma kukandunankulu emsakazweni uma thina singabakhuzi abangani bethu esihlala nabo. Abantu abahlukumeza abanye abantu siyabazi futhi bangabangani bethu. Kungakho ngithi uma singabuyela ekubeni abantu hhayi izilwane, singawunqoba lomkhuba osolinganiswa nokhuvethe. Endaweni yangakini kunomuntu omaziyo ohlukumeza umuntu athandana naye futhi bobabili bangabangani bakho, kodwa uyahluleka ukubakhuza futhi uyahluleka ukubabika kubantu bomthetho.
Into eyenza sikubone kuyinto elukhuni ukulwisana kanye nokuthola isixazululo salomkhokha wokubulawa kanye nokuhlukunyezwa kwabantu bakithi ukuthi sifuna isixazululo esizovela komabona kude futhi esizoqhamuka noNdunankulu. Ukuhlukunyezwa kanye nokubulawa kwabantu besifazane nezingane akuqali ngenkathi umuntu esephethe isikhali kodwa kuqala kancane. Ngike ngacelwa ngomunye unyaka ukuthi ngikhulume ngalomkhomkha komunye umsakazeli womphakathi nganqaba. Wamangala umhleli wohlelo kanye nomsakazi ukuthi kungani nginqaba. Ngathi kubo, ayikho into engingayisho ngoba sekungumkhuba ukukhuluma ngalomkhokha kodwa singenzi lutho.
Abangani bethu benza imikhuba phambi kwethu sithule singasho lutho. Yini ke engingayikhuluma emsakazweni engaletha ushintsho. Izihlobo zethu zihlukumeza abantu abathandana nabo phambi kwethu sithule sithi yizibi zasekhaya. Abantu esibathandayo bayafa phambi kwethu singenzi lutho kodwa ngesonto sivuka siyenkonzweni.
Okubuhlungu ukuthi labo abasezikhundleni nesibahloniphayo yibo kanye abangenzi lutho ngalomkhokha. Kunokuthi abaholi bakithi balethe ushintsho, yibo abahamba phambili ngokuhlukumeza abantu. Ubuxoki nokukhohlakala kwethu yikho okungasoze kwaqeda lobhubhane esibhekene nalo. Kunokuthi iziphathimandla zakuleli zilethe ushintsho, zenza imali ngokwenza imicimbi lapho bezokhuluma khona into abangakholelwa ngisho nokukholelwa kuyo.
Uma ngithi isixazululo sinaso angiqambi amanga futhi uma ungangikholwa ake uthathe isinqumo sokuthi kungahlukumezeki umuntu phambi kwakho ubone ukuthi ngeke kwaletha ushintsho lokho. Asiyekeni ukucabanga ukuthi ngeke uwenze umehluko uwedwana. Uma ngikhuluma ngoshintsho ngikhuluma ngokuletha ushintsho lapho ukhona futhi kumuntu oyedwa.
Ngiyethemba ukuthi angizwakalanga njengomuntu ozenzamsulwa kodwa engiqonde ukukuveza lapha ukuthi sonke sinesandla ekuhlukunyezweni nasekubulaweni kwabantu besifazane, izingane kanye nokuhlukunyezwa kwabantu abadala nabaphila nokukhubazeka. Ukuthula kwami nawe kusho lokhulu futhi yikho okwenza kube nzima ukunqoba lobhubhane.
Angazi ukuthi umdali uzizwa kanjani uma esibona sithi kubantu abahlukumezekile ababekezele. Ngiyacabanga ukuthi uyadumala uma esibona sizondana futhi sibulalana thina sodwa. Angifisi ngisho ukucabanga ukuthi uzizwa kanjani umdali uma esibona sihlukumeza labo esithi siyabathanda nalabo esabaletha emhlabeni. Impendulo yazo zonke izinkinga esibhekene nazo isezandleni zethu.

