Now Reading
Isifo sikashukela kumele uhlale ngokusilawula ngoba aselapheki
Dark Light

Isifo sikashukela kumele uhlale ngokusilawula ngoba aselapheki

Mhla zili-14 kuLwezi bekuwusuku lwesifo sikashukela emhlabeni iWorld Diabetes Day futhi ngokubona ubukhona balesi sifo emiphakathini yethu kusemqoka ukuba sikhulume ngaso. Kunabantu abayizigidi ezingama-537 emhlabeni abaphethwe yisifo sikashukela futhi abangama-80% bahlala emazweni ahlwempu nakulawo abamaphakathi ngokwengenisomali. Abantu abadala abanesifo sikashukela babalelwa ema-12% eNingizimu Afrika kanti lesi sibalo siletha abafayo abangama-16% ezweni lonke.

Isiqubulo seWorld Diabetes Day 2021-23 sithi “Thola ukunakekelwa Esifweni Sikashukela- Uma kungemanje, Koba Nini?”. Lesi siqubulo siqonde ukugqugquzela wonke umuntu ukuba azihlole manje. Yeka ukudembesela ukuyohlolwa. Uma ushesha, angcono amathuba okuba isifo silawuleke ngalokho ugweme izinkinga!!!

Isifo sikashukela yisifo esibanga ukukhuphuka kwezinga likashukela egazini. Sithikameza indlela umzimba osebenzisa ngayo ushukela iglukhosi. Iglukhosi ingumthombo osemqoka wamandla emzimbeni ikakhulukazi kumaseli okuyiwona akha izicubu nezicutshana. Iyona futhi ephakela ubuchopho. Ushukela omningi egazini ungaholela ezinkingeni eziningi zempilo.
I-insulini ihomoni, ekhiqizwa ubende olulapha esiswini ehambisa ushukela usuka egazini uya kumaseli lapho ufike usebenze ukunika amandla.

Sibangwa yini isifo sikashukela?
Angizukungena ekutheni lesi sifo sibangwa yini kulo mbhalo ngoba sesake sabhala ngakho. Inhloso enkulu yalo mbhalo ukuqwashisa nokukhuthaza ukuba uhambe uyohlolwa ukuze uphile impilo engcono.

Uqala nini ukusola ukuthi unoshukela
Kufanele usole uma unalezi zimpawu ezilandelayo: Izimpawu ezivamile ukonyiwa kakhulu, ukuchama njalo, nokuncipha komzimba ongazi ukuthi kudalwa yini.

Eziye izimpawu kungaba yilezi: ukulamba kakhulu, ukuzizwa ukhathele, nokuba nezilonda ezingapholi. Isikhathi esiningi izimpawu azibonakali ngokushesha ikakhulukazi esigabeni sohlobo lwesibili lwesifo sikashukela.

Sihlonzwa kanjani isifo sikashukela?
Kunezinsiza eziningi okubalwa kuzo namakhemisi ezingahlonza isifo sikashukela noma okungenani bakutshele ukuthi kufanele uthole okunye ukuhlonzwa okuthe xaxa.

Ezinye izindlela zokuhlonza yilezi:
Ukuqhunjuzwa emunweni kuhlolwe igazi noma nini.
Ukuhlaliswa amahora ayisi-8 ungadli bese kuthathwa igazi.
Ukumelana neglukhosi: unikezwa umbhubhudlo bese kuhlolwa ubungako bukashukela emveni kwamahora amabili.

IHBA1c: ikhombisa amazinga kashukela kumaseli ezinsukwini ezingama-30 ezedlule.
Selashwa kanjani isifo sikashukela?

Kusemqoka ukuqonda ukuthi isifo sikashukela aselapheki kufanele uhlale usilawula impilo yakho yonke. Ngaphezu kokulapha kusemqoka ukuba uqikelele isisindo sakho, uqaphele okudlayo futhi uhlale wenza okuthile ukuze kulawuleke ushukela egazini. Ukunamathela emithini nasendleleni yokuphila kusemqoka ekulawuleni ushukela isikhathi eside, nokuphila kade kanye nokunciphisa izinkinga eziphathelene nenhliziyo, uhlangothi nokunqundeka amehlo.

UHlobo 1 (T1D): ukujova nge-insulini imvamisa esiswini.
UHlobo 2 (T2D): ugwinya amaphilisi kodwa ungajova uma amaphilisi engezweli.

Isifo sikashukela singadala ziphi izinkinga?
Izinkinga eziningi zibangwa ukonakala kwemithambo yegazi emincanyana okuholela ekungalawulekeni kukashukela egazini okuqhubekayo egazini. Lo monakalo wenzeka ezicubini eziningi njengakulezi (kungezona kuphela):
Amehlo (idiabetic retinopathy) okubanga ukungaboni kahle ngisho ubumpumputhe imbala.
Imizwa (idiabetic neuropathy) okuthikameza izinyawo nemilenze okubanga ukukitazeka nokushisa ikakhulukazi ebusuku, ubundikindiki okungahlala unomphelo. Lokhu kunobungozi bokuthi ungalimala ungezwa kungene ubuthi, ukubola kwenyama ugcine unqunyiwe. Kuthikameza uhlelo lokugaya ukudla uqunjelwe, uhude, uzizwe usuthi udle kancane. Kuthikameza ezocansi kuholele ekungavukelweni, kubuye kuthikameze umgudu womchamo okubanga ungachami ngendlela ejwayelekile nasebunzimeni bokukhulula isinye.
Izinso idiabetic nephropathy engabangela ukungasebenzi kwezinso.

See Also

Okubi kakhulu ukuba segcupheni sezifo zenhliziyo nokushaywa uhlangothi ngenxa yokungalawuleki kwesifo sikashukela.

Yikuphi okufanele ukwenze?
Thatha imithi yakho ngendlela efanele ukuze izinga likashukela egazini lihlale likahle.
Hamba uyohlolwa masinyane yonke iminyaka.

Hlala udla ukudla okunempilo, lokhu kusemqoka. Leli yigxathu lokuqala ekwelapheni isifo sikashukela oqeda ukuzwa ngokuthi unaso. Uma isifo sikashukela singalawuleki ngendlela odla ngayo sekuyodinga ukuthi uthole imithi. Ukudla kwakho kufanele kube nezithelo nemifino okusha. Ukudla okusanhlamvana, imiqumbe, okobisi nokunamaphrotheni amaningi kusemqoka.

Gwema ukudla okwembozwe ngokusashukela namaswidi, okoflwawa ocolisekile unciphise neziphuzo ezinoshukela kuyasiza ohlelweni lakho lokudla. Zama ukudla okuyizinhlamvu njengerayisi elinsundu, ubhatata obhakiwe, imifino engaphekiwe ethuswe ngamanzi ashisayo negriliwe, izithelo ezintsha nokudla okungenashukela noma omncane kakhulu.

Isifo sikashukela singabuye silawulwe ngendlela ophila ngayo, udinga ukuba uhlale uzivocavoca isikhathi esiningi okuzosiza ukwehlisa isisindo sakho. Kulinganiselwa ema-70% wabanesifo sikashukela eNingizimu Afrika ngabantu abanesisindo eseqile. Ngakho-ke kufanele silwe nobukhulu obeqile obukhona emiphakathini.

Ukuzivocavoca: lokhu kusemqoka ekuphileni kwethu nasekuvikeleni izifo eziningi. Ngakho-ke ASINYAKAZENI!!!

Scroll To Top