Kuzokhetha ukhethi kwayisishiyalombili asele ku-Euro24
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ilowo nalowo mdlali kanobhutshuzwayo uma ekhula kuba nomdlali asuke ebukela kuyena, afise ukudlala njengaye, azuze izinto ezisuke zizuzwe ilowo mdlali okanye adlale naye enkundleni.
Lokho kuzobonakala namuhla kusihlwa uma sekutholene phezulu iPortugal neFrance kowamaQuarter-Final e-Euro 2024 ebanjelwe eGermany.
UKylian Mbappe waseFrance akaze akufihle ukuthi umdlali azifela ngaye emhlabeni uCristiano “CR7” Ronaldo wasePortugal.
Yize kunjalo kodwa kubukeka ukuhloniphana kwalabadlali kuzophelela ngaphandle kwenkundla njengoba bobabili la badlali bezofuna ukusiza amazwe abo.
Lo mdlalo ngowamagqubu kwazise ngowezi-2016 iPortugal yehlula iFrance kowamanqamu ayo i-Euro.
URonaldo uyazi ukuthi umdlalo nomdlalo kulo mqhudelwano ubalulekile njengoba ewudlala okokugcina kwazise iminyaka isiyamuphika, lesi sihlabani sineminyaka yobudala engama-39.
KoweLast 16 iPortugal yize ihlule iSlovania, uRonaldo ushwebe iphenathi nokwenza umdlalo waze waphela sekushawa amaphenathi. UDiogo Costa ovimbela iPortugal ube yiqhawe evimba amaphenathi amathathu.
UMbappe usabhekwe ukuthi athole igoli kulo mqhudelwano, noRonaldo kungesifanayo akanalo igoli.
IFrance koweLast 16 yona ihlule iBelgium ngegoli elilodwa, lelo goli lingene seliyozilahla kunina.
Lo mdlalo weQuarterfinal uzoqala ngelama-21:00 eVolksparkadion Stadium.
Umdlalo ozoqala ozoba phakathi kweGermany neSpain, nawo kulindeleke ukuthi kuguge utshani kuwona uzoqala ngele-18:00 eMHPArena.
Kusasa ngoMgqibelo ngele-18:00 kuzodlala i-England neSwitzerland eMerkur Spier Arena kuthi owokugcina kube oweNetherlands neTurkey ngelama-21:00 e-Olympiastadion eBerlin.