Isibindi sikaMabuya simenze wadlala kahle kuDStv
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umdlali wasemumva weRichards Bay FC uLwandile “Roger” Mabuya ungomunye wabadlali abancane odonse amehlo abantu abaningi ngokwenza kahle kwakhe kuDStv Premiership ngesizini edlule.
Okumenze wagqama ingoba yize edlala kwesokudla emumva kodwa uma eseshoshela phambili uyakwazi ukususa indonda phambi kwakhe ngokuyijika.
Emdlalweni wokugcina wokuhlungela ukubuyela kuDStv Premiership uMabuya waphendula inhlekisa isitobha seBaroka FC, nokwenza ividiyo yasabalala ezinkundleni zokuxhumana.
Abaningi bakhala ngesibindi anaso njengoba bekuyisizini yakhe yokuqala edlala kuDStv Premiership.
Ekhuluma nelaboHlanga limbuza ukuthi kusho ukuthini kuyena ukuba nesizini enhle kanje uthe: “Isizini lena ekwazile ukungiveza
okuyinto ekudala ngiyiphupha ebuncaneni bami, ngalokho nje ngibonga uNkulunkulu ngakho konke okuhle okwenzekile empilweni yami. Kodwa okunye ngingasho ukuthi kube ukusebenza kanzima nokuhlonipha” usho kanje.
UMabuya kule sizini esanda kusongwa udlale imidlalo yeligi eli-19, emibili yeNedbank Cup kanye neminye yokuhlungela ukunyukela kwiDStv Premiership.
Ufike wangena wathi khaxa endaweni ebekujwayele ukudlala kuyona uKatlego Maphethe obengukaputeni ogcine ngokujoyina iCape Town Spurs.
Ephawula ngokunqoba kwabo imidlalo kuhlunga uthe: “Kusilekelele kakhulu ukunqoba, ngoba kusho ukuthi sisazoqhubeka nokugijima kwiligi enkuli kuleli. Impela angifisi ukuphinde sizibone sikulesi simo, ngoba bekungekho kuhle. Isizini ezayo siyathembisa sizokwenza kahle” usho kanje uMabuya oneminyaka engama-23 yobudala.
Ukhale ngokuthi badlala kahle kakhulu inkinga bayeka amathuba amaningi, nokuyikho okucishe kwabadlisa ngezembe.
Uthe uphupha ngokudlala eqenjini lesizwe iBafana Bafana ngelinye ilanga.