Now Reading
UBroos udalula ukungabonakali kukaTau enkundleni
Dark Light

UBroos udalula ukungabonakali kukaTau enkundleni

Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos udalula okwenze wangabonakala uPercy Tau emdlalweni obuyizolo wokuhlungela ukuya kuyo iNdebe YoMhlaba, lapho elakuleli belibhekene neZimbabwe.

UTau indawo yakhe ithathwe u-Oswin Appolis odlale incwenga yebhola, njengoba ekhande amagoli amabili. 

Kuyiwe kulo mdlalo abalandeli abaningi bekhala ngokungenzi kahle kwakhe uTau, njengoba emdlalweni obungeledlule eshaye into ephansi. Abanye bebethi vele naku-Africa Cup of Nations (Afcon) akayenzelanga lutho iBafana Bafana yize yafinyelela kowandulela owamanqamu. 

Bekubhekwe izolo ukuthi uBroos angaphinde amqalise kwazise ungomunye wabadlali akholelwa kubona.

Emva komdlalo uBroos ebuzwa ngoTau uthe: “UTau ulimalile, ulimale emva komdlalo wethu neNigeria. Besinethemba lokuthi uzothola imishanguzo ezomenza akwazi ukululama kulezi zinsuku ezintathu kodwa kwangaba njalo,” kusho uBroos. 

IBafana Bafana emdlalweni wayizolo obuseFree State Stadium, eBloemfontein inqobe ngamagoli amathathu kwelilodwa amagoli eze no-Iqraam Rayners amabili eza noThapelo Morena obeqhamuka ebhentshini. 

See Also

Ukunqoba kwayo izolo kusho ukuthi isinamaphuzu ayisikhombisa endaweni yesibili, ilingana neRwanda umehluko amagoli.  

“Uyile kobona odokotela bathola ukuthi ulimele umsipha, yize elimele kodwa ukwazile ukuba azilungiselele neqembu. Ubefuna ukuhlala ebhentshini ngenhloso yokuseka ozakwabo, lokho kutshengisa ukubambisana kwabadlali,” kubeka uBroos.

Scroll To Top