Now Reading
Kuye ngamagama enkehli: UBhovungane uphumelele ngovumabonke
Dark Light

Kuye ngamagama enkehli: UBhovungane uphumelele ngovumabonke

UNkosingiphile “The Prince” Sibisi waseDundee akabaphoxanga abalandeli akade bephume ngobuningi babo bagcwalisa phama ihholo, njengoba elivikela ngempumelelo ibhande lakhe leSouth Africa Flyweight.

Lo mpetha ubelivikela okokuqala leli bhande alihlwitha kuTrevor Nghonyama empinibeyabe ingoNdasa nonyaka eMtshezi. Kule mpi ebiyizolo eMoth Hall, eDundee ubebhekene noTheo Nxayiphi waseMdansane, e-Eastern Cape. 

Le mpi ibishube kakhulu njengoba la mabhokisa ashayane kwaze kwafika kumzuliswano we-12, nalapho isinqumo sonqobile siphume kumajaji. Amajaji womathathu avumelane ngo “elethu” athi uSibisi nguye othole amaphuzu amaningi.

Ihholo liphenduke lalincane njengoba bonke abantu bebemi ngezinyawo, ingoba iqhuma phezulu kwaze kwaba iyaphela impi.

Nekhona likaNxayiphi alibanga nakho ukukhononda layivuma induku, lasho lathi uSibisi ukhombise ukuba ngumpetha indlela abelwa ngayo. 

Ekhoneni likaNxayiphi bekukhona uKhangelani Jack ongumqeqeshi wonyaka noZolani Tete ongumshayi sibhakela osezakhele igama. 

Kusukela kumzuliswano wokuqala uSibisi ubetshengisa ukuthi ufuna ibhande lisale eDundee ngoba ubetshengisa ukuzithemba okukhulu. 

See Also

Ekhuluma nelaboHlanga uSibisi uthe: “Bengazi ukuthi ngoba ngilwa ekhaya ngizoba nokukhulu ukuzithemba. Angiyena umuntu othanda ukuphoxa, ingakho ngenze konke ukuthi angibaphoxi labantu akade begcwele ihholo. Kukhona konke bengazi ukuthi ibhande lizosala lapha eDundee” usho kanje.

Ebuzwa ukuthi imbangi yakhe ngabe ayimnikezanga yini ubungozi uthe: “Ayibanga ingozi ngendlela ebikhuluma ngayo kwabezindaba. Kumzuliswano we-6 bengifuna ukuqeda ngayo, inkinga ubengibamba lokho cishe kwangikhipha emgqigqweni wami. Bengithi unompempe uzomuphuca amaphuzu, kodwake angikhali ngoba bengazi ukuthi ngizonqoba” usho kanje.

USibisi ongene esibhakeleni esikhokhelayo ngonyaka wezi-2022 uselwe izimpi eziyisi-8 kuzona zonke akaze ahlulwe uzinqobe zonke.

Scroll To Top