Now Reading
Luyafika olungaliwa lwezindondo kunobhutshuzwayo
Dark Light

Luyafika olungaliwa lwezindondo kunobhutshuzwayo

UJosta Dladla owazakhela igama kunobhutshuzwayo lapha eNingizimu Afrika uthipha umdlali we-Orlando Pirates uPatrick “Tito” Masangwayi ukuthi uzoziwola izindodo aqokelwe kuzona.

Umcimbi wokuklomelisa abenze kahle kuPremier Soccer League (PSL) uzokuba ngeSonto kusihlwa. 

UMasangwayi ozakhele ugazi kubalandeli bePirates uqokelwe eminxeni emine, lapho kubalwa iNedbank Cup Player of the Tournament uqhathwe noTshegofatso Mabaso adlala naye kuPirates no-Iqraam Rayners weStellenbosch FC. 

IDStv Premiership Player’s Player of the Season khona uqhathwe noRayners kanye noRonwen Williams weMamelodi Sundowns, iDStv Midfielder of the Season unoSanele Barns weRichards Bay FC noDevin Titus weStellenbosch kube oweMTN 8 Last Man Standing khona uqhathwe nozakwabo adlala nabo kwiPirates uSipho Chaine noZakhele Lepasa. 

“UMaswangayi ube nesizini enhle angikungabazi ukuthi ubusuku bangeSonto kuzoba obakhe, ngoba uzoziqoqela izindondo. Ukube kule minxa ubeqhathwe noThemba Zwane bengizoba nokungabaza ngoba siyazi ukuthi ubani ongaphezulu. Ukuwola kwakhe lemikomelo kuzoba isikhuthazi esikhulu kuyena, ukuthi aqhubeke enze kahle. Kwazi bani singambona eshiya iPirates eyaphesheya,” kusho uDladla ngesikhathi ehambele umqhudelwano kaDerrick Spencer iDerrick Spencer Soccer Tournament ebingeledlule eShowe High School. 

UMaswangayi usize iPirates inqobe iNedbank Cup neMTN 8. 

Lo makadebona kunobhutshuzwayo oneminyaka yobudala engama-44 ngesikhathi esadlala wadlala kuWits University, i-Aarhuns Goymnastikforening yaseDenmark, iSwallows neKaizer Chiefs.

Kumqeqeshishi ovelele uthe khona uthipha uRhulani Mokwena ngoba iSundowns ibe ngompetha beligi yahlulwa kanye isizini yonke. 

UDladla uphinde waphawula ngokuchanasa kweSundowns ethi amaqembu kumele anyuse amasokisi lokho kungenza iBafana Bafana iqhubeke nokwenza kahle njengoba yenza nje. 

“IPirates ngiyibona ingakwazi ukumelana neSundowns uma nje ingaqhubeka yenze kahle njengoba yenza emidlalweni yemikhumulajezi. Buka nje ngesizini edlule inqobe izinkomishi ezimbili, lokho kukubeka ngokusobala ukuthi inabadlali abasezingeni. Uma kungathiwa ngempela sibe namaqembu amaningi akwazi ukumelana neSundowns iqembu lesizwe lingakwazi ukwenza kahle nangowezi-2026 siye kumqhudelwano weNdebe YoMhlaba,” kusho uDladla. 

ElaboHlanga limbuza ukuthi njengoba eseke wadlala kuChiefs ufisa kube imuphi umqeqeshi okumele athathe izintambo zokuqeqesha, uthe uPitso “Jingles” Mosimane. 

“IChiefs sesiside isikhathi ingenzi kahle ngalokho umuntu emdingayo onamava noliqondayo usiko lweqembu. UMosimane uyilowo muntu odingwa iChiefs, mudala ebholeni lakuleli useqeqeshile ngaphansi kwencindezi iSundowns injena nje imisebenzi yakhe” kubeka uDladla. 

Baqokwe kanje abenze kahle kwimikomelo yePSL:

iPSL Footballer of the Season:

uTeboho Mokoena (Mamelodi Sundowns)

u-Iqraam Rayners (Stellenbosch FC)

uRonwen Williams (Mamelodi Sundowns)

iDStv Premiership Player’s Player of the Season:

uPatrick Maswanganyi (Orlando Pirates)

u-Iqraam Rayners (Stellenbosch FC)

uRonwen Williams (Mamelodi Sundowns)

iDStv Premiership Coach of the Season:

uSteve Barker (Stellenbosch FC)

uRulani Mokwena (Mamelodi Sundowns)

Jose Riveiro (Orlando Pirates)

iDStv Premiership Goalkeeper of the Season:

uBadra Sangare (Sekhukhune United)

uSage Stephens (Stellenbosch FC)

uRonwen Williams (Mamelodi Sundowns)

iDStv Premiership Defender of the Season:

uGrant Kekana (Mamelodi Sundowns)

uDeano Van Rooyen (Stellenbosch FC)

uTapelo Xoki (Orlando Pirates)

iDStv Premiership Midfielder of the Season:

uSanele Barns (Richards Bay)

uPatrick Maswanganyi (Orlando Pirates)

uDevin Titus (Stellenbosch FC)

iDStv Premiership Young Player of the Season:

uShandre Campbell (SuperSport United)

uRelebohile Mofokeng (Orlando Pirates)

u-Ime Okon (SuperSport United)

iMTN8 Last Man Standing:

uSipho Chaine (Orlando Pirates)

uZakhele Lepasa (Orlando Pirates)

uPatrick Maswanganyi (Orlando Pirates)

iCarling Knockout Cup Player of the Tournament:

See Also

uThabo Moloisane (Stellenbosch FC)

u-Iqraam Rayners (Stellenbosch FC)

uDevin Titus (Stellenbosch FC)

iNedbank Cup Player of the tournament:

uTshegofatso Mabasa (Orlando Pirates)

uPatrick Maswanganyi (Orlando Pirates)

u-Iqraam Rayners (Stellenbosch FC)

iNedbank Cup Most Promising Player of the Season:

uShandre Campbell (SuperSport United)

uRelebohile Mofokeng (Orlando Pirates)

uDevin Titus (Stellenbosch FC)

iDStv Diski Challenge Rewired Player of the Season:

uJody Ah Shene (Cape Town City)

uNtando Nkosi (Mamelodi Sundowns)

uLangelihle Phili (Stellenbosch FC)

iReferee of the Season:

uSikhumbuzo Gasa

uPhilangenkosi Khumalo

u-Abongile Tom

i-Assistant Referee of the Season:

uCledwin Baloyi

uLalelani Mngadi

uRomario Phiri

Scroll To Top