Lasuka Lahlala: Iyaqala imidlalo yeSangweni Festival namuhla



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.

Konke sekumi ngomumo ngemidlalo kaSiyabonga “Nsimbi” Sangweni eyaziwa ngokuthi iSiyabonga Sangweni Youth Month Festival.
Le midlalo izoqala namuhla ngoLwesihlanu ize isongwe ngeSonto, enkundleni yezemidlalo eqanjwe ngaye uSangweni iSiyabonga Sangweni Sport Complex eDondotha.
Kuzodlala amaqembu abadlali abadala abazobe bebanga izinkulungwane ezili-R100, kube khona abaneminyaka engaphansi kwengama-20 abazobanga izinkulungwane ezinhlanu.
Kuzophinde kube namaqembu abesifazane wona azobanga izinkulungwane ezinhlanu, bese kuba abaneminyaka engaphansi kweli-13.
USangweni ekhuluma nelaboHlanga uthe balindele imidlalo yezinga eliphezulu kakhulu kulokhu.
“Unyaka nonyaka izinga lalo mqhudelwano liba likhulu, nakulo nyaka sikulindele lokho. Amamqembu akhona anabadlali abasezingeni abanye badlala emaqenjini ahlonishwayo lapha esifundazweni iKwaZulu-Natal. Njengoba kuzobe kukhona nezinhloli abadlali bazokwenza ngayo yonke indlela ukuthi bayazibonakalise, ukuze bezothola izinkontileka emaqenjini adlala kuPremier Soccer League (PSL),” kusho uSangweni.
Nonyaka lo mqhudelwano waminyaka yonke uzodlala okwe-14. Amaqembu azobe ebanga izinkulungwane ezili-R100 angama-24.
“Okuhlukile minyaka yonke besifaka amaqembu abesifazane amabili, kulokhu ayisi-8 okusho ukuthi nabesifazane bazobe benayo indlela yokuziveza njengoba isikhona iligi yawo. Sifake namaqembu abadlali abancane ngoba sifuna ukuthi nabo bethole ithuba,” usho kanje.
Lo mdlali uzakhele igama ebholeni lakuleli ngesikhathi egijima kuLamontville Golden Arrows, i-Orlando Pirates kanye neqembu lesizwe iBafana Bafana.
Kuzophinde kube nemidlalo yasekhaya (Indigenous Games) kanye neSnooker.
UMnyango Wezemidlalo Namaciko esifundazweni iKwaZulu-Natal uthe usazoqhubeka nokuxhasa le midlalo.
Lo mqhudelwano uphinde waxhashwa isifunda iKing Cetshwayo, uMfolozi, iHollywoodbets neSiyabonga Sangweni Foundation.