Now Reading
Usinde ngokulambisa evela ukuyozivocavoca
Dark Light

Usinde ngokulambisa evela ukuyozivocavoca

UNhlakanipho “GTI” Kunene usinde ngokulambisa ngesikhathi ecishe ethunjwa ephuma ukuyozilungiselela impi yakhe ebingoMgqibelo. 

Lo somankomane ubengomunye akade belwa ezimpini zeHle Jobe Boxing Promotions kaHlengiwe Sithole ebeziseMoth Hall, eDundee. 

Utshele elaboHlanga ukuthi ukube akaphunyukanga ngabe kukhulunywa okunye ngaye.

“Ngathi ngiphuma ejimini abantu bavele bangivimbezela ngingalindele bathi angingene emotweni bafuna ukuyoxoxa nami. Ngabuza ukuthi kungani bengaxoxi nami lapho esikhona, kunokuthi befune ukungifaka emotweni. Oyedwa wavula isicabha eyothatha isibhamu, ngavele ngiphulukundlela ngabaleka. Kwala noma sengibatshela ukuthi ngiphuma ejimini mina, ngiphethe amagulavu ngezandla kwanhlanga zimuka nomoya” kusho uKunene. 

Uthe okumkhathazayo ukuthi bafikile kubo izikhawu ezimbili labantu abangaziwa.

Eqhuba uthe: “Angifuni ukuqamba amanga lesi sehlakalo sicishe sangiphuthisela ngethuba lokuthi ngibonakale eringini. Ngenxa yokusaba ngibe sengiyohlala kubo kaPretty Tsotetsi engimfanisa njengomama wami, engimbonga kakhulu,” kubeka uKunene.

Ubalule ukuthi uphinde walekelelwa ozakwabo azicija nabo eSibongile Boxing Gym eyaziwa ngokuthi isemgodini, ababe naye ngesikhathi isimo sakhe singesihle. 

Phezu kwamathizethize leli bhokisa eliyisigqisha wena owabona  uBaby Jake Matlala, likwazile ukuthi lingene eringini lishaye isibhakela esinenkosi phakathi.

See Also

Empini yakhe uKunene ubetholene phezulu no-Usazi Lebone amhlule ngomnqimuzo womcacamezelo ngomzuliswano wesibili empini ye-mini flyweight ebikalelwe imizuliswano emine.

Ozakwabo uKunene anabo esitebeleni esisodwa okunguMncedisi Duze, uSiyanda Makhoba, uSakhile Hlatshwayo, uLindelani Sibisi, uMxolisi Zuma noNkosingiphile Sibisi bajabulise abathandi besibhakela ngezinga lesibhakela abasikhombisile.

UMakhoba uhlule uSandise Booi ngamaphuzu , uDuze ushaye uThembinkosi Gubevu ngeTKO ngomzuliswano wesithathu kwiFlyweight, kwathi uHlatshwayo wanqoba ngamaphuzu kuNkosinathi Hadebe kweyeJunior Featherweight, uZuma uxebule uMxolisi Sibiya kweyeJunior Featherweight ngomzuliswano wesibili kwathi uSibisi empini yeFeatherweight washaya uRomeo Makwakwa ngomzuliswano wesithathu.

Empini ebengeyosuku uSibisi (Nkosingiphile) ulivikele ngempumelelo ibhande lakhe leSouth Africa Flyweight kuTheo Nxayiphi waseMdansane, e-Eastern Cape. 

Scroll To Top