AmaZulu FC azomemezela abaxhasi abasha
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UMengameli waMaZulu FC uSandile Zungu uqinisekise izindaba zokuthi ligqashukile igoda phakathi kwaleli qembu nalabo akade bengabaxhasi uSpar kanye neGrindrod.
UZungu usho lokhu esithangamini sabezindaba emahhovisi aleli qembu eMoses Mabhida Stadium.
Ubalule ukuthi lobudlelwano baleli qembu nalabaxhasi buphele ngasekupheleni kwesizini edlule.
“Sengingakuqinisekisa ukuthi ubudlwelano bethu nalabaxhasi ababili, lokhu kwenzeke ekupheleni kwesizini edlule. Kube namahebezi amaningi, kodwa besilinde isikhathi esifanele ngaphambi kokuthi sikumemezele. Maduze sizomemezela abaxhasi abasha” kusho uZungu.
USpar ubusuqede iminyaka engaphezulu kweminyaka engama-40 uxhase AmaZulu FC, uGrindrod wona uqale ukuxhasa leli qembu ngonyaka wezi-2021.
UZungu uphinde watshela abezindaba ukuthi ngamampunge izindaba zokuthi leli qembu lihlukene no-Abubaker Mobara noThembela Sikhakhane.
“La badlali basayingxenye yeqembu basazobonakala kuMaZulu FC. Esingakuqinisekisa ukuthi okwamanje sisahlukane nabadlali abane lapho ngibala uVictor Letsoalo, uVeluyeke Zulu, uGeorge Maluleka no-Augustine Kwem” kubeka uZungu.
Omunye ohlukane noSuthu nguWayne Sandilands obeqeqesha onozinti ujoyine iSimba FC yaseTanzania.
Lo sihlalo uphinde wabalula ukuthi bazomemezela abadlali abasha okubalwa uKwanda Mngonyama noSenzo “Mbhobho” Ndlovu.
Ngokwezimfuno uthe ufisa ngesizini ezayo iqembu libalwe namaqembu amane aphezulu bese bebuyela ukuyodlala e-Africa.