Wethembisa lukhulu umqeqeshi weMilford
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UMondli Qhogi osanda kuqokwa njengomqeqeshi weqembu lasesifundazweni iKwaZulu-Natal iMilford FC, uzibekele ijoka lokusiza leli qembu liqede endaweni engcono kakhulu uma kuphela isizini ezayo.
Lo mqeqeshi ubalule lokhu ngesikhathi ekhuluma nelaboHlanga emcimbini wokuthulwa ngokusemthethweni iKZN Premier’s Cup yezi-2024.
Ngesizini edlule iMilford FC okuyiqembu laseRichards Bay iqede endaweni ye-13 kulogi yeMotsepe Foundation Championship.
“Okokuqala ngibonga ithuba engilinikezwe umphathi weqembu. Leli thuba angikungabazi ukuthi ngizolibamba ngezandla zombili, ingakho ngizimisele ukubeka iqembu kwelinye izinga. Kule sizini ezoqala iMilford FC ngifuna incintisane namaqembu aphezulu, kube ukuthi makuphela isizini siba ngompetha beligi noma siyodlala imidlalo yokuhlungela ukunyukela kuDStv Premiership” kusho uQhogi.
Ngesizini edlule iMilford FC ibiqeqeshwa uDr Xanti Pupuma ongusihlalo walo leli qembu.
UQhogi akamusha ebholeni njengoba eqeqeshe izinkulisa ze-Orlando Pirates iminyaka eli-18, abadlali okubalwa uNhlakanipho “Nanana” Ntuli, uLyle Foster, uZakhele Lepasa noBoitumelo Radiopane nabanye abaningi bonke baphume ngaphansi kwesandla sakhe.
Ube eseya kwiSekhukhune eqenjini le-DStv Diski Challenge (DDC).
Waba isekela mqeqeshi wePirates endala ngesikhathi inqoba izindebe ezintathu ngesizini eyodwa eminyakeni edlule.
IMilford FC koweKZN Premier’s Cup iqhathwe neRoyal AM, kumdlalo oyokuba ngele-14:00 mhla zingama-27 kwephezulu.
“Lona umdlalo esiwubheke ngabomvu kakhulu, ngoba uzobe usuvezela ukuthi siphetheni ngesizini ezayo. Uzonika ithuba abadlali abasazama inhlanhla ithuba lokuziveza, nalabadlali abasayinile bazothola ukuba bedlale” usho kanje.
Kubadlali asebesayiniswe iMilford FC kukhona uTsepo Liphoko owamqeqesha uQhogi kwiPirates, uMfundo Mdluli noMbonise Mchunu nabanye abadlali abasazomenyezelwa.
Kweminye imidlalo yeKZN Premier’s Cup iLamontville Golden Arrows izodlala na-AmaZulu FC kuthi iRichards Bay FC ibhekane neMaritzburg United.