Now Reading
Baningi abaconsa amathe ngoRhulani e-Afrika
Dark Light

Baningi abaconsa amathe ngoRhulani e-Afrika

URhulani Hloae Mokwena kubukeka kothi kuvulwa amaligi uyobe eselitholile iqembu azoliqeqesha.

IMenenja yalo mqeqeshi uSteve Kapeluschnik ongandanga ngamaningi ngesikhathi ekhuluma nelaboHlanga uthe lo mqeqeshi ufuniswa okwembuzi yomsebenzi.

“Ucingo lukhala lukhalile maningi amaqembu amfunayo uRhulani, kodwa ngikholwa ukuthi kusesekuseni ukukhuluma ngekusasa lakhe ngoba kusamele sibonane sixoxe naye (uRhulani),” kusho uKapeluschnik.

Uthe ukuxoshwa kukaMokwena ngeke akhulume ngakho ngoba uyazi ukuthi ziyenzeka izinto ezifana nalezi ebholeni. 

ISundowns iziqinisekise ngoLwesithathu ezokuthi ligqashukile igoda phakathi kwayo nalo mqeqeshi. Ekuqaleni kwesonto abekhona amahebezi okuthi angase ahlukane naleli qembu lasePitoli. 

Bekukhona ukuthi yize zikhona izinkinga kodwa kungenzeka aqhubeke nokuhlala kwazise kuningi okuhle akwenze amaBrazillians (iMamelodi Sundowns).

Okuyimbangela yokuthi ligcwale umoya ibhantshi ukuthi uMokwena oneminyaka yobudala engama-37 ubengahoshelani kahle nomqondisi jikelele weSundowns uFlemming Berg. 

Kuthiwa uBerg kuningi obekwenziwa uMokwena abengahambisani nakho okufaka nokusayinwa kwabadlali okubalwa  uThembinkosi Lorch noBongani Zungu.

Okunye okuhambise uMokwena ukuthi uhlulekile ukunqoba iCaf Champions League, okuyisicoco esilangazelelwe kakhulu ileli qembu. 

Ngokusho komthombo ongaphakathi uveza ukuthi loku ngaboni ngasolinye kukaMokwena noBerg into endala kwenza kube noqhekeko kubadlali imbala. 

Izolo ngoLwesine kuvele izindaba zokuthi isitobha saleli qembu uGrant Kekana akazimisele ukuvuselela inkontileka yakhe, kwazise kunezinto angeneme ngazo ezenzeka ngaphakathi. 

Umthombo ubalule ukuthi kuningi okwenzakalayo yize abanye abadlali bengeke bekuxoxe, abanye kungenzeka begcine beshiya kuleli qembu elizidalelayo ngokunqoba iligi. 

UMokwena iqembu eselivele obala ukuthi liyamfuna iWydad Casablanca yaseMorocco eqede isizini isiqeqeshwa ibamba lomqeqeshi njengoba laxosha u-Adel Ramzi obephikwa imiphumela. 

See Also

Nezwe iMali likhona kwabafuna lo mqeqeshi.

Ushiye kuSundowns usanda kuvuselela ngeminyaka emine, uzohamba nezigidi ezili-R14 njengoba limxoshile leli qembu.

IRekhodi likaMokwena kuSundowns:

Uqeqeshe imidlalo engama-91, unqobe engama-60, uhlulwe eysii-9 wadlala ngokulingana kwengama-22. 

Unqobe isicoco seDStv Premiership kabili, ese-African Football League (AFL) kanye.

Uphume kowandulela owamanqamu eCaf Champions League kabili, wahlulwa kowamanqamu eNedbank Cup nakoweMTN 8.

Scroll To Top