Now Reading
UMcKenzie ufuna uxhaso lwabalandeli luyiswe ezidingweni ezinqala
Dark Light

UMcKenzie ufuna uxhaso lwabalandeli luyiswe ezidingweni ezinqala

UNgqongqoshe Wezemidlalo, Ezobuciko Namasiko lapha eNingizimu Afrika uGayton McKenzie uthe njengoba engenile kuleli hhovisi kuningi asazokuguqula njengoba eseqalile manje ngokuvala laba ababizwa “ngabalandeli abakhulu” ukuba bahambele yonke imidlalo ekhona ngoba bekhokhelwe yiwo lo Mnyango. 

UMcKenzie uthe inkence echithwa ezindlekweni zalabalandeli izofakwa kwezinye izinto ezimqoka.

“Sengimise konke ukuhamba kwabalandeli abakhulu. Sinabasubathi namaciko abadonsa kanzima ekuqongeleleni imali yokuhambela imicimbi yezemidlalo nemibukiso. Sizosebenzisa leyo mali lapho idingeka khona kakhulu,” kusho uMcKenzie.

NgoNhlolanja  lo Mnyango uveze ukuthi izindleko ezasetshenziswa uMama Joy ongumlandeli weRoyal AM noBotha Msila odume kakhulu ngokuseka iBloemfontein Celtics, zilinganiselwa esi-R1 300 000.

Laba bobabili babeye kuyo iNdebe YoMhlaba yebhola lombhoxo ebinyakenye eFrance.

Nasekuqaleni konyaka babekhona  e-Ivory Coast ngesikhathi kudlala i-Africa Cup of Nations (Afcon). Nokho kubukeka sekuzophela manje ukuhamba amazwe kubona.

See Also

ElaboHlanga lithinta uMama Joy eziphendulela ngalolu daba uthe: “Akukho engingakusho mina uNgqongqoshe uMcKenzie ukushilo akushilo, kodwa igama lami akalishongo kodwa uthe abalandeli abakhulu. Ngizokwanzi ukuba ngikhulume mhlazane elibalula igama lami. Okwamanje ngisezwa abantu, nasezinkundleni zokuxhumana befaka igama likaMama Joy,” usho kanje wabe esevala ucingo.

Kuthintwa uBotha ucingo lwakhe belungangeni.

Scroll To Top