Now Reading
Ubabaza ikhono likanobhutshuzwayo eliseKZN uSangweni
Dark Light

Ubabaza ikhono likanobhutshuzwayo eliseKZN uSangweni

USiyabonga “Nsimbi” Sangweni akawuvali umlomo ngekhono labadlali basesifundazweni iKwaZulu-Natal alibone kuKhabba Cup.

IKhabba Cup iqale ngoMgqibelo yaphela ngeSonto ezinkundleni ezehlukahlukene okubalwa iSJ Smith (Wema), iGlebe Stadium, iKing Zwelithini Stadium Outerfield, neKing Zwelithini Stadium. 

USangweni ungomunye wezinkakha ebezihambe lo mqhudelwano kaManqoba “Chillies” Mkhize. 

“Kuyimanje ngisamangele ngempela into engiyibone ngempelasonto edlule eMlazi, ngibone ithalente eliyisimanga. Lokhu kungitshela ukuthi izimenenja, izinhloli zamaqembu kumele zisebenze kanzima zihambele imidlalo efana neKhabba Cup, iSiyabonga Sangweni Festival neDerrick Spencer Tournament ukubala nje embalwa” kusho uSangweni.

USangweni ngezikhathi zakhe esadlala uzakhele udumo kuLamontville Golden Arrows, i-Orlando Pirates neBafana Bafana.

Uveze ukuthi kuyamkhathaza ukungenzi kahle kwamaqembu alapha esifundazweni iKwaZulu-Natal ekubeni kukhona abadlali abangaka. 

“Esikhundleni sokugcwala izinkalo kuthungathwe ikhono, amaqembu ethu amatasa nokusayinisa abadlali abaxoshwe ngawaseGoli. Laba badlali beza esifundazweni bengasayilambele impumelelo. Uke ubone nje ukuthi ukuza lapha bakuthatha njengokwehlelwa izinga. Basuke sebezokwenza imali yokugcina. Akukuhle ukubona amaqembu akithi ebophele umdlali oyedwa wakulesi sifundazwe, kugcwale abangaphandle. Uma singalungiswa lesi simo sizozithola sikolukhulu ubishi. Buka nje amaqembu alapha ahluleke onke ukungena kuTop 8 kuDStv Premiership” kusho uSangweni.

See Also

Uqhube wathi kukhona ngisho iDStv Diski Challenge (DDC) lapho abadlali abancane abangakwazi ukuthi bakhuliswe kahle, ngoba bebebaningi abadlali abancane abenze kahle kuKhabba Cup. 

AmaZulu FC asayinise uSenzo “Mbhobho” Ndlovu obedlalela iTwo For Joy, abanye abadlali okuvela ukuthi kungenzeka besayiniswe iRichards Bay FC  uSibani Khumalo naye obedlala kuTwo For Joy noFezile Gcaba yena obedlalela iZinsephe FC. 

“Ngijabule kakhulu ukuzwa ukuthi kukhona abadlali abangase bathole ithuba lokuyodlala kwiDStv Premiership ngesizini ezayo. Lokho kuyisikhuthazi esikhulu kwabanye abadlali, ngifisa engathi bengafike bedlale kahle. Kukhona lona okuthiwa uSibani ngize ngamcelela kuNkosana Khoza ukuba abamjimise nePirates bazozibonela bona,” kusho uSangweni. 

Scroll To Top