Kuvulwe iwindi kwaphithizela kuDStv Premiership



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kubukeka kuyothi kuvalwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali, bayobe bebaningi abadlali abazobe bejoyine amaqembu amasha kuDStv Premiership.
Kusukela iwindi livuliwe amaqembu achitha abadlali, aphinde asayinise abanye.
ElaboHlanga libheka abadlali asebesayine emaqenjini amasha nabaxoshiwe.
iKaizer Chiefs:
Ebakhululile:
UNjabulo Ngcobo, uSiyethemba Sithebe, uKeagan Dolly noSifiso Hlanti.
Ebasayinisile:
Okwamanje kusavele igama likamqeqeshi omusha uNasreddine Nabi ozofika nethimba lakhe. Imataniswa noBongani Sam oseke wadlala ku-Orlando Pirates neMoroka Swallows.
i-Orlando Pirates
Ebakhululile:
UVincent Pule, uFortune Makaringe, uKermit Erasmus, uThabang Monare, uRichard Ofori noSiyabonga Mpotshane.
Esibasayinisile:
UThalente Mbatha obebolekisiwe usesayine naleli qembu laseSoweto, uDeivi Miguel Vieira owaziwa ngoGilberto, uSelaelo Rasebotja, uBayanda Thabethe, uThuso Moleleki no-Ethan Visagie.
iMamelodi Sundowns
Ebakhululile:
UGastino Sirino, uBongani Zungu, uJunior Mandieta noBrian Onyango. Ayigcinanga lapho kodwa ichithe nomqeqeshi uRhulani Mokwena.
Ebasayinisile:
UKobamelo Kodisang ezokwemethula maduze.
iChippa United:
Ebakhululile:
ULuvuyo Memela, uRoscoe Pietersen, uLloydt Kazapua, u-Azola Ntsabo, uSiyabonga Nhlapo, uSenzo Nkwanyana, uSiphelele Luthuli, uDarren Johnson, uMenzi Ndwandwe, u-Andile Fakude, uKamohelo Mahlatsi, uDiego Appolis, uKhanyisile Mayo, uSiseko Manona, uYuriq Conwood no-Andile Mbenyane. Abadlali ababuyela emaqenjini abo uGoodman Mosele noMalebogo Modise.
Ebasayinisile:
USamkelo Jali, uXolani Sithole no-Andile Jali.
AmaZulu FC
Ebakhululile:
UGeorge Maluleka, uVictor Letsoalo, u-Augustine Kwem noVeluyeke Zulu.
Ebasayinisile:
USenzo Ndlovu noBoniface Haba.
iRichards Bay FC
Ebasayinisile:
USibani Khumalo, uKeagan Allan, uFezile Gcaba, uTlakisani Khumalo noSiyethemba Sithebe.
Ebakhululile:
USanele Barns
iTS Galaxy
Ebakhululie:
UVuyo Mere, uBernard Parker, uLindokuhle Mbatha, uVasilije Kolak, uLehlohonolo Mojela, uHigor Vidal no-Orebotse Mongae.
Ebasayinisile:
UVictor Letsoalo noSiphesihle Maduna.
iCape Town City:
Ebakhululile:
UBrice Ambina, uJo Paciencia, uKhanya Leshabela, uRelebogile Mokhuoane noBongani Mpandle.
Ebasayinisile:
UFortune Makaringe, uSibusiso Ziba, uKamohelo Mokotjo, uPrins Tjiueza, uHaashim Domingo, uKayden Francis, u-Elson Sithole noLefa Aphane.
iSekhukhune United
Ebakhululile:
UMiguel Dias, uSibusiso Vilakazi, uNtokozo Mtsweni, uRally Bwyala, uLesego Sebetlela
uSiphosakhe Ntiya-Ntiya, uLebohang Mabotja, uThamsanqa Masiya, uTshepo Rikhotso, uTaloisane Mokhele, uCollins Makgaka, uTashreeq Morris, uMichael Sarpong, uTlotliso Phatsisi, u-Edwin Gyimah, uKamohelo Mokotjo noNoyiko Mobbie.
Ebasayinisile:
UKeletso Makgalwa, uNjabulo Ngcobo, uRelebogile Mokhuoane, uLloyd Kazapua, uSikhosonke Langa no-Andy Boyeli.
iLamontville Golden Arrows
Ebasayinisile:
UKeenan Philips
Ebakhuluile:
Ayikaxoshi muntu.
iStellenbosch FC
Ebasayinisile:
USanele Barns noLehlohonolo Mojela.
iMagesi FC
Ebasayinisile:
UDecide Chauke noLesego Sebetlela
Ebakhululile: Okwamanje akekho esamdedelile.
iRoyal AM
Ayikavumeleki ukusayinisa njengoba yamiswa iFIFA.
iPolokwane City
Ebakhululile:
UGiven Mashikinya, uNdumiso Mabena noLucky Baloyi