Now Reading
Amava awathole kuChiefs azomsiza eqenjini lakhe elisha
Dark Light

Amava awathole kuChiefs azomsiza eqenjini lakhe elisha

USiyethemba Sithebe uthi ingcindezi ayithole ngesikhathi edlala kuKaizer Chiefs imqinise ukhakhayi, ngalokho ukholelwa ukuthi lokho kuzomkhuthaza ekutheni enze kahle eqenjini elisha azodlala kulona ngesizini ezayo.

Lo mdlali waseNewcastle noneminyaka yobudala engama-31 uthulwe ngokusemthethweni ngoLwesithathu njengomdlali omusha weqembu lasesifundazweni iKwaZulu-Natal iRichards Bay FC.

Ungomunye wabadlali abachithwe iChiefs njengoba kuvulwe iwindi, abanye uNjabulo Ngcobo, uSfiso Hlanti noKeagan Dolly.

Wafika kuleli qembu ngoNtulikazi wangowezi-2022 esuka ku-Amazulu FC, udlale imidlalo engama-39 kumasizini amabili.

“Ngifunde lukhulu eGoli okokuqala nje impilo yalapha iyashesha kakhulu. NgikuChiefs ngifunde ukuthi ingcindezi yabalandeli inkulu kakhulu, uma lingenzi kahle iqembu abalandeli bazohlangana nawe bafune izimpendulo. Kuliqiniso elingephikiswe ukuthi kula masizini amabili edlule bengidlalela iqembu elikhuli, ngalokho engikufundile khona kuzongisiza ekutheni ngenze kahle lapha kuRichards Bay FC,” kusho uSithebe.

Uthulwe ngokusemthethweni njengomdlali weRichards Bay FC kanye nabanye  abadlali abahlanu okukhona uKeagan Allan, uFezile Gcaba, uSibani Mntungwa, uThabiso Kutumela noTlakusani Mthethwa.

Ephawula ngokubuya ukuzodlala ekhaya uthe: “Kuyajabulisa ukubuya ngizodlala ekhaya, ngoba ngizosondelana nomndeni wami okuyinto ehlezi ijabulisa noma imuphi umdlali. Izingxoxo zihambe kahle neRichards Bay FC, sivumelane ngakho konke ngezimfuno,” kubeka uSithebe. 

Uthe ukufika kwabaxhasi abasha okuyiPhakwe Group izokhuthaza kakhulu iqembu.

See Also

USithebe uthe njengoba iminyaka isihambile kuyena uzokhuthaza abadlali abancane.

“Kunabadlali abancane abakhona eqenjini, engizobakhuthaza ekutheni bakhule. Ukufika kwabadlali abasha kuzosiza kakhulu kwazise isizini yinde, sidinga ukuba nesikwati esiqinile siqede endaweni enhle kulogi,” usho kanje.

Abadlali abancane abadlala enkabeni yesisu nguMoses Mthembu, nguLangelihle Mhlongo noBandile Ndlovu. 

Scroll To Top