Uxhaso lwethule umthwalo kuMenziwa weRich Boyz



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UThabiso Tenyane ongusihlalo wePhakwe Gas engabaxhasi abasha beRichards Bay FC, unamaphupho amakhulu naleli qembu lasesifundazweni.
Lo somabhizinisi odumile uveze lokhu ngoLwesithathu kade kuthulwa ngokusemthethweni lobu budlelwano bePhakwe Gas neRichards Bay FC. Kulo mcimbi kuphindwe kwathulwa abadlali abasha nalaba abanyuswe kuDStv Diski Challenge (DDC).
“Ngijabule ngokuba yingxenye yale kilabhu. Inhloso yami ukuzoguqula izinto kuRichards Bay FC, ingakho ngifake izigidi ezili-R100. Okokuqala engikuqaphelile inkundla iqembu eliziqeqesha kuyona, ngibe sengiba nombono wokuthi kumele sakhe inkundla yalo iqembu ezokuba seqophelweni eliphezulu,” kusho uTenyane.
Kulolu xhaso iRichards Bay FC izothola izigidi ezingama-R20 amasizini amathathu, kuthi izigidi ezingama-R40 ubhekane nokwakhiwa kwenkundla.
Ukufika kwalaba baxhasi kuzokwehlisa umthwalo kuSifiso “Jomo” Biyela okhale kakhulu ngasekupheleni kwesizini edlule ukuthi izindleko zeqembu zimphundle kakhulu kwazise ubengakutholi ukulekelelwa.
Eqhuba uTenyane uthe: “Sizoqinisa isikwati sethu ngenhloso yokuthi sifuna ukumbincisela nxanye la aqembu okuthiwa makhulu. Lokhu okwenze eqenjini ngesizini edlule ukuthi licishe lidliwe ngeke kusenzeka. Iphupho ukuba iqembu libalwe namaqembu amane aphezulu uma kuphela iligi ngesizini ezayo,” ubeke kanje.
Ubalule ukuthi kuzophinde kube nezinguquko ethimbeni labaqeqeshi abanamava, ikakhulukazi umqeqeshi wonozinti.
Lokhu kushiye ukungabaza ngekusasa likaMbongeni “Kati” Mzimela okunguyena umqeqeshi wonozinti kuleli qembu.
Izinduku ezintsha ezogadla ngazo ngesizini ezayo kukhona uSiyethemba Sithebe, uKeagan Allan, uTlakusani Mthethwa, uFezile Gcaba, uThabiso Kutumela noSibani Mntungwa.
Iphinde yakhuphula abafana abasuka eqenjini elincane leDStv Diski Challenge (DDC) okubalwa uThabiso Ndelu, uPhilasande Manqele, uTlonela Bomela, uSiphesihle Mtshali, uLindokuhle Zikhali noWandile Ngema.