Now Reading
USuthu alupholisanga maseko lusayinisa uGatsheni
Dark Light

USuthu alupholisanga maseko lusayinisa uGatsheni

Kuvela ukuthi kuyiwe kuKhabba Cup uSenzo “Mbhobho” Ndlovu abevele emcuthele amaqembu agijima kuDStv Premiership.

Lo mgadli ongalibheki ipali obedlala kuTwo For Joy emqhudelwaneni waminyaka yonke nohlelwa uManqoba “Chillies” Mkhize, uzitholele inkontileka yeminyaka emithathu kuMaZulu FC. 

Ngokuthola kwelaboHlanga kuvela ukuthi AmaZulu FC ebasafuna uNdlovu aziqeqeshe neqembu bese kuya ngokuthi uyagculiseka yini umqeqeshi uPablo “Cijimpi” Franco okwelakubo eSpain. 

Kube sekukhona ohlebela izikhulu zawo AmaZulu FC ukuthi uma bembambezela uNdlovu kukhona vele iqembu elikulungele ukumnikeza inkontileka ngokushesha.

Ingakho kushone elangoLwesibili AmaZulu FC asemnikeze inkontileka lo mgadli odabuka eHlathikhulu, eMtshezi kodwa manje uzinze eNewlands West, eThekwini.

Obekwenza ukuthi lo mgadli acuthelwe ingoba uma kunemidlalo ekhona eThekwini kukhulunywe ngaye ukuthi uyena ovalele phakathi amagoli amaningi. Nakuyona iKhabba Cup uyena obe umdlali oshaye amagoli amaningi amane emidlalweni emihlanu.

Iqembu abedlala kulo ilona eligcine liba ngompetha beKhabba Cup ka-2024, libe seligoduka nezinkulungwane ezili-R120. 

KuSinenkani FC okuyiqembu adlala kulo kuSafa ABC Motsepe League esifundazweni i-Eastern Cape uvalele amagoli angama-23. Lokhu ikhona okukhulu okwenze igama lakhe laba sematheni kakhulu. 

See Also

Nakweminye imiqhudelwano yeziteki ebidlalwa iTwo For Joy, ubelokhu ewahlohlile amagoli. Emqhudelwanweni obuseReserve Hills ngoNhlaba wavalela amagoli ali-10, Ohlange Easter Tournament wavalela amahlanu  neKwaMashu Kasi Lethu ukubalwa ambalwa. 

UNdlovu oneminyaka yobudala engama-28 ubegqoka unombolo-2 kuTwo For Joy, leli qembu lithe lenombolo lohlezi liyihlonipha ngenxa yemisebenzi yalo mgadli. 

ISinenkani FC ithe imfisela okuhle kodwa beyazi ukuthi sizofika lesi sikhathi ngoba ukhombisile okukhulu ukuzimisela. 

Scroll To Top