Iqubula lomlilo eKenville lidonse ubuholi besifundazwe nobendawo
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
UHulumumeni wesifundazwe iKwaZulu-Natal uholwa uNdunankulu uMnu uThami Ntuli bahambele eKenville, eThekwini lapho kade beyobheka ukuthi amalunga akule ndawo ahlezi kanjani njengoba emuveni kokuhlaselwa umlilo.
Ngesikhathi elaboHlanga lifika kule ndawo, bekuwunyu nosizi lodwa kumalungu omphakathi amanye abebonakala emi ulayini wokuthola okuya ngokusethunjini. Abanye behlezi bengazi nokuthi kumele behlanganise ini nani, njengoba bengesenazo izindlu.
Kuvele ukuthi ilinganiselwa kwenga imijondolo eshile, kanti zingama-89 izingane ezisale zingenamakhaya. Bangama-342 abantu abadala nabo abasale bengenazindlu zokufihla ikhanda.
ElaboHlanga liphinde lathola ukuthi uyedwa odlule emhlabeni, okubuhlungu udlule nosana lakhe njengoba ubezithwele. Lowo nguNomthandazo Dawodi okuthiwa ubeneminyaka yobudala engama-30.
Kwabakade behamba noMnu uNtuli, ubehambisana noNgqongqoshe beKhabhinethi lakhe lapho kubalwa uMfundisi uThulasizwe Buthelezi WoMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu, uMfundisi Musa Zondi ophethe uMnyango Wezokuthuthukiswa Komnotho, uNkk uThembeni KaMadlopha Mthethwa woMnyango Wezolimo noMnu uMntomuhle Khawula oKwezamasiko Nezemidlalo. Bekukhona nalowo osanda kubekwa njengeMeya entsha yaseThekwini uMnu Cyril Xaba kanye nabasebenzi bakaMasipala.
UMnu uNtuli ekhuluma uthe: “Okokuqala ngithanda ukudlulisa amazwi okududuza umndeni, izihlobo kanye nabangani balaba abahlekelwe ilowo abasondelene naye. Isimo lesi esibuhlungu enibhekene naso. Kuthe ngeSonto ngizwa lezi zindaba ngibe sengithumela oNgqongqoshe ukuba beze bezobheka. Namuhla ngithe angizifikele mina mathuba, ukuba ngizokhuluma nani njengoba nibhekene nalesi simo,” kusho uNtuli.
Uqhube wathi njengoba befikile akukhona ukuthi bayagcina kodwa oNgqongqoshe basazoqhubeka ukuzobheka kuze kube amalunga omphakathi akule ndawo aphila impilo akade eyiphila phambili okuthi abe nezindlu.