Now Reading
Izinyembezi zenjabulo zibagcine kuDStv
Dark Light

Izinyembezi zenjabulo zibagcine kuDStv

Umdlali weRichards Bay FC uSomila “Ballo” Ntsundwana udalula okwenze wakhihla eseNdlovukazi uNandi, ngesikhathi eqeda kushaya igoli. 

UNtsundwana uvalele phakathi amagoli amabili ngesikhathi iRichards Bay FC itholene phezulu neBaroka FC emdlalweni wokuhlungela ukungena kuDStv Premiership.

INatal Rich Boyz (iRichards Bay FC) igcine inqoba ngamagoli amane eqandeni kulo mdlalo obuseKing Zwelithini Stadium eMlaza. 

Amanye amagoli eze noSanele Barns (obedlala umdlalo wakhe wokugcina kuleli qembu) kanye noLwandile Mabuya. 

“Kube isizini ende enezigigaba eziningi kumina, lapho bekuba nezimo ezingezinhle. Kunezimo ebengifisa ukuthi ngiziguqule kodwa kungenzeki. Lo mdlalo ebesiwudlala ubumkhulu kakhulu kuthina, besazi ukuthi ikuphi okumele sikwenze. Ngithe mangishaya igoli izinyembezi zagcwala amehlo, bekuyizinyembezi zenjabulo ngoba kubuye konke okwenzeke kusukela iqala isizini,” kusho uNtsundwana. 

Maphakathi nesizini bekuba nezikhathi uNtsundwana abehhehhemezwa abalandeli njengoba ebebuye eshwebe amathuba.

Kuthe mayeshaya igoli lakhe lesibili ngesiwombe sesibili uvele wakhumula ijezi wahamba waya kubalandeli, ekhombisa khona ukuthi ubejabule kakhulu. 

See Also

Kule midlalo yokuhlunga emine uNtsundwana ukwaze ukuvalela phakathi amagoli amathathu. Kwisizini yonke yeDStv Premiership emidlalweni engama-27 ushaye amagoli amabili. 

“Ukunqoba kwethu kusho lukhulu kuthina. Kubuhlungu nje ukuthi amanye amaqembu kade avala thina besisamatasa nokudlala imidlalo yokuhlunga. Kodwa sikhulumile singabadlali ukuthi nakanjani kumele siyinqobe imidlalo. Asifuni ukuzibona siphinde sibe kulesi simo ekade sikusona,” kusho uNtsundwana.

Eqhuba uthe: “Siyabonga kubalandeli ababe nathi ezikhathini ezinhle nezimbi. Siyazi besibuye skbaphoxe kodwa baqhubekile nokusiseka. Ukunqoba lo mdlalo besenzela bona.”

Scroll To Top