UBhovungana uthi asihambi isicoco seFlyweight



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umpetha weSouth Africa Flyweight uNkosingiphile “The Prince” Sibisi waseDundee uzovikela ibhande lakhe ngakubo, empini azotholana kuyona noTheo Nxayiphi waseMdantsane e-Eastern Cape.
Le mpi izokuba kusasa ngoMgqibelo eMoth Hall, eDundee kulindeleke ukuthi ziqale ngehora lokuqala emini.
USibisi leli bhande walihlwitha kuTrevor Nghonyama odabuka eGoli emipini ebingoNdasa nonyaka eMtshezi.
Kusukela angena esibhakeleni esikhokhelayo ngowezi-2022 uMahlase (abakwaSibisi) uselwe izimpi eziyisikhombisa usazinqobe zonke.
Impi ezobhulela amazola le mpi yosuku ekaSanele “Theo” Mhlungu waseDundee uzoxhimfana noMfanuvele Ntuli wasoLundi laba bazobe bebanga ibhande leKZN Junior Flyweight.
Lezi zimpi ziyingxenye yomqhudelwano oqhathwe iHle-Jobe Boxing Promotions kaHlengiwe Sithole isiqubulo salezi zimpi sithi: “Kumanzi Phansi Boxing Tournament”.
USibisi yize ezobe elwela ekhaya kodwa kubukeka ezobe ebhekene nomqansa njengoba uNxayiphi enesipiliyoni kunaye.
UNxayiphi wangena esibhakeleni esikhokhelayo ngonyaka wezi-2015 nalapho alwa khona noMbulelo Dyani, sezizonke izimpi asezilwile zili-13 kuzona unqobe eziyisi-8, uhlulwe kwezintathu walwa ngokulingana kwezintathu.
Ugcine ukubonakala eringini ngoZibandlela nyakenye.
USibisi ekhuluma nelaboHlanga uthe: “Yize ngingayithathi kancane imbangi yami, kodwa ngizolivikela ibhande lami. Ukulwela kwami lapho engidabuka khona, ngikubona kuzongilekelela kakhulu. Ngibonga ithuba kwabeHle-Jobe Boxing Promotions ngokungiqhatha,” usho kanje.
Amathikithi abiza ama-R200 kwabafuna ukuhlala eduze kweringi. Ajwayelekile angu-R100 bese abize u-R50 ezingane.
UHlengiwe wazise elaboHlanga ukuthi konke sekumi ngononina.
“Akukho okusangabhuntshisa izimpi izinto zonke zimi ngononina. Siyafisa ukuthi abalandeli besibhakela betheleke ngobuningi babo eDundee bezobuka izimpi ezinenkosi phakathi,” kubeka uHlengiwe.
Ezinye izimpi ziqhathwe kanje:
USiyanda Makhobo noSandile Booi (flyweight, 4 rounds); uSakhile Hlatshwayo noNkosinathi Radebe (Junior Featherweight, 4 Rounds); uSihle Shange noNtokozo Mthonti (Bantamweight, 6 Rounds); uLindelani Sibisi noRomeo Makwakwa (Featherweight, 8 Rounds); uMncedisi Duze noThembinkosi Gubevu (Flyweight, 4 Rounds); uMxolisi Zuma noGrey Chinkwepulo (Junior Featherweight, 8 Rounds).