Intaka ibekelwe amazolo koweSpencer Eshowe



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.



Nakulo nyaka iyaqhubeka imidlalo yaminyaka yonke ebizwa ngeDerrick Spencer Schools Tournament.
Le midlalo nonyaka izodlala okwesine, yasungulwa uSpencer wodumo kuKaizer nakuMamelodi Sundowns.
Kudlala izikole ezili-16 zikanobhutshuzwayo bese kuba ezili-16 zebhola lomnqakiswano.
Zonke izikole zigadulisana eShowe High School, lapho kunezinkundla zikanobhutshuzwayo ezine, nezine zebhola lomnqakiswano.
Nyakenye isikole esadla umhlanganiso kunobhutshuzwayo kube iGcwalulwazi High School kwathi ebholeni lomnqakiswano kwanqoba iShowe High School.
Ezikoleni ezikhona kulo mqhudelwano iMafunda High School, iNqumizwe High School, iZimeme High School, iNtabuntuzuma High School, iBhekeshowe High School neMpande High School ukubala ezimbalwa.
Le midlalo ixhaswe abakwaMTN kwazise uSpencer ulinxusa lakhona, uphelezelwe uJosta Dladla noBrilliant Khuzwayo abadlala kuChiefs.
Kusasa kuzobe sekuba nemidlalo yeDerrick Spencer Soccer Festival, nakhona kuzobe kudlala amaqembu ali-16 okubalwa asuka khona eShowe, oLundi naseThekwini.
Iqembu elizonqoba kuDerrick Spencer Soccer Festival lizogoduka nezinkulungwane ezili-R100 kuthi elizolala endaweni yesibili ligoduke nezinkulungwane ezingama-R50.