Kwethulwe inqabakutholwa yohlelo lokulondoloza ubuciko bomdabu e-Afrika


Umcimbi wenziwe waqondaniswa nosuku lokubungaza ubu-Afrika nokuzigqaja ngobuzwe
Njengengxenye yokubungaza inyanga ye-Afrika ezwenikazi, umbhali womculo, nomdlali wemfijoli ohlonishwa umhlaba wonke uDkt Thokozani Mhlambi, ebambisene neMazisi Kunene Foundation, iKillie Campbell Africana Library, i-University of Cape Town kanye nabanye ababambiqhaza elibalulekile emikhakheni yezobuciko nezemfundo, bethule isinyathelo sokuqala se-African Creative Artforms Digital Index. Lolu hlelo kuhloswe ngalo ukulondoloza ubuciko bomdabu base-Afrika obufana nezingoma, izinkondlo, imilolozelo kanye nezithakazelo.
Ephawula ngalolu hlelo uDkt uMhlambi, uthe indlela elula yokuchaza lolu hlelo ukuthi kuzoba ngeyokuqala ngqa i-encyclopedia yobuciko e-Afrika. Iphuzu okungabhekiselwa kulo ocwaningweni lwezemfundo nokuthuthukiswa komkhakha, inqolobane lapho abaqambi bengathola khona ugqozi lobuciko besimanje kanye nedatha nezinsiza zemininingwane eqoqiwe futhi ingeyabantu base-Afrika, kodwa futhi engafinyelelwa abantu nezinhlangano emhlabeni wonke. “Lapha ngichaza umgomo oyinhloko yalolu hlelo, ngizosebenzisa amazwi engqondongqondo ehlonishwayo e-Afrika uFrantz Fanon lapho ethi, “ Uma ungqondongqondo womdabu esebenzisa okwakudala, kufanele asebenzise okwakudala ukuvulela ikusasa.”
“Eqinisweni, yilokhu okuyinkomba yedijithali efuna ukukuzuza. Ukubhala nokugcina izinto eziwubuciko bomdabu wasendulo akusho ukuthi sisemuva endleleni yethu yokucabanga kanye nendlela yokulondoloza ubuhlakani base-Afrika, kodwa kusho ukuthi sifuna ukusungula indawo esizovundulula kuyo ubuciko bakudala uma sifuna ukwenza ubuciko bakusasa, sinikeze lobu buciko bomdabu wendabuko igama ngokusungula imvelaphi kanye nencazelo yawo futhi buvikeleke njengempahla yobuhlakani yakudala yase-Afrika ukuze kugwemeke ukuxhashazwa ngokweqile kwababhali nabaqambi bawo.” Kusho uDkt Mhlambi ophinde abe ngumsunguli we-Afropolitan Explosiv okuyinhlangano ezokwethula lolu hlelo.
Ukwethulwa kwe-African Creative Artforms Digital Index kwenzeke eMazisi Kunene Museum izolo lapho kuphinde kwaba khona nephaneli ebidinga ngaphansi kwesihloko esithi: African Creative Heritage: arranging, curation for digital future.
Ngokusho kwe-UNESCO, “Amagugu amasiko awagcini nje kwizikhumbuzo kanye nezinto eziqoqiwe. Ahlanganisa amasiko noma amazwi aphilayo esiwazuza kokhokho bethu futhi adluliselwa ezizukulwaneni zethu, njengamasiko adluliselwa ngomlomo, ubuciko bemidlalo,” uma sibala ezimbalwa.
Ucwaningo lwamazwe ngamazwe ngamasiko lubonise ukuthi “ingxenye enkulu yamagugu omhlaba engaphatheki ihlanganisa imikhuba ehlanganisa isiko ukuthengiswa kanye nokufiphalisa imingcele phakathi kwezizwe” Njengoba iningi lale mikhuba ingangeni ezigabeni ezicacile “zendabuko” noma “kazwelonke”, ingase ingacatshangelwa ukuthi ilondolozwe njengoba isebenzisa ukuphila komuntu namuhla. Eziningi zalezi zinqubo ziyasetshenziswa, zixutshwe kabusha futhi ziphinde zithengiswe, ngaphandle kokubulula okucacile kwemvelaphi yazo. Yilokhu okwenzeka ngezenzakalo zase-Afrika, ezivela eningizimu ye-Afrika.
Inkomba yedijithali izozichaza ngokwanele izindlela zakudala zomlando wamanje zaKwaZulu-Natal nase-Eastern Cape, futhi iqinisekise imvelaphi yazo kanye nencazelo ukuze kube umongo okuzobhekwa kuwo.
Ukwethulwa kwalolu hlelo kwenziwe kwaqondaniswa nosuku lwe-Afrika, olukhombisa ukubaluleka kwalo msebenzi. Ithimba lizohlola izinhlobo zobuciko ezihlukene zomdabu zaKwaZulu-Natal nase-Eastern Cape futhi lithole umsuka nezincazelo zakhona.
UDkt uMhlambi ucacise ngezigaba ezahlukene zephrojekthi kanye nokuthi bangena kanjani labo ababambe iqhaza.
Abazongenela ukhetho kubalwa uDkt uNcebakazi Mnukwana (weNyuvesi yaseStellenbosch, eMnyangweni Wezomculo), uMnu uSandile Ngidi (imbongi yesiZulu, intatheli, umhumushi, isifundiswa esineziqu eNyuvesi yaseKapa) kanye noSolwazi uChats Devroop (waseTshwane University of Technology).