Now Reading
Okwenzeke eMgungundlovu kubikezela okukhulu okuzayo
Dark Light

Okwenzeke eMgungundlovu kubikezela okukhulu okuzayo

Isigameko sangesonto eledlule KwaMpande eMgungundlovu sokubulawa kwabantu abayi-9 ngokudutshulwa maqede kuthungelwe ngomlilo indlu yomxhaso abebekuyo, singesinye esiwubufakazi bokuthi kukhona abangena sengathi balwa nobugebengu, kanti bazofeza izinjongo zabo. 

Ngokombiko wamaphoyisa laba besilisa bahlaselwe ngabantu abazibiza ngabalwa nobugebengu endaweni, kwazise lendlu abebekuyo yaziwa njengesidleke sewunga,  nomhhume wabaphangi nalapho kuthukuswa khona impahla eyebiwe.

Abahlaseli kuthiwa bebefuna omunye wesilisa ohlala kuwo lomuzi bemsola kwesinye isenzo sokweba  nokygqekeza endaweni, kanti bazozithela kwabanye.

Babe sebeyabashaya abanye badutshulwa maqede bathungela ngomlilo indlu beyivale izicabha ngokhiye nemishudo ukuze bangakwazi ukuphuma abangaphakathi. Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel uRobert Netshiunda, akekho onelungelo lokuzithathela umthetho ngezandla.

Ngesikhathi sokuloba laba, uphenyo lwamaphoyisa belusaqhubeka kusathungathwa abahlaseli. Lesi ngesinye sezigameko eziningi zokuhlaselwa kubulawe abantu egameni lokulwa nobugebengu. Ngowezi-2021 endaweni yaseMsahweni e-Adams Mission kwaba esifanayo kubulawa abantu abahlanu besendlini eyodwa ngamalungu omphakathi ayethi alwa nobugebengu. 

See Also

Lokhu kuhlaselana kugcina sekuphenduke impi emphakathini ngoba kuvumbuka nabanye abafuna ukuziphindiselela.

Amaphoyisa aphakamisa ukuthi izinhlaka zokulwa nobugebengu zisondelane, kakhulu nawo futhi kubikelwe wona kuqala uma kukhona izenzo ezisolisayo. Ngakolunye umphakathi uthi kushona ilanga ulinde amaphoyisa izigebengu zicanasa.

Scroll To Top