Now Reading
Uyobongwa namaqhawe ngomculo owawuxwayisa ngengculazi
Dark Light

Uyobongwa namaqhawe ngomculo owawuxwayisa ngengculazi

Ngesikhathi ubhubhane lwengculazi lusadla fumuka ludle silaza ezwenikazi i-Afrika ngeminyaka yowe-90, babembalwa abantu  ababenesibindi sokuphumela obala bakhulume ngalo, ingasaphathwa eyokudalula isimo sabo ngalesi sifo.

Ugalagala lomculi waseTanzania oselwendela koyisemkhulu uRemmy Ongala, wazijuba wakhipha unqambothi lwengoma olwalukhuluma ngalo mashayabhuqe. Le ngoma yakhe wayeyicula ngolimi lwesiSwahili ibizwa  ngokuthi “iMambo Kwa Soksi”  okusho ukuthi “Ubumqoka bokuzivikela ngesokisi”.

Izinhlamvu zale ngoma zazigqugquzela abantu ukuthi bafake amakhondomu uma bezoya ocansini ukuze baphephe egciwaneni, futhi bavikele nalabo abathandana nabo. Kule ngoma uRemmy wayengahlonizi ngokuthi ingculazi iyabulala, futhi esebenzisa namagama aqojeme ukwedlulisa umyalezo ngalesi sifo. Isiteshi somsakazo esikhulu kuleliya lizwe iRadio Tanzania yakumisa ukudlalwa kwale ngoma.

Ngaphandle komyalezo le ngoma yayithandwa kakhulu ngoba yayinengxube yomjuxuzo. Ezinye izingoma zakhe zaziqukethe umyalezo okhuluma ngobubha, inkohlakalo, ukufa kwabantu, ukwethembeka. Umculo wakhe wayewetha ngokuthi “ubongo beat” okuchaza uhlobo lomculo oluxukuza ugebhezi.

See Also

Wayengusaziwayo emazweni ase-East Afrika, wagcina esehambela nasemazweni aphesheya njenge-United States of America naseYurophu. Kuyilapho ehlangane khona nabanye abaculi bamazwe njengoHugh Masekela, uMirriam Makeba baseNingizimu Afrika. Esegxile kakhulu phesheya usebenze ngaphansi kwenkampani ekhiqiza umculo iReal World, eyasungulwa uPeter Gabriel.

Akazange abakhohlwe abantu base-Afrika yize esewele ngelibanzi ngoba umculo wakhe wayesawudlulisa ngesiSiswahili, futhi ecula nangempilo yomuntu omnyama.

Scroll To Top