Kuhlangenwe phezulu phansi kungamahele ezinyunyaneni
Isinqumo sezinye izinyunyana zabasebenzi bakahulumeni sokusayina isivumelwano sakamuva sokwenyuselwa amaholo ngo-7.5% sicacise ngokusobala ukuthi kuhlangenwe phezulu phansi kungamahele.
Izinyunyana eziningi zabasebenzi bakahulumeni zithi zanelisekile ngokwenyuselwa amaholo ngo-7.5% eminyakeni emibili ezayo. Phambilini uhulumeni wayebeke etafuleni u-4.7% ngokuhamba kwesikhathi wanyuka. IPublic Service Administration ngomlomo woMkhulumeli wayo uClyde Naicker ithi izinyunyana ezingakasamukeli isinqumo se-7.5% zisaqhubeka nokuxoxisana nomqashi.
Lezo zinyunyana ezingakasayini zikhala ngokuthi umqashi wazinamba ngamankahla ngoba esabela ukuthi hleze zeseke umkhankaso wokuvalwa kwezwe owabe ugqugquzelwa uMnu uJulius Malema ne-Economic Freedom Fighters (EFF).
INational Education, Health and Allied Workers Union (Nehawu) okuyiyo ebiphambili esitelekeni esithathe amasonto amabili, yiyo eshaya amakhala. Kulokhu yesekwa umfelandawonye wezinyunyana iSaftu. Ekhala ngakho iNehawu ngukuthi ayikwazi ukwamukela isivumelwano samaholo sonyaka we-2023/2024, kuze kube kuyavunyelwana ngemiholo yonyaka we-2022/2023.
Umfelandawonye wezinyunyana iSouth African Federation of Trade Union (Saftu), ithi iphoxekile ngokuthi ingxenye enkulu yezinyunyana zabasebenzi bakahulumeni zivumile ukwamukela okubekwe uhulumeni etafuleni. Le nyunyana ithi ikholwa wukuthi abasebenzi bashaywa ngemfe iphindiwe ngalokhu kunyuswa kwamaholo ngo-7.5%.
UMnu uTrevor Shaku wale nyunyana uthi kubalulekile ukuchaza izinto ngendlela eziyiyo zingafakwa ngaphansi kwamatafula. Uthi empeleni uhulumeni ubeka etafuleni u-3% njengokunyuswa okusha kwamaholo. Uqhuba uthi ukunyuswa kwamaholo ngo-4.5% kufana nokuthi kuqhutshekwa lapho kwakugcinwe khona ngowezi-2021 ngemiholo yabasebenzi. UShaku uveza ukuthi njengoba abasebenzi bekwamukela lokhu kunyuswa kwamaholo, bazolahlekelwa yi-3.1% okumele engabe banyuselwa ngawo. Ekugcineni bazolahlekelwa u-14.3%.
Zisuka nje ebhandeni inyunyana yothisha iSouth African Teachers Union (Sadtu) yathi angeke isibandakanye nesiteleka, iyokwamukela lokho okuyobekwa etafuleni. Ezinye izinyunyana ezamukele ukwenyuselwa amaholo kube iFederation of Unions of South Africa (FEDUSA), iPopcru, iDenosa kanye neSouth African Policing Union (SAPU). INehawu ithi umqashi okunguhulumeni wababamba ngamankwahla, waphuthuma ukubeka etafuleni u-7.5% ukuze ingabi ingxenye yokuvalwa kwezwe kwangelesonto eledlule okwakugqugquzelwa uMnu uJulius Malema ne-Economic Freedom Fighters (EFF).
Okhulumela iNehawu uLwazi Nkolonzi, uthi okuphambili kubo ukuphothula izingxoxo zamaholo zonyaka we-2022/23 kuyima kubhekwa iminyaka elandelayo. Uthi abakwazi ukuqhubeka kube sengathi akwenzekanga lutho ekubeni kuyilo lolu daba olwenza bangena emgwaqeni.