Bathi akubuyelwe kwekagesi baphunyuzwe ngoBester


Undabuzekwayo wesiboshwa eseqa ejele kuthiwa sangqongqa safa uThabo Bester osekuphele inyanga isematheni isidale ukukhuluma kwabanye abantu ababona ukuthi isiyihawu nje likahulumeni lokubalekela ukuphendula ngezinye izinto ezikhungethe izwe.
Indaba yokucinywa kukagesi eqale phansi, okwakamuva ngePhala Phala, izinga lokungasebenzi kwabantu, ngezinye zezinto abantu abathi akubuyelwe kuzo ngoba sebefakwa untwentwesi emehlweni ngoBester.
Kulandela ukungenelela kukahulumeni waseTanzania namaphoyisa akhona ekutheni uBester osaziwa njengesigebengu esinembobo ekhaleni abanjwe, abantu bathe uhulumeni waseNingizimu Afrika usahlalelwe okuningi okumele ukufunde kozakwabo eTanzania.
Kuleli sonto ezinkundleni zokuxhumana abantu baphonsele uhulumeni inselelo ukuba usebenzise lo mfutho nentshisekelo onayo ngoBester endabeni kagesi.
USiya Mdluli uthe, “Sekuphele iminyaka emihlanu manje uMengameli uCyril Ramaphosa elungisa indaba kagesi, esikuzwayo nje kongqongqoshe bakhe ukuphawula ngoBester, lapho ngeke ubathinte.” Omunye ophawulile kube uThando Booysen othe, “Sekumele kuvele kwenziwe ifilimu ngendaba kaBester, thina sihleli ebumnyameni amahora amane, side sifundekelwa ngoBester, kwenzenjani bakithi.”
Kube sekuphawula noSbu Mhlanga othe,”Nize nibone ukuthi kudlaliwe ngathi, ngesikhathi kunemashi ye-EFF kwaphela nya ngeload shedding, uze ubone ukuthi yinto yamabomu lena.” Kumanje izwe lisesigabeni se-6 sokucinywa kukagesi. Kwezinye izindawo uhamba amahora amane. UNgqongqoshe kaGesi uKgosientsho Ramokgopa usanda kugxekwa ngokuthi izinto zivele zazimbi kakhulu ekufikeni kwakhe ekubeni wangena nezethembisi ezinkulu. Usanda kumangaza ngesikhathi ethi ubengazi ukuthi ngesonto eledlule izwe lisesigabeni se-8 sokunqanyulwa kukagesi. Wathi ezinye izinto ezidingidwa kwa-Eskom azifinyeleli kuye.