Now Reading
Yize etuswa amaForum ngokulwa nokugebengu, sekunabangena ngenxeba
Dark Light

Yize etuswa amaForum ngokulwa nokugebengu, sekunabangena ngenxeba

Ukudlondlobala kobugebengu obungalawuleki emphakathini sekugqugquzele ukuvuselelwa kwezinhlaka ezilwa nobugebengu ebese zifadalele ezisebenzisana namaphoyisa ezibizwa ngamaCommunity Policing Forum, okanye iForum ngegama elijwayelekile. Lezi zinhlaka sezinconywe kakhulu ngeqhaza lazo ekulweni nesihlava sobugebengu kepha kukhulu nokukhala kwenye ingxenye yomphakathi ngokuthi abangamalungu alezi zinhlaka abasahlukile noqonda.

Isikhalo esikhulu ngesokuthi sebeziphathela umthetho okuyisimo esingaqubula ingozi yokuthi kugcine sekuyibo ababhebhethekisa ubugebengu nezimpi emiphakathini.  Kusuka kuqale unyaka amaForum emphakathini aqalile ukusebenza ezindaweni ezihlukene esifundazweni njengaseMgababa, eMnini, eMbumbulu kweseNkosi uMakhanya, e-Adams Mission, eMbo, KwaNqetho, Njobokazi nezingxenye ezithile zeNanda.

Ezinye zezinto ezenziwa iForum emphakathini ukuhlakaza izidleke zewunga, ukulwa nokugqekezwa kwemizi nokubanjwa kwenkunzi abantu abavuka ekuseni beyogibela. KwaNqetho umphakathi ikakhulukazi abesifazane bebekhala ngokubanjwa inkunzi baphucwe amagrosa namaselula becuthelwa ezitobhini.

Eminyakeni edlule uhlaka lomphakathi olwalulwa nokwebiwa kwemfuyo ezindaweni ezakhele isiFunda uMzinyathi, iSikebhe saqala ngokuchonywa uphaphe lwegwalagwala. Ngokuqhubeka  kwesikhathi iSikebhe sigcine sesigxekwa ngokugasela emizini yabasolwa ngokweba imfuyo bashaywe, kokunye bagcine ngokuphangalala.

Nakulokhu umphakathi usuqalile ukuzwakalisa ukukhathazeka ngendlela amaForum asebenza ngayo kwezinye izindawo. Abakhulume nelaboHlanga KwaNqetho kodwa bacela ukungadalulwa ngoba besabela ukuphepha kwabo bathe sekunzima ngisho nokuhamba ebusuku, uhambela into emqoka yomndeni ngoba uhlangana nayo iForum ikubuze ukuthi uphumaphi kuthi ungakaligwinyi nje usuyashaywa ngaphandle kwesizathu.

“Thina nje esisebenza ebusuku sisenkingeni kakhulu ngoba sigibela izimoto ezisiqathaza ezitobhini lapho leForum ikanisa khona. Emasontweni edlule nje umshayeli obezongishiya uthi uthwale kanzima ephendula imibuzo angayazi emuva kokuba engazange ame ngesikhathi kunemoto emphayizisela amalambu eMbo ifuna ukuba ame. Utsitshele ukuthi ubesaba ngoba kumnyama futhi bekucaca nokuthi akuyona imoto yamaphoyisa, waze wayoma ngasendaweni ekhanyayo. Usitshele ukuthi abagibeli bayo nomshayeli obekungabesilisa bamtshele ukuthi bayasebenza abadingi abantu abazophithizela ebusuku ngoba bangazibona sebethelwa amachaohazelo,” kubeka lesi sakhamuzi.

See Also

Abanye abakhulume naleli phephandaba  eMashiwase ngaseLovu, bathe muhle umsebenzi owenziwa iForum kodwa kunengozi yokuthi kwayibona bagcine sebebukwa njengezigebengu ngoba akukho okuphathekayo abakuvezayo uma bekumisa. “Nakubona bakhona esibaziyo ukuthi bangosomathuba. Thina sasilindele ukuthi kubizwe umhlangano bethulwe ngokusemthethweni emphakathini ilanga libalele, singaboni nje sesivinjwa ebusuku,” kulandisa owesilisa ozibize ngoMsomi.

UMnu uNick Nzama osezinhlakeni zeCommunity Policing Forum (CPF), ekhuluma nephephandaba iHighway Mail wathi  lolu wuhlaka olumqoka ngoba lusungulwe ngokulandela umthethosisekelo futhi lingumxhumanisi namaphoyisa kuphinde kube yilo olungakwazi ukwelusa amaphoyisa ukuze kulandelelwe izenzo zawo futhi aphendule lapho engenzanga khona ngendlela. UNzama olilungu lohlaka olulwa nobugebengu ezindaweni ezise-Outer West okuhlanganisa iKloof, iHillcrest, Inchanga, KwaNyuswa kuze kuyoshaya eMpumalanga eHammarsdale uthi iForum abakuyo imelwe ngumohakathi nesiphoyisa ngenhloso yokukawula izenzo zobugebengu nokwenza ncono indlela yokusebenza kwamaphoyisa. Eqhuba uthi inhloso enkulu yohlaka lokulwa nobugebengu  ukwakha ubudlelwano, ukusebenzisana nokugqugquzela ukubambisana phakathi kwamaphoyisa nomphakathi. Lena kuba yinkundla yezinhlaka ezahlukene emphakathini ezinenhloso eyodwa yokulwa nobugebengu.

Scroll To Top