Now Reading
Yize engasekho Uzohlonishwa kanye neqembu lesizwe emculweni u-Evora
Dark Light

Yize engasekho Uzohlonishwa kanye neqembu lesizwe emculweni u-Evora

UHulumeni waseCape Verde uzohlonipha ingwazi yomculi wakuleliya lizwe ngesikhathi esisodwa neqembu lebhola lesizwe.

UCesaria Evora, ongasekho uzohlonishwa kanye neTubaroes Azuis (Blue Sharks) ngokwenza kahle emihlalweni yeEmuva kokwenza kahle emidlalweni yeNdebe yoMhlaba kweqembu ngonyaka odlule Verde. Le mpelasonto yePhasika izoba ngeyehlukile kulo mculi osehlonishwe ngezindondo eziningi okukhona nenkulukazi yamaGrammy. Wazalwa  zingama-27 kuNcwaba we-1941 eCape Verde okuyisiqhingi

Ngonyaka we-2004 wahlonishwa ngendondo iGrammy nge-albhamu yakhe esihloko sithi  Voz d’Amor. Uzakhele igama ngokungena esteji engazigqokile izicathulo okungenye yezinto eyayenza abalandeli bakhe bambheke ngendlela ehlukile. Akubamba indlela elula eyayibheke empumelelweni yakhe ngoba eseneminyaka eli-10, wayiswa esikhungweni sezintandana ngoba unina ehluleka ukubondla nezinye izingane zakwabo eziyisithupha. Lokho kwamqinisa kakhulu okungangokuba eseneminyaka eli-16 waqala ukucula emkhunjini owawutetemuka izivakashi wasePortugal owawuhambele eCape Verde. Kusuka lapho iphimbo lakhe lazwakala eziteshini eziningi zemisakazo kuleli lizwe.

Inkakha yomculi waseCape Verde uBana wamcela ukuba ayocula kanye naye ePortugal ngowe-1985 okwaba uhambo lwakhe lokuqala phesheya kwezilwandle. Kukulolu hambo lapho umdidiyeli womculo waseLisbon uJosé da Silva amqaphela khona wabe esemfaka ngaphansi kwenkampani yakhe yokuqopha. 

See Also

Le ngqayizivele yethuba yaholela ekutheni aqophe umculo wakhe eParis, eFrance. Ingoma yakhe ayiqopha lapha ethi Ausência yaqanjwa umculi waseYugoslavia uGoran Bregoviv. Indlela le ngoma eyaduma ngayo kwenza nabadidiyeli bengqayi i-Underground bayisebenzisa njengebika layo ngowe-1995.

Scroll To Top